1Kuthe lapho livula uphawu lwesikhombisa, kwathi cwaka ezulwini cishe ingxenye yehora.
2Ngase ngibona izingelosi eziyisikhombisa zimi phambi kukaNkulunkulu, zanikwa amacilongo ayisikhombisa.
3Enye ingelosi yeza, yema ngase-althare, iphethe isithunqiso segolide, yanikwa impepho eningi ukuba iyenezelele emikhulekweni yabangcwele bonke, phezu kwe-althare legolide eliphambi kwesihlalo sobukhosi.
4Intuthu yempepho kanye nemikhuleko yabangcwele kwenyukela phambi kukaNkulunkulu, kusuka esandleni sengelosi.
5Ingelosi yathabatha isithunqiso, yasigcwalisa ngamalahle omlilo wase-althare avuthayo, yasiphonsa emhlabeni, kwase kuba khona ukuduma, umsindo, imibani, nokuzamazama komhlaba.
6Izingelosi eziyisikhombisa ezaziphethe amacilongo ayisikhombisa; zazilungiselela ukuwabetha.
7Eyokuqala yalibetha icilongo; kwase kuba khona isichotho nomlilo kuxutshwe negazi, kwaphonswa emhlabeni. Kwathi okwesithathu komhlaba kwasha kwangqongqa, okwesithathu kwezihlahla nakho kwasha kwaphela, nabo bonke utshani obuluhlaza, basha baba ngumlotha.
8Ingelosi yesibili yabetha icilongo; kwaba sengathi intaba enkulu ivutha umlilo, yaphonswa olwandle. Okwesithathu kolwandle kwaphenduka igazi,
9kwafa okwesithathu kokudaliweyo okuphilayo okwakusolwandle, nokwesithathu kwemikhumbi kwabhujiswa.
10Ingelosi yesithathu yabetha icilongo; kwase kuwa ezulwini inkanyezi enkulu ivutha njengesibani, yawela phezu kokwesithathu kwemifula naphezu kwemithombo yamanzi.
11Igama lenkanyezi kuthiwa uMhlonyane. Okwesithathu kwamanzi kwaba ngumhlonyane, kwafa abantu abaningi ngenxa yamanzi, ngokuba ayenziwe ababa.
12Ingelosi yesine yayisibetha icilongo; kwashaya ingxenye yokwesithathu kwelanga, okwesithathu kwenyanga, okwesithathu kwezinkanyezi, ukuze okwesithathu kokukhanya kwakho kube mnyama nokwesithathu kwemini kungakhanyi, kanjalo nobusuku.
13Ngase ngibona, futhi ngezwa ukhozi lundiza emkhathini wezulu, lumemeza ngezwi elikhulu, luthi: “Maye, maye, maye kulabo abakhileyo emhlabeni, lapho sekukhala amacilongo asasele, njengoba izingelosi ezintathu zizakuwabetha!”