Bible

Create

Inspiring Presentations Without Hassle

Try Risen Media.io Today!

Click Here

Psalms 11

:
Zulu - 2020
1 Ngiphephela kuwe Simakade; uyisiphephelo sami. Kungani pho nithi kimi: “Balekela ezintabeni njengenyoni.
2 Bheka, izikhohlakali zinsala iminsalo, sezifake imicibisholo yazo emnsalweni, ukuze zicibe ebumnyameni abaqotho ngenhliziyo.
3 Olungileyo uyokwenzenjani, lapho zibhujiswa izisekelo zomhlaba,” na?
4 USimakade usethempelini lakhe elingcwele. Isihlalo sakho Simakade sisezulwini. Amehlo akho ayabona, ukubheka kwakho kuyabahlolisisa abantwana babantu.
5 USimakade uyamvivinya olungileyo, kodwa uyamzonda othanda ubudlova.
6 Uyakunisa imvula yamalahle avuthayo nesibabule phezu kwababi, nomoya weshisandlu ube yisabelo sabo.
7 Ngokuba uSimakade ulungile, uyazithanda izenzo ezilungileyo; abaqotho bayakububona ubuso bakhe.