Psalms 172020

1Ake ulalele udaba lwami, Simakade, ulalele ukukhala kwami, ubeke indlebe yakho emkhulekweni wami ophuma emlonyeni ongenankohliso.

2NguWena kuphela ongangikhipha phambili; amehlo akho ayakubona okuliqiniso.

3Uyivivinyile inhliziyo yami, wangihambela ebusuku; uyangihlolisisa, kepha awufumani lutho; nginqumile ukuba ngingoni ngomlomo wami.

4Angenzi njengabantu abaningi, ngokuba ngithobela izwi lakho, ngiyazigwema izindlela zezidlova.

5Izinyathelo zami zisemkhondweni wakho, izinyawo zami azizange zishelele.

6Ngiyakukhala kuwe, ngokuba uyongiphendula, Nkulunkulu; beka indlebe yakho kimi, uzwe engikukhulumayo.

7Bonakalisa uthando lwakho olungapheliyo, Wena osindisa ngesokunene sakho abaphephela kuwe kulabo ababavukelayo.

8Ngivikele njengenhlamvu yeso, ungifihle emthunzini wamaphiko akho,

9kwababi abangicindezelayo, nasezitheni zami ezingihaqileyo.

10Zivalile izinhliziyo zazo, azinasihe, zikhuluma zizigqaja ngemilomo yazo.

11Ziyangilandela noma ngiyaphi, ziyangizungeza, zingithe njo ngamehlo azo, ukuze zingithele othulini.

12Ufana nebhubesi elilambile, nanjengebhongo lengonyama licuthe ehlozini.

13Yima ngomumo, Simakade, ubhekane nazo, ziqumbe phansi. Sindisa umphefumulo wami ngenkemba yakho,

14nakubantu, ngesandla sakho, Simakade, abantu abasabelo sabo kulo mhlaba sikulokhu kuphila, nabazisu zabo uzigcwalisa ngalokho obabekele khona, nabashiyela izingane zabo okuningi okusele kubo.

15Kepha mina ngizobuka ubuso bakho ekulungeni, ngeneliswe ngubunjalo bakho lapho ngivuka.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Psalms 17.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.