Bible

Power Up

Your Services with User-Friendly Software

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 107

:
Zulu - 2020
1 Bongani uSimakade ngokuba muhle, umusa wakhe umi ingunaphakade.
2 Abahlengiweyo bakaSimakade mabasho njalo, labo abahlenge esandleni sesitha,
3 wabaqoqa emazweni, kusukela empumalanga, entshonalanga, enyakatho, nasolwandle.
4 Bazulazula ehlane, abaze bayithola indlela yokuya emzini ababezohlala kuwo.
5 Belambile futhi bomile, imiphefumulo yabo yaphelelwa ngamandla.
6 Base bekhala kuSimakade ekuhluphekeni kwabo, wayesebakhulula ezinsizini zabo.
7 Wabahola ngendlela eqondileyo ukuze baye emzini ababezohlala kuwo.
8 Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu.
9 Ngokuba Yena usuthise umphefumulo olangazelelayo, nenhliziyo elambileyo wayigcwalisa ngokuhle.
10 Labo ababehlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa, bekhungethwe wusizi nenhlupheko,
11 ngokuba baphambana namazwi kaNkulunkulu, basidelela iseluleko soPhezukonke.
12 Inhliziyo yabo wayithobisa ngokuhlupheka, bawa, kepha akubanga bikho obasizayo.
13 Ekuhluphekeni kwabo bakhala kuSimakade, Yena wabakhulula ezinsizini zabo.
14 Wabakhipha ebumnyameni nasethunzini lokufa, wagqabula izibopho zabo.
15 Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu.
16 Ngokuba wephule amasango ethusi, wanquma imigoqo yensimbi.
17 Babe yiziwula ngenxa yeziphambeko zabo nangenxa yobubi babo, bahlushwa.
18 Inhliziyo yabo yenyanya konke ukudla, basondela emasangweni okufa.
19 Base bekhala kuSimakade ekuhluphekeni kwabo, wayesebakhulula ezinsizini zabo.
20 Wathumela izwi lakhe, wabaphilisa, wabahlenga emathuneni abo.
21 Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe, nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu.
22 Mabanikele iminikelo yokubonga, balande imisebenzi yakhe ngokwethaba.
23 Abanye behlela olwandle ngemikhumbi, bahwebelana emanzini amaningi.
24 Labo bayibona imisebenzi kaSimakade nezimangaliso zakhe ekujuleni,
25 ngokuba wakhuluma, wavusa umoya wesiphepho owaphakamisa amadlambi olwandle.
26 Bakhuphukela emazulwini, babuye behlela ezinzulwini zolwandle, umphefumulo wadangala ngenxa yosizi.
27 Bayendayenda, bantengezela njengodakiweyo, konke ukuhlakanipha kwabo kwaphela nya.
28 Base bekhala kuSimakade ekuhluphekeni kwabo, wayesebakhulula ezinsizini zabo.
29 Wathulisa isiphepho, kwathula du, kwathula namadlambi olwandle.
30 Base bethokoza, ngokuba kwaba ngukuthula, wabaholela ethekwini lokufisa kwabo.
31 Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu.
32 Mabamphakamise ebandleni labantu, bamdumise emhlanganweni wamalunga.
33 Imifula wayiphendula ihlane, nemithombo yamanzi, isigagadu,
34 nezwe elivundileyo laba wugwadule lukasawoti ngenxa yobubi yababehleli kulo.
35 Ihlane waliphendula amachibi amanzi, nomhlabathi owomileyo, imithombo yamanzi.
36 Wabahlalisa khona abalambileyo, bakha khona umuzi, bahlala kuwo.
37 Balima amasimu, batshala isivini, kwabathelela izithelo.
38 Wababusisa, banda kakhulu, akaze ayinciphisa imfuyo yabo.
39 Babuye bancipha, bathotshiswa ngokucindezelwa, ngezinkathazo nangosizi.
40 Izikhulu wazithela ngendelelo, wabazulazulisa ehlane kungenandlela.
41 Kepha owentulayo, wamtakula osizini, imindeni yabo wayenza yaba njengomhlambi.
42 Olungileyo uyokubona lokho, ajabule, bonke ububi buvale imilomo yabo.
43 Ngubani ohlakaniphileyo na? Makakuqaphelisise lokhu; bawuqonde umusa kaSimakade.