Bible

Connect

With Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 75

:
Zulu - 2020
1 Siyakubonga Nkulunkulu, siyabonga; igama lakho liseduze, balanda ngezimangaliso zakho.
2 Wena uthi: “Uma ngiqoka isikhathi esimisiweyo, yiMina engehlulela ngokulunga.
3 Umhlaba uyancibilika nabo bonke abakhe kuwo; Mina ngizimisile izinsika zawo.”
4 Ngithe kwabazidlayo: “Ningazidli,” nakwababi: “Ningaziphakamisi.
5 Ningazikhukhumezi; ningakhulumi ngokwedelela nokuqhosha.”
6 Ngokuba ukuphakanyiswa akuveli empumalanga, entshonalanga nasehlane ezintabeni,
7 kodwa uNkulunkulu ungumehluleli; omunye uyamehlisa, omunye amphakamise.
8 Esandleni seNkosi kukhona isitsha, iwayini liyakhephuzela, sigcwele iwayini eliqungiweyo; yiyona elithunga ngaso. Bonke ababi abasemhlabeni impela boyimunca inhlese yalo, bayiphuze.
9 Kepha mina ngiyakumemezela ngakho kuze kube phakade, ngidumise uNkulunkulu kaJakobe.
10 Wonke amandla ezikhohlakali ngiyowaqeda nya, kodwa ngiwandise awabalungileyo.