1Inhliziyo yami iyaphuphuma ngenxa yendaba enhle, ngikhuluma ngegama engiliqambe ngenkosi, ulimi lwami lulusiba lobhala ngokushesha.
2Wena umuhle kunabo bonke abantu, umusa uthululelwe ezindebeni zakho. Ngakho-ke uNkulunkulu ukubusisile kuze kube phakade.
3Gaxa inkemba yakho enqulwini, wena qhawe, ngodumo nobukhosi bakho.
4Gibela ebukhosini bakho ngokunqoba, ngenxa yeqiniso, ukuthobeka nokulunga; isandla sakho sokunene masikufundise izenzo ezimangalisayo.
5Imicibisholo yakho icijile, ingena enhliziyweni yezitha zenkosi, izizwe ziwa phansi kwakho.
6Nkulunkulu, isihlalo sakho sobukhosi simi kuze kube phakade. Intonga yokulunga iyintonga yombuso wakho.
7Uthanda ukulunga, uzonde ububi. Yingakho uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ekugcobe ngamafutha entokozo ngaphezulu kwabangani bakho.
8Zonke izingubo zakho ziqholwe ngemure nenhlaba nekhasiya. Imiqangala evela ezigodlweni zophondo lwendlovu iyakwethabisa.
9Amadodakazi amakhosi aphakathi kwabesifazane bakho abadumileyo, indlovukazi imi ngakwesokunene sakho, ihlobe ngegolide lase-Ofiri.
10Lalela-ke, ndodakazi, qaphela, ubeke indlebe yakho, ukhohlwe ngabantu bakini nangendlu kayihlo,
11khona inkosi izokhangwa ngubuhle bakho, ngokuba yona iyinkosi yakho, uboyikhothamela.
12Indodakazi yaseThire nabantu abacebileyo bancenga umusa wakho ngesipho.
13Indodakazi yenkosi yinhle kakhulu ilapho phakathi; ingubo yayo ifekethiswe ngegolide.
14Iyiswa enkosini igqoke izingubo ezifekethisiweyo, ikhashwa yizintombi ezingabangani bayo, zilethwa kuwe.
15Ngenjabulo nangentokozo, bayazihola njengoba zingena esigodlweni senkosi.
16Amadodana akho ayohlala esikhundleni sawoyihlomkhulu, uwabeke abe yizikhulu emhlabeni wonke.
17Igama lakho ngizolenza likhunjulwe yizizukulwane ngezizukulwane, ngakho-ke izizwe ziyokubonga kuze kube phakade.