Revelation 92020

1Ingelosi yesihlanu yayisibetha icilongo; ngase ngibona inkanyezi ivela ezulwini, iwela emhlabeni, yanikwa isihluthulelo somgodi wakwalasha.

2Yavula umgodi wakwalasha; kwaphuma isikhatha sentuthu kungathi intuthu iphuma eziko elikhulu, kwafiphazwa ilanga nomkhathi ngentuthu eyayiphuma emgodini.

3Kwaphuma isikhonyane entuthwini, saqonda emhlabeni, sanikwa amandla afana nalawo anikwa ofezela bomhlaba.

4Satshelwa ukuba singalokothi sone utshani bomhlaba, noma yini eluhlaza, noma nje isihlahla esisodwa, kuphela labo bantu abangenalo uphawu lukaNkulunkulu emabunzini abo.

5Sanikwa ukuba singababulali, kodwa sibahluphe izinyanga ezinhlanu. Ukuhlushwa kwabo kwakufana nobuhlungu bokulunywa ngufezela.

6Ngaleyo mihla abantu bayakukufuna ukufa, kodwa bangakufumani; futhi bayakukufisa ukufa, kepha ukufa kubabalekele.

7Isikhonyane sasifana namahhashi aboshelelwe ukuya empini, emakhanda aso kukhona okufana nemiqhele enjengegolide, ubuso baso bufana nobuso babantu.

8Sasinezinwele ezinjengezinwele zabesifazane, amazinyo aso efana nawezingonyama.

9Sasinezivikelo zezifuba ezinjengezivikelo ezenziwe ngensimbi, umsindo wamaphiko aso wawufana nomdumo wezinqola zamahhashi amaningi egijima eqonde empini.

10Sasinemisila efana nofezela, inezindonsi; nasemisileni yaso kukhona amandla aso okulimaza abantu izinyanga ezinhlanu.

11Sinenkosi esibusayo, ingelosi yakwalasha, igama layo ngesiHebheru kungu-Abhadoni, kodwa ngesiGriki ingu-Apholiyoni.

12UMaye wokuqala usudlulile, kodwa kuseza oMaye ababili emva kwalokho.

13Ingelosi yesithupha yayisibetha icilongo; ngezwa izwi livela ezimpondweni ezine ze-althare legolide eliphambi kukaNkulunkulu,

14lithi kuyo ingelosi yesithupha ephethe icilongo: “Thukulula izingelosi ezine eziboshwe ngasemfuleni omkhulu iYufrathe.”

15Izingelosi ezine ezazilungiselwe ihora, usuku, inyanga, nonyaka, zakhululwa ukuba zibulale okwesithathu kwabantu.

16Ngezwa ukuthi inani lamabutho ayegibele amahhashi lalingaphindwa kabili, liyizi-10 000 eziphindwe kazi-10 000.

17Khona manjalo ngabona embonweni amahhashi nabawagibele befake izivikelo zezifuba, zibomvu njengomlilo nezehiyakinte nezesibabule. Amakhanda amahhashi ayenjengamakhanda amabhubesi, ekhafula umlilo emilonyeni yawo, umusi nesibabule.

18Ngalezo zinhlupheko ezintathu kwabulawa okwesithathu kwabantu, ngomlilo, ngentuthu, nangesibabule okwakukhafulwa yimilomo yawo.

19Ngokuba amandla amahhashi ayesemilonyeni nasemisileni yawo, lokhu imisila yawo yayinjengezinyoka, inamakhanda elimaza ngawo.

20Kepha abanye abantu abangabulawanga ngalezo zinhlupheko abaphendukanga emisebenzini yezandla zabo, ukuba bangakhuleki kuwo amadimoni, nakuzo izithombe zegolide, ezesiliva, ezethusi, ezamatshe, ezemithi, ezingaboni, ezingezwa, nezingahambi.

21Abaphendukanga futhi ekubulaleni, ekuthakatheni, ebufebeni, nasekwebeni kwabo.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Revelation 9.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.