Psalms 108
1 Inhliziyo yami yethabile, Nkulunkulu, ngizohlabelela, ngihube ngakho konke okwami.
2 Vukani, lugubhu nehabhu! Ngizakuvusa ukusa.
3 Simakade ngizokubonga phakathi kwabantu, ngikudumise phakathi kwezizwe,
4 ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwamazulu, ukwethembeka kwakho kufinyelela emafini.
5 Phakama Nkulunkulu, phezu kwamazulu! Mayibe phezu komhlaba wonke inkazimulo yakho.
6 Abathandekayo bakho mabakhululwe, sindisa ngesandla sakho sokunene, ungiphendule.
7 UNkulunkulu ukhulumile ebungcweleni bakhe, wathi: “Ngiyakwethaba, ngiyakulidabula iShekhemi, ngisilinganise isigodi iSukhothi.
8 Ngowami uGileyadi, ngowami uManase, u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa.
9 UMowabi uyisitsha sami sokugezela; phezu kuka-Edomi ngiphonsa isicathulo sami; phezu kweFilistiya, ngimemeza ngokunqoba.”
10 Ngubani oyakungiyisa emzini oyinqaba na? Ngubani oyakungiholela kwa-Edomi na?
11 Akunguwe yini Nkulunkulu osilahlileyo na? Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu.
12 Siphe ukuba sisizakale ekuhluphekeni, ngokuba ukusiza komuntu kuyize.
13 NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla, Yena uyofihliza izitha zethu.