Ecclesiastes 82020

1Ngubani ofana nomuntu ohlakaniphile na? Ngubani owazi incazelo yendaba na? Ukuhlakanipha kwenza ubuso bomuntu bukhazimule, nokunyukubala kobuso bakhe kuguquke.

2Ngithi: gcina umyalo wenkosi, ngenxa yesifungo sikaNkulunkulu.

3Ungasheshi ukusuka phambi kwenkosi, ungalibali uma kunodaba olubi, ngokuba yona yenza ngokuthanda kwayo.

4Izwi lenkosi liyabusa, ngubani ongathi kuyo: “Wenzani na?”

5Lowo ohlonipha umyalo akayukwehlelwa ngokubi, ingqondo yohlakaniphileyo iyasiqonda isikhathi esifanele nokwehlulela.

6Ngokuba yonke into inesikhathi sayo esiyifanele, nendlela yokuyenza, nanxa inhlupheko yomuntu inzima emahlombe akhe,

7akazi ukuthi kuzokwenzekani, ngokuba ngubani ongamtshela ukuthi izokwenzeka kanjani?

8Akukho muntu onamandla phezu komoya ukuba awuvimbe, noma amandla phezu kosuku lokufa. Akekho okhululekile empini, kanjalo nobubi abunakubakhulula labo ababenzayo.

9Konke lokhu ngakubona ngesikhathi ngicabangisisa ngengqondo yami zonke izinto ezenzeka phansi komthunzi welanga. Kunesikhathi lapho umuntu ebusa abanye, kube ngukulimala kwakhe.

10Ngabona ababi bengcwatshwa, ababevame ukungena bephuma endaweni engcwele, belibaleka emzini lapho babenza khona lezo zinto; nalokho kuyize.

11Ngenxa yobubi obenziwa bungehlulelwa masinyane, izinhliziyo zabantu ngaphakathi zigcwele ukwenza okubi.

12Noma isoni singona kaningi, siphile isikhathi eside, nokho ngiyazi ukuthi kuzobahambela kahle abamesabayo uNkulunkulu, ngoba bahamba ngokwesaba phambi kwakhe.

13Kodwa akuzukubahambela kahle ababi, izinsuku zabo zokuphila azizukweluleka njengethunzi, ngoba abahambi ngokwesaba phambi kukaNkulunkulu.

14Kunento eyize eyenziwa emhlabeni: kukhona abantu abalungile abehlelwa yizinto ezifana nezehlela ababi, nabantu ababi okwenzeka kubo izinto ezenzeka kwabalungileyo. Ngithi: “Nalokho kuyize.”

15Ngakho-ke mina ngincoma ukuzijabulisa, ngokuba akukho okungcono kumuntu phansi komthunzi welanga, ngaphandle kokuba adle, aphuze, azijabulise, ngokuba lokhu kuyohlala kunaye emshikashikeni wokuphila kwakhe, ngezinsuku uNkulunkulu amuphe zona phansi komthunzi welanga.

16Lapho ngifunisisa ngengqondo yami ukwazi ukuhlakanipha nokubona umsebenzi owenziwa emhlabeni umuntu engalali ubusuku nemini,

17ngabona yonke imisebenzi kaNkulunkulu ukuthi umuntu ngeke ayiqonde yonke imisebenzi eyenzeka phansi komthunzi welanga. Noma umuntu angazihlupha kangakanani eyifunisisa, ngeke ayithole, noma ohlakaniphile angathi uyazi, ngeke ayifumane.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Ecclesiastes 8.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.