1Konke kunesikhathi sakho, yonke indaba inomzuzu wayo phansi komthunzi welanga.
2Kukhona isikhathi sokuzalwa nesikhathi sokufa; isikhathi sokutshala, nesikhathi sokusiphula okutshaliweyo;
3isikhathi sokubulala, nesikhathi sokuphilisa; isikhathi sokubhidliza, nesikhathi sokwakha;
4isikhathi sokukhala, nesikhathi sokuhleka; isikhathi sokulila, nesikhathi sokusina;
5isikhathi sokusakaza amatshe, nesikhathi sokuwaqoqa; isikhathi sokugona, nesikhathi sokuchiliza;
6isikhathi sokufuna, nesikhathi sokulahlekelwa; isikhathi sokulondoloza, nesikhathi sokusaphaza;
7isikhathi sokudabula, nesikhathi sokuthunga; isikhathi sokuthula, nesikhathi sokukhuluma;
8isikhathi sokuthanda, nesikhathi sokuzonda; isikhathi sokulwa, nesikhathi sokuthula.
9Uzuzani osebenzayo ngomshikashika wakhe na?
10Ngiwubonile umshikashika uNkulunkulu awunike abantu ukuba babe matasatasa ngawo.
11Konke ukwenze kwafanela isikhathi sakho, ngaphezu kwalokho wabeka ukulangazelela iphakade ezinhliziyweni zabantu, kodwa abakwazi ukuyazi imisebenzi kaNkulunkulu kusukela ekuqaleni kwayo kuze kube sekugcineni kwayo.
12Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuthokoza nokuzithokozisa, inqobo nje uma besaphila,
13futhi kuyisipho esivela kuNkulunkulu, asipha umuntu ukuba wonke umuntu adle, aphuze, athokozele wonke umshikashika wakhe.
14Ngiyazi ukuthi noma yini uNkulunkulu ayenzayo imi kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kuyo, nokungasuswa kuyo; uNkulunkulu lokhu ukwenzele ukuba abantu bamesabe.
15Lokhu okukhona, sekwake kwaba khona, nalokho okusazoba khona, sekuvele kukhona. UNkulunkulu uyakufuna osekwake kwenzeka.
16Phezu kwalokho ngabona ukuthi phansi komthunzi welanga, esikhundleni sobulungiswa, kunenkohlakalo; esikhundleni sobuqotho, kunobubi.
17Ngathi enhliziyweni yami: “UNkulunkulu uzobehlulela abaqotho nezikhohlakali, ngokuba yonke indaba nomsebenzi kubekelwe isikhathi sakho.”
18Ngathi enhliziyweni yami: “Maqondana nabantu, uNkulunkulu uyabavivinya ukuze bazibonele ukuthi banjengezilwane.
19Ngokuba okuvelela abantu kuyafana nokwehlela izilwane; njengoba umuntu efa, kanjalo nesilwane siyafa. Konke kunomoya ofanayo, umuntu akazedluli izilwane, ngokuba konke kuyize.
20Konke kuya endaweni eyodwa; konke kuvela othulini, konke kubuyela othulini.
21Ngubani owaziyo ukuthi umoya womuntu uyenyuka kuthi owesilwane wehlele emhlabeni na?”
22Ngakho-ke ngabona ukuthi akukho okungcono kunokuba umuntu athokoze ngomsebenzi wakhe, ngokuba lokho kuyisabelo sakhe; ngubani ongamenza abone okuyakwenzeka nxa esefile na?