Obadiah 12020

1Umbono ka-Obhadiya. Isho kanje iNkosi uSimakade ngo-Edomi, ithi: Sizwile umbiko ovela kuSimakade ngesithunywa esithunywe kwabezizwe ukuthi: “Vivani, masimhlasele.”

2Uyabonake, ngiyakukwenza ube mncane kwabezizwe; ubukelwe phansi ngokwedlulele.

3Ukuqhosha kwenhliziyo yakho kukukhohlisile wena ohlala emifantwini yamadwala, ondawo yakho iphezulu, othi enhliziyweni yakho: Ngubani nje ongangehlisela phansi emhlabeni na?

4Noma ungaphakama njengokhozi, noma ngabe isidleke sakho singakhiwa phakathi kwezinkanyezi, ngiyakukwehlisa khona lapho, kusho uSimakade.

5Uma uthelekelwa ngamasela, nabaphangi ebusuku, uyakuphundlwa kangakanani! Abayukweba yini bazanelise bona na? Uma abavuna izithelo zomvini begaleleka kuwe, abayukuwushiya yini umkhothozo na?

6Maye, ngokuphundlwa kuka-Esawu, nokuvundululwa komcebo wakhe obufihliwe!

7Bonke owenze isivumelwano nabo bayakukuxoshela emingceleni; abantu obuhleli nabo ngokuthula bayakukukhohlisa, bakunqobe; labo obudla isinkwa sakho nabo bayakubeka ugibe phansi kwakho; akekho oluqondayo.

8Ngalolo lusuku, angiyubaqeda yini nya abahlakaniphileyo kwa-Edomi, nokuqonda entabeni yakwa-Esawu na? kusho uSimakade.

9Amaqhawe akho, Themani, ayakuthuthumela, ukuze kube yilowo nalowo abulawe ngokunqunywa entabeni yakwa-Esawu.

10Ngenxa yobudlova obenziwa kumfowenu uJakobe, uyakuthelwa ngehlazo, kuqedwe nya ngawe unomphelo.

11Phela ngosuku owamela kude ngalo, mhla abafokazi bephanga umcebo wakhe, nabezizwe betheleka emasagweni akhe, benza unkatho ngeJerusalema, nawe wawufana nomunye wabo.

12Kodwa kwakungafanele uthokoze ngosuku lomfowenu mhla evelelwa yishwa. Kwakungafanele ujabule mayelana nabantu bakwaJuda ngosuku lokubhujiswa kwabo. Kwakungafanele ubhuqe ngomlomo wakho ngosuku losizi.

13Kwakungafanele ungene ngesango labantu bami mhla bevelelwa yinhlekelele. Kwakungafanele futhi ubuke nje usizi lwabo mhla bevelelwa yisigemegeme, Kwakungafanele welule isandla sakho uthathe umcebo wakhe mhla evelelwe yinhlekelele.

14Kwakungafanele ume ezimpambanweni zemigwaqo ukuba unqume abakubo abaphunyukileyo. Kwakungafanele ukhaphele abasindileyo bakubo ngosuku losizi.

15Ngokuba usuku lukaSimakade selusondele kuzo zonke izizwe; njengoba wena wenze kanjalo kuyakwenziwa kanjalo nakuwe. Izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.

16Impela njengoba niphuzile entabeni yami engcwele, zonke izizwe ziyakuphuza zingaphezi, ziphuze, zigwinye, kube sengathi azizange zibe khona.

17Kepha entabeni iZiyoni kuyakuba ukuhlengwa, iyakuba yindawo engcwele, nabendlu yakwaJakobe bayakudla ifa lababaphangileyo.

18Abendlu yakwaJakobe bayakuba ngumlilo, abendlu kaJosefa babe yilangabi, kuthi abendlu ka-Esawu babe ngamabibi, bayakuwashisa, aphele nya; akuyukusinda namunye kwabendlu ka-Esawu, ngokuba uSimakade usekhulumile.

19Abantu baseNegevu bayakudla intaba ka-Esawu, kuthi abaseShephela badle elamaFilisti, elakwa-Efrayimi nelaseSamariya, abakwaBhenjamini badle iGileyadi.

20Isigejana sabantu bakwa-Israyeli esisekudingisweni eKhanani kuze kube seZarefathi, nabathunjwa baseJerusalema abaseSefaradi bayakudla imizi eNegevu.

21Abahlengi bayakukhuphukela entabeni iZiyoni, babuse elezintaba kwa-Esawu. Umbuso uyakuba ngokaSimakade.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Obadiah 1.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.