Psalms 102020

1Simakade, kungani umele kude na? Uzifihlelani ngezikhathi zokuhlupheka na?

2Ngokuqhosha, ababi bahlupha abampofu. Mababanjwe emacebeni abawacebileyo.

3Isikhohlakali siyazigabisa ngokufiswa yinhliziyo yaso. Abanomhobholo bayaqanganisa, bedelela uSimakade.

4Isikhohlakali siyazigqaja, asifuni ukubuyela kuwe, ngisho nje ukuba sicabange ngawe.

5Izindlela zaso zethembekile izikhathi zonke; izehlulelo zakho ziphakeme kakhulu kunokubona kwaso; zonke izitha zaso uyazidelela.

6Enhliziyweni yaso sizindla sithi: “Angisoze ngazanyazanyiswa, izizukulwane ngezizukulwane, angisoze ngahlupheka.”

7Umlomo waso ugcwele iziqalekiso, inkohliso nencindezelo; phansi kolimi lwaso kukhona ukuganga nobubi.

8Silala unyendle emizini, ezindaweni ezinamathunzi, ukuze sibulale ongenacala; amehlo aso abheke labo abangenamandla.

9Sicuthisa okwebhubesi elilambile ehlozini, sethembe ukubamba ohluphekileyo, simhudulele ogibeni lwaso.

10Siyakhokhoba, simnyonyobele, simshaye phansi ngamandla aso.

11Siyacabanga sithi enhliziyweni yaso: “UNkulunkulu akanakile, akabhekile ngakimi, futhi ngeke angibone.”

12Simakade Nkulunkulu, yima ngomumo! Bonakalisa amandla akho, ungamkhohlwa osekuhluphekeni.

13Nkulunkulu, kungani ukuba isikhohlakali sikwedelele sicabange sithi: “Ngeke wangenza lutho,” na?

14Kepha Wena uyamqaphela osenkathazweni nasosizini, wenze okuthile ngaye. Abampofu bangethembela kuwe, nezintandane ngokunjalo.

15Nqamula imisipha yengalo yesonakali, ujezise ababi ngenkohlakalo yabo, iphele ingabe isaphushwa nakuphushwa!

16USimakade uyobusa ingunaphakade, abezizwe babhujiswe ezweni lakho.

17Simakade, uyakuzwa ukukhala kokulangazelela kwabahluphekileyo. Ubanikeza ithemba, bese ukulalela ukukhala kwabo becela usizo;

18umela izintandane nabacindezelweyo, ukuze kungabi bikho namunye emhlabeni, ozoba yingozi komunye.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Psalms 10.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.