Psalms 212020

1Simakade, inkosi iyethaba ngamandla akho; ithokoza kakhulu ngokuyihlenga kwakho.

2Uyiphe obekufiswa yinhliziyo yayo, awuyigodlelanga ebikucela ngezindebe zomlomo wayo.

3Uyihlangabeze ngezibusiso ezinhle, wayethwesa umqhele wegolide elicwengekileyo ekhanda layo.

4Yacela kuwe ukuphila, wayipha khona; yaphila izinsuku eziningi, kwaze kwaba ingunaphakade.

5Inkulu inkazimulo yayo ngokuyinqobisa kwakho; uyethwese udumo nobukhosi.

6Ngokuba uyibeke ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade; uyenza ithokoze, ijabule ngobukhona bakho.

7Inkosi yethembele kuSimakade, nangenxa yesihawu soPhezukonke ayiyukunyakaziswa.

8Isandla sakho siyozifumana zonke izitha zakho; esokunene sakho sibathole abakuzondayo.

9Ngesikhathi sentukuthelo yakho, uyobenza bafane nesithando somlilo. USimakade uyobasobozela ngentukuthelo yakhe, umlilo ubashwabadele.

10Uzalo lwabo uyolubhubhisa emhlabeni, nesizukulwane sabo, phakathi kwabantu.

11Uma bekwakhela uzungu, beceba okubi ngawe, abayukuphumelela;

12ngokuba uyobaciba ngomcibisholo wakho bebuka, bashaye bachithe.

13Phakama ngamandla akho, Simakade. Thina sizohlabelela, situse amandla akho.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Psalms 21.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.