Bible

Simplify

Your Church Tech & Streamline Your Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Obadiah 1

:
Zulu - 2020
1 Umbono ka-Obhadiya. Isho kanje iNkosi uSimakade ngo-Edomi, ithi: Sizwile umbiko ovela kuSimakade ngesithunywa esithunywe kwabezizwe ukuthi: “Vivani, masimhlasele.”
2 Uyabonake, ngiyakukwenza ube mncane kwabezizwe; ubukelwe phansi ngokwedlulele.
3 Ukuqhosha kwenhliziyo yakho kukukhohlisile wena ohlala emifantwini yamadwala, ondawo yakho iphezulu, othi enhliziyweni yakho: Ngubani nje ongangehlisela phansi emhlabeni na?
4 Noma ungaphakama njengokhozi, noma ngabe isidleke sakho singakhiwa phakathi kwezinkanyezi, ngiyakukwehlisa khona lapho, kusho uSimakade.
5 Uma uthelekelwa ngamasela, nabaphangi ebusuku, uyakuphundlwa kangakanani! Abayukweba yini bazanelise bona na? Uma abavuna izithelo zomvini begaleleka kuwe, abayukuwushiya yini umkhothozo na?
6 Maye, ngokuphundlwa kuka-Esawu, nokuvundululwa komcebo wakhe obufihliwe!
7 Bonke owenze isivumelwano nabo bayakukuxoshela emingceleni; abantu obuhleli nabo ngokuthula bayakukukhohlisa, bakunqobe; labo obudla isinkwa sakho nabo bayakubeka ugibe phansi kwakho; akekho oluqondayo.
8 Ngalolo lusuku, angiyubaqeda yini nya abahlakaniphileyo kwa-Edomi, nokuqonda entabeni yakwa-Esawu na? kusho uSimakade.
9 Amaqhawe akho, Themani, ayakuthuthumela, ukuze kube yilowo nalowo abulawe ngokunqunywa entabeni yakwa-Esawu.
10 Ngenxa yobudlova obenziwa kumfowenu uJakobe, uyakuthelwa ngehlazo, kuqedwe nya ngawe unomphelo.
11 Phela ngosuku owamela kude ngalo, mhla abafokazi bephanga umcebo wakhe, nabezizwe betheleka emasagweni akhe, benza unkatho ngeJerusalema, nawe wawufana nomunye wabo.
12 Kodwa kwakungafanele uthokoze ngosuku lomfowenu mhla evelelwa yishwa. Kwakungafanele ujabule mayelana nabantu bakwaJuda ngosuku lokubhujiswa kwabo. Kwakungafanele ubhuqe ngomlomo wakho ngosuku losizi.
13 Kwakungafanele ungene ngesango labantu bami mhla bevelelwa yinhlekelele. Kwakungafanele futhi ubuke nje usizi lwabo mhla bevelelwa yisigemegeme, Kwakungafanele welule isandla sakho uthathe umcebo wakhe mhla evelelwe yinhlekelele.
14 Kwakungafanele ume ezimpambanweni zemigwaqo ukuba unqume abakubo abaphunyukileyo. Kwakungafanele ukhaphele abasindileyo bakubo ngosuku losizi.
15 Ngokuba usuku lukaSimakade selusondele kuzo zonke izizwe; njengoba wena wenze kanjalo kuyakwenziwa kanjalo nakuwe. Izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.
16 Impela njengoba niphuzile entabeni yami engcwele, zonke izizwe ziyakuphuza zingaphezi, ziphuze, zigwinye, kube sengathi azizange zibe khona.
17 Kepha entabeni iZiyoni kuyakuba ukuhlengwa, iyakuba yindawo engcwele, nabendlu yakwaJakobe bayakudla ifa lababaphangileyo.
18 Abendlu yakwaJakobe bayakuba ngumlilo, abendlu kaJosefa babe yilangabi, kuthi abendlu ka-Esawu babe ngamabibi, bayakuwashisa, aphele nya; akuyukusinda namunye kwabendlu ka-Esawu, ngokuba uSimakade usekhulumile.
19 Abantu baseNegevu bayakudla intaba ka-Esawu, kuthi abaseShephela badle elamaFilisti, elakwa-Efrayimi nelaseSamariya, abakwaBhenjamini badle iGileyadi.
20 Isigejana sabantu bakwa-Israyeli esisekudingisweni eKhanani kuze kube seZarefathi, nabathunjwa baseJerusalema abaseSefaradi bayakudla imizi eNegevu.
21 Abahlengi bayakukhuphukela entabeni iZiyoni, babuse elezintaba kwa-Esawu. Umbuso uyakuba ngokaSimakade.