Amos 9
1 Ngabona iNkosi imi ngase-althare, yathi: “Shaya izihloko zezinsika, ukuze kuzamazame umnyango phansi, uziphihlize phezu kwamakhanda abo bonke. Abayakusala kubo ngiyakubabulala ngenkemba. Obalekayo kubo akayukuphunyuka nophunyukayo kubo akayukusinda.
2 Noma bangagubha endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubakhipha khona lapho, noma bangakhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona lapho.
3 Noma bangacasha esiqongweni seKharmeli, ngiyakubathungatha, ngibabambe. Noma bangazifihla ekujuleni kolwandle ngingababoni ngawami amehlo, kodwa nakhona lapho ngiyakujuba inyoka ibalume.
4 Noma bangathunjwa yizitha zabo, nakhona lapho ngiyakujuba inkemba ukuba ibabhuqabhuqe, iso lami liyakuthi njo kubo, kube kubi, kungabi kuhle.”
5 INkosi uSimakade Wamabandla nguye othinta umhlaba, uncibilike, balile bonke abahlala kuyo; uyakukhukhumala wonke njengomfula, ubuye ubohle njengomfula eGibhithe;
6 owakhe isigodlo sakhe esinamakamelo aphezulu ezulwini, ukwendlaleka kwaso kusekelwe emhlabeni, obiza amanzi olwandle, awathululele phezu komhlaba, nguSimakade igama lakhe.
7 “Anifani yini kimi bantu bakaKhushe, nina bantu bakwa-Israyeli na?” kusho uSimakade. “Angimkhuphulanga yini u-Israyeli eGibhithe, namaFilisti eKhafithori, nama-Aramu eKhiri na?
8 Bhekani-ke, amehlo eNkosi uSimakade awubhekile umbuso owonayo; ngiyakuwuqenda nya ebusweni bomhlaba, nakuba ngingeke ngiyishabalalise ngokupheleleyo indlu kaJakobe,” kusho uSimakade.
9 “Ngokuba bheka, ngiyakukhipha umyalo, nginyakazise indlu yakwa-Israyeli phakwathi kwezizwe zonke, njengokunyakaziswa kwesihlungo kuhlungwa, kodwa kungabi bikho okusanhlamvu okuwela emhlabathini.
10 Zonke izoni eziphakathi kwabantu bami ziyakufa ngenkemba, ezithi: ‘Inhlekelele ayiyukusondela kithi, ayiyukusehlela thina, futhi ngeke isikhathaze.’ ”
11 “Ngalolo lusuku ngiyakuvusa idokodo eliwile likaDavide, ngivale imifantu yalo, ngivuselele kabusha okuwileyo, ngilakhe kabusha njengasezinsukwini zasemandulo,
12 ukuze badle ifa lensali yakwa-Edomi, nakho konke okwezizwe ezazibizwa ngeGama lami,” kusho uSimakade ozakukwenza lokhu.
13 “Bhekani-ke, ziyeza izinsuku, lapho olimayo eyakuficwa ovunayo, onyathela amagilebhisi aficwe ngohlwanyela imbewu; izintaba ziyakuconsa iwayini elimnandi, ligeleze emagqumeni wonke.
14 Ngiyakuguqula ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli, bakhe kabusha imizi ebiyincithakalo, bahlale kuyo; bayakutshala izivini, baphuze iwayini lazo, balime izivande, badle izithelo zazo.
15 Ngiyakubatshala ezweni labo, bangabe besasishulwa futhi kwelabo izwe engibanike lona,” kusho uSimakade uNkulunkulu wakho.