Bible

Engage

Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Zechariah 14

:
Zulu - 2020
1 Uyabona-ke, usuku lukaSimakade luyeza, lapho impango ethathwe kuwe iyakwehlukaniswa khona lapha kuwe.
2 Ngiyakuhlanganisa zonke izizwe zilwe neJerusalema. Ziyakudla umuzi; ziphange izindlu, kudlwengule abesifazane, ingxenye yomuzi iyiswe ekuthunjweni, kodwa abantu abaseleyo abayukubulawa emzini.
3 USimakade uyakuphuma alwe nezizwe, kube njengosuku lwakhe lokulwa mhla impi ibambene.
4 Ngalolo lusuku izinyawo zakhe ziyakuma eNtabeni Yeminqumo, leyo ephambi kweJerusalema ngasempumalanga. Intaba yeminqumo iyakuqhekezeka phakathi ngasempumalanga nangasentshonalanga, kube ngumhosha omkhulu. Ingxenye yentaba iyakuqhekezeka ngasenyakatho kuthi enye iqhekezeke ngaseningizimu.
5 Niyobalekela emhosheni wezintaba zami, ngokuba umhosha wezintaba uyofinyelela e-Azali. Niyobaleka njengoba nanibalekela ukuzamazama komhlaba ngezinsuku zika-Uziya inkosi yakwaJuda. USimakade uNkulunkulu wami uyakufika nabo bonke abangcwele kanye nawe.
6 Kuyakuthi ngalolo lusuku kungabi bikho ukukhanya, amakhaza nesithwathwa kushabalale.
7 Kuyakuba usuku oluyisimanga, olwaziwa nguSimakade, kungabi yimini kungabi wubusuku, kodwa kuthi sekuyisikhathi sokuhlwa kube kusakhanya bha.
8 Ngalolo lusuku kuyakugobhoza amanzi okuphila eJerusalema. Ingxenye yawo iyogelezela olwandle ngasempumalanga, enye ingxenye yawo igelezele olwandle ngasentshonalanga, ubusika nehlobo.
9 USimakade uyakuba yiNkosi emhlabeni wonke. Ngalolo lusuku uSimakade uyakuba yedwa vo, negama lakhe libe lilodwa zwi.
10 Izwe lonke liyakuphenduka lifane ne-Arabha kusukela eGebha kuya eRimoni ngaseningizimu yeJerusalema. IJerusalema liyakuphakama lihlale endaweni yalo, kusukela eSangweni LikaBhenjamini kuze kube seSangweni Lakuqala, kufinyelele eSangweni Legumbi; kusukela eMbhoshongweni kaHananeli kuze kube sesikhamweni sewayini lenkosi.
11 Kuyakuhlalwa kulo, kungabe kusaba bikho mbubhiso. IJerusalema liyakuhlala livikelekile.
12 Lokhu kuyakuba ubhubhane uSimakade ayakushaya ngalo izizwe ezaphaka impi zalwa neJerusalema: inyama yabo iyobola bemi ngezinyawo zabo; amehlo abo abole ezikhoxeni zawo, nolimi lwabo lubolele emlonyeni wabo.
13 Kuyakuthi ngalolo lusuku kube khona kubo isiphithiphithi esikhulu esivela kuSimakade. Bayakugxavulana bodwa, umakhelwane abeke isandla umakhelwane wakhe.
14 UJuda naye uyakulwa eJerusalema, kuqoqwe impango yomcebo wezizwe zonke macala wonke, igolide, isiliva nezingubo kube yinqwaba enkulu.
15 Kanjalo ubhubhane luyakufikela amahhashi, iminyuzi, amakameli, izimbongolo, nayo yonke imfuyo esezinkanjini, njengalolo bhubhane.
16 Kuyakuthi bonke abasalayo ezizweni zonke mhla zigasela eJerusalema bakhuphuke njalo unyaka nonyaka bayokhuleka eNkosini uSimakade Wamabandla, futhi bagubhe uMkhosi Wamadokodo.
17 Abangayukukhuphuka emindenini yomhlaba baye eJerusalema ukuyokhuleka eNkosini uSimakade Wamabandla, abayukuba namvula.
18 Uma umndeni waseGibhithe ungayukukhuphuka kulokho kukhuphuka, ubhubhane luyakwehlela kuwo, lolo uSimakade ashaya ngalo izizwe ezingakhuphukanga ukuyogubha uMkhosi Wamadokodo.
19 Lokho kuyakuba yisijesizo sesono saseGibhithe nesijeziso sezizwe ezingakhuphukanga ukuyogubha uMkhosi Wamadokodo.
20 Ngalolo lusuku kuyakulotshwa ezinsimbini zamahhashi ukuthi: “Kwehlukaniselwe uSimakade,” amabhodwe asendlini kaSimakade ayakuba njengemicengezi phambi kwe-althare.
21 Wonke amabhodwe aseJerusalema nakwaJuda ayakwehlukaniselwa uSimakade Wamabandla. Bonke abahlabayo bayakufika, bathathe amanye, bayopheka ngawo. Ngalolo lusuku akuyukuba khona futhi othengisayo endlini kaSimakade Wamabandla.