Psalms 21
1 Simakade, inkosi iyethaba ngamandla akho; ithokoza kakhulu ngokuyihlenga kwakho.
2 Uyiphe obekufiswa yinhliziyo yayo, awuyigodlelanga ebikucela ngezindebe zomlomo wayo.
3 Uyihlangabeze ngezibusiso ezinhle, wayethwesa umqhele wegolide elicwengekileyo ekhanda layo.
4 Yacela kuwe ukuphila, wayipha khona; yaphila izinsuku eziningi, kwaze kwaba ingunaphakade.
5 Inkulu inkazimulo yayo ngokuyinqobisa kwakho; uyethwese udumo nobukhosi.
6 Ngokuba uyibeke ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade; uyenza ithokoze, ijabule ngobukhona bakho.
7 Inkosi yethembele kuSimakade, nangenxa yesihawu soPhezukonke ayiyukunyakaziswa.
8 Isandla sakho siyozifumana zonke izitha zakho; esokunene sakho sibathole abakuzondayo.
9 Ngesikhathi sentukuthelo yakho, uyobenza bafane nesithando somlilo. USimakade uyobasobozela ngentukuthelo yakhe, umlilo ubashwabadele.
10 Uzalo lwabo uyolubhubhisa emhlabeni, nesizukulwane sabo, phakathi kwabantu.
11 Uma bekwakhela uzungu, beceba okubi ngawe, abayukuphumelela;
12 ngokuba uyobaciba ngomcibisholo wakho bebuka, bashaye bachithe.
13 Phakama ngamandla akho, Simakade. Thina sizohlabelela, situse amandla akho.