Bible

Create

Inspiring Presentations Without Hassle

Try Risen Media.io Today!

Click Here

Psalms 76

:
Zulu - 2020
1 UNkulunkulu uyaziwa kwaJuda, igama lakhe likhulu kwa-Israyeli.
2 Ithabanakeli lakhe liseSalema, nendlu yakhe iseZiyoni.
3 Kulapho ayephula khona imicibisholo yomnsalo, isihlangu, inkemba, nempi.
4 Lapho uvela ezintabeni zempango, uyakhazimula ngobukhosi.
5 Amaqhawe aphangiwe, alala obokugcina, akukho qhawe elikwaze ukusebenzisa izandla zalo.
6 Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe, inqola nehhashi kwehlelwe ngubuthongo.
7 Wena, yebo, Wena uyesabeka; ngubani ongema phambi kwakho lapho uthukuthele na?
8 Wezwakalisa ukwehlulela kuvela ezulwini, umhlaba wesaba, wathula
9 mhla evuka uNkulunkulu ukuba ahlulele, asindise bonke abathobekileyo bomhlaba.
10 Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa, insalelo yolaka uyakuyibhinca.
11 Thembisani, nizifeze izithembiso enizenza kuSimakade uNkulunkulu wenu. Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owesabekayo.
12 Unquma umoya wezikhulu, uyesabeka emakhosini omhlaba.