Bible

Say Goodbye

To Clunky Software & Sunday Tech Stress!

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 36

:
Zulu - 2020
1 Isiphambeko sithi komubi, ekujuleni kwenhliziyo yaso: “Akukho ukwesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo akhe.”
2 Ngokuba ukonakala kwakhe kuyamyenga, ukuze kungafunyanwa okumenza azondwe.
3 Akusho ngomlomo wakhe wukona nenkohliso, ukuyekile ukwenza ukuhlakanipha nokwenza okuhle.
4 Ulele ecansini, uceba ububi, uzimisele ngendlela engalungile, akakwenyanyi okubi.
5 Simakade, umusa wakho ufinyelela emazulwini, ukwethembeka kwakho kufika emafwini.
6 Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulu, ukwehlulela kwakho kunjengotwa olujulile. Simakade, usindisa abantu nezilwane ngokufanayo.
7 Umusa wakho uligugu, Nkulunkulu! Bonke abantu baphephela phansi komthunzi wamaphiko akho.
8 Bazitika ngokumtoti okusendlini yakho, ubaphuzise emfuleni wokuthokoza kwakho.
9 Ngokuba umthombo wokuphila ukuwe, ukukhanya sikubona ekukhanyeni kwakho.
10 Mawuqhubeke njalo umusa wakho kulabo abakwaziyo, nokulunga kwakho kwabaqotho ngenhliziyo.
11 Unyawo lozidlayo lungifihlize, noma isandla somubi singixoshe.
12 Bheka, abenzi bobubi bawile, baqunjwe phansi, abaseyukuvuka.