Bible

Power Up

Your Services with User-Friendly Software

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 20

:
Zulu - 2020
1 USimakade makakuphendule ngosuku lwenhlupheko. Igama likaNkulunkulu kaJakobe malikuvikele.
2 Makakuthumelele usizo oluvela endlini engcwele, akweseke eseZiyoni.
3 Makayikhumbule yonke iminikelo yakho, awemukele umnikelo wakho wokushiswa.
4 Makakuphe okufiswa yinhliziyo yakho, afeze zonke izinhloso zakho.
5 Sihlokome, sihalalise ngokunqoba kwakho, siphakamise ibhanela egameni likaNkulunkulu wethu. USimakade makaphumelelise konke okucelayo.
6 Manje sengiyaqonda ukuthi uSimakade uyamsindisa ogcotshiweyo wakhe: uyamphendula esezulwini lakhe elingcwele ngamandla okusindisa asesandleni sakhe sokunene.
7 Abanye bagabe ngezinqola zempi, abanye ngamahhashi, kodwa thina sethembele egameni likaSimakade uNkulunkulu wethu.
8 Bayowa bashaye ngamadolo phansi, kepha thina siyovuka, sime.
9 Sindisa, Simakade! INkosi mayisiphendule ngosuku lokukhala kwethu.