Psalms 37
1 Ungakhathazeki ngababi, ungabi namona ngabenza okungalungile,
2 ngokuba bazosishulwa masinyane njengotshani, babune njengemifino.
3 Thembela kuSimakade, wenze okuhle, ukuze uhlale ezweni, uzondle ngokukholeka;
4 zithokozise ngoSimakade, khona ezokunika okufiswa yinhliziyo yakho.
5 Nikela indlela yakho kuSimakade; umethembe, Yena uzokwenzela okufisayo.
6 Ukulunga kwakho kukhanye njengelanga; nobulungiswa njengemini.
7 Thula phambi kukaSimakade, umlindele ngesineke; ungakhathazeki ngonempumelelo endleleni yakhe, ngomuntu oceba amacebo amabi.
8 Deda entukuthelweni, uyeke ulaka, ungakhathazeki, lokho kuholela ebubini nje.
9 Ngokuba ababi bayobhujiswa, kodwa labo abalindela uSimakade ngesineke, bayodla ifa lomhlaba.
10 Kusazothatha isikhashana engabe esababikho omubi, uyothi lapho uhlola indawo abe kuyo, ungamfumani.
11 Kepha abathobekileyo bazokudla ifa lezwe, bathokozele ukuthula okukhulu.
12 Omubi umsongela okubi olungileyo, amququdele amazinyo.
13 INkosi imhleka usulu, ngokuba iyabona ukuthi usuku lwakhe selusondele.
14 Ababi bahosha inkemba, bansale iminsalo yabo ukuze baqumbe phansi abampofu nabantulayo, babulale ohamba ngokulunga.
15 Izinkemba zabo zizodla bona, neminsalo yabo iphoqozwe.
16 Kungcono okuncane anakho umuntu olungileyo, kunengcebo yababi abaningi.
17 Izingalo zababi zizophoqozwa, kodwa uSimakade uyabasimamisa abalungileyo.
18 USimakade uyazazi izinsuku zabamsulwa, ifa labo liyokuma kuze kube phakade.
19 Abayukujabha ngesikhathi esibi; bayoba nenala ngezinsuku zendlala.
20 Ababi bayobhubha, izitha zikaSimakade zishabalale njengobuhle bamadlelo. Ziyonyamalala njengentuthu, zishabalale.
21 Omubi uyoboleka angakubuyiseli, kodwa olungileyo unesisa, uyaphana.
22 Ababusisileyo bazodla ifa lomhlaba; abaqalekisileyo babhubhe.
23 USimakade uyaziqinisa izinyathelo zomuntu lapho eyithanda indlela yakhe.
24 Uma ewa, akayukufumbeka phansi, ngokuba uSimakade ubamba isandla sakhe.
25 Kade ngimusha, manje sengimdala, kodwa angikaze ngimbone olungileyo eshiyiwe, nozalo lwakhe luyizinxibi.
26 Uphana, atshelekise ekhululekile, nozalo lwakhe luyisibusiso.
27 Deda kokubi, wenze okuhle, uyakuhlala kuze kube phakade.
28 Ngokuba uSimakade uyabuthanda ubulungiswa, abathembekileyo bakhe akabashiyi. Ubalondoloza kuze kube phakade, kodwa abozalo lwababi bazobhujiswa.
29 Abalungileyo bazokudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo ingunaphakade.
30 Umlomo wolungileyo ushumayela ukuhlakanipha, ulimi lwakhe lukhuluma ubulungiswa.
31 Umthetho kaNkulunkulu wakhe usenhliziyweni yakhe, izinyathelo zakhe aziyukushelela.
32 Omubi uqamekela olungileyo, ufuna ukumbulala.
33 USimakade akayukumnikela esandleni sakhe, akuyukumlahla ngecala lapho ehlulelwa.
34 Lindela uSimakade, ugcine indlela yakhe, Yena uzokuphakamisa udle ifa lomhlaba, uyobona lapho sebebhujiswa ababi.
35 Ngimbonile omubi oyisidlova, enabise okomsedari eLebhanoni ogxilileyo.
36 Kwathi lapho ngedlula ngalapho, wayengasabonwa nangalukhalo, ngamfuna, kodwa angabe ngisamfumana.
37 Mqaphele ongenasici, umbheke oqotho, ngokuba uyobona izizukulwane onokuthula.
38 Kepha abaphambukayo bayobhujiswa, baphele nya, nekusasa lababi lishabalale.
39 Insindiso yabalungileyo ivela kuSimakade, uyinqaba yabo ngesikhathi senhlupheko.
40 USimakade uyobasiza, abakhulule; ubakhulula kwababi, abasindise, ngokuba bayamethemba.