1UNkulunkulu uyaziwa kwaJuda, igama lakhe likhulu kwa-Israyeli.
2Ithabanakeli lakhe liseSalema, nendlu yakhe iseZiyoni.
3Kulapho ayephula khona imicibisholo yomnsalo, isihlangu, inkemba, nempi.
4Lapho uvela ezintabeni zempango, uyakhazimula ngobukhosi.
5Amaqhawe aphangiwe, alala obokugcina, akukho qhawe elikwaze ukusebenzisa izandla zalo.
6Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe, inqola nehhashi kwehlelwe ngubuthongo.
7Wena, yebo, Wena uyesabeka; ngubani ongema phambi kwakho lapho uthukuthele na?
8Wezwakalisa ukwehlulela kuvela ezulwini, umhlaba wesaba, wathula
9mhla evuka uNkulunkulu ukuba ahlulele, asindise bonke abathobekileyo bomhlaba.
10Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa, insalelo yolaka uyakuyibhinca.
11Thembisani, nizifeze izithembiso enizenza kuSimakade uNkulunkulu wenu. Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owesabekayo.
12Unquma umoya wezikhulu, uyesabeka emakhosini omhlaba.