Psalms 202020

1USimakade makakuphendule ngosuku lwenhlupheko. Igama likaNkulunkulu kaJakobe malikuvikele.

2Makakuthumelele usizo oluvela endlini engcwele, akweseke eseZiyoni.

3Makayikhumbule yonke iminikelo yakho, awemukele umnikelo wakho wokushiswa.

4Makakuphe okufiswa yinhliziyo yakho, afeze zonke izinhloso zakho.

5Sihlokome, sihalalise ngokunqoba kwakho, siphakamise ibhanela egameni likaNkulunkulu wethu. USimakade makaphumelelise konke okucelayo.

6Manje sengiyaqonda ukuthi uSimakade uyamsindisa ogcotshiweyo wakhe: uyamphendula esezulwini lakhe elingcwele ngamandla okusindisa asesandleni sakhe sokunene.

7Abanye bagabe ngezinqola zempi, abanye ngamahhashi, kodwa thina sethembele egameni likaSimakade uNkulunkulu wethu.

8Bayowa bashaye ngamadolo phansi, kepha thina siyovuka, sime.

9Sindisa, Simakade! INkosi mayisiphendule ngosuku lokukhala kwethu.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Psalms 20.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.