1Nkulunkulu, sizwile ngezindlebe zethu, nokhokho bethu besitshela lokho owakwenza emihleni yabo, emihleni yasemandulo.
2Wena ngesandla sakho, waxosha izizwe, bona wabatshala; wazibhubhisa izizwe, bona wabakhulula.
3Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kodwa kwaba yisandla sakho sokunene nengalo yakho, nokukhanya kobukhona bakho, ngokuba wethaba ngabo.
4Wena uyiNkosi yami, Nkulunkulu, yaleza ukunqoba kukaJakobe.
5Ngawe sizakuzilahla phansi izitha zethu, ngegama lakho sizakubanyathela abasivukelayo.
6Ngokuba angethembele emnsalweni wami, nenkemba yami ayingisindisanga.
7Kepha nguwe osisindisile ezitheni zethu, wabathela ngehlazo abasizondayo.
8Sizincoma njalo ngoNkulunkulu wethu, silibonge igama lakho ingunaphakade.
9Nokho usilahlile, wasijabhisa, futhi awusaphumi nezimpi zethu.
10Usihlehlisela emuva esitheni, abasizondayo bayaziphangela.
11Usenze safana nezimvu zokuhlatshwa, wasihlakazela phakathi kwezizwe.
12Isizwe sakho usithengise ngenani eliphansi, wangathola nzuzo ngaso.
13Usenze isethuko komakhelwane bethu, inhlekisa nendumalo kwabasiphahlileyo.
14Usenze isaga kwabezizwe, banikina amakhanda phakathi kwabantu.
15Usuku lonke, ukudunyazwa kwami kuphambi kwami, ihlazo lemboze ubuso bami
16ngenxa yoklolodayo nojivazayo, nangenxa yesitha nomphindiseleli.
17Konke lokhu kusehlele, kodwa akusenzanga sakhohlwa nguwe, asisephulanga isivumelwano sakho.
18Izinhliziyo zethu azikufulathelanga, izinyathelo zethu aziphambukanga endleleni yakho,
19kodwa usiphahlazele endaweni yezimpungushe, wasemboza ngethunzi lokufa.
20Uma singakhohlwa yigama likaNkulunkulu wethu, noma izandla zethu sizivulele unkulunkulu ongaziwa,
21ngeke yini uNkulunkulu azi ngalokho na? Ngokuba Yena wazi izimfihlo ezisenhliziyweni.
22Ngenxa yakho, sibulawa usuku lonke, sifana nezimvu zokuhlatshwa.
23Vuka, Nkosi! Ulaleleni na? Ungasilahli njalonjalo.
24Ubufihlelani ubuso bakho, ukhohlwe ukuhlupheka nokucindezelwa kwethu na?
25Ngokuba sibishe othulini; imizimba yethu inamathele emhlabathini.
26Sukuma, usisize. Sihlenge ngenxa yomusa wakho.