Bible

Upgrade

Your Church Presentations in Minutes

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Amos 9

:
Zulu - 2020
1 Ngabona iNkosi imi ngase-althare, yathi: “Shaya izihloko zezinsika, ukuze kuzamazame umnyango phansi, uziphihlize phezu kwamakhanda abo bonke. Abayakusala kubo ngiyakubabulala ngenkemba. Obalekayo kubo akayukuphunyuka nophunyukayo kubo akayukusinda.
2 Noma bangagubha endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubakhipha khona lapho, noma bangakhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona lapho.
3 Noma bangacasha esiqongweni seKharmeli, ngiyakubathungatha, ngibabambe. Noma bangazifihla ekujuleni kolwandle ngingababoni ngawami amehlo, kodwa nakhona lapho ngiyakujuba inyoka ibalume.
4 Noma bangathunjwa yizitha zabo, nakhona lapho ngiyakujuba inkemba ukuba ibabhuqabhuqe, iso lami liyakuthi njo kubo, kube kubi, kungabi kuhle.”
5 INkosi uSimakade Wamabandla nguye othinta umhlaba, uncibilike, balile bonke abahlala kuyo; uyakukhukhumala wonke njengomfula, ubuye ubohle njengomfula eGibhithe;
6 owakhe isigodlo sakhe esinamakamelo aphezulu ezulwini, ukwendlaleka kwaso kusekelwe emhlabeni, obiza amanzi olwandle, awathululele phezu komhlaba, nguSimakade igama lakhe.
7 “Anifani yini kimi bantu bakaKhushe, nina bantu bakwa-Israyeli na?” kusho uSimakade. “Angimkhuphulanga yini u-Israyeli eGibhithe, namaFilisti eKhafithori, nama-Aramu eKhiri na?
8 Bhekani-ke, amehlo eNkosi uSimakade awubhekile umbuso owonayo; ngiyakuwuqenda nya ebusweni bomhlaba, nakuba ngingeke ngiyishabalalise ngokupheleleyo indlu kaJakobe,” kusho uSimakade.
9 “Ngokuba bheka, ngiyakukhipha umyalo, nginyakazise indlu yakwa-Israyeli phakwathi kwezizwe zonke, njengokunyakaziswa kwesihlungo kuhlungwa, kodwa kungabi bikho okusanhlamvu okuwela emhlabathini.
10 Zonke izoni eziphakathi kwabantu bami ziyakufa ngenkemba, ezithi: ‘Inhlekelele ayiyukusondela kithi, ayiyukusehlela thina, futhi ngeke isikhathaze.’
11 “Ngalolo lusuku ngiyakuvusa idokodo eliwile likaDavide, ngivale imifantu yalo, ngivuselele kabusha okuwileyo, ngilakhe kabusha njengasezinsukwini zasemandulo,
12 ukuze badle ifa lensali yakwa-Edomi, nakho konke okwezizwe ezazibizwa ngeGama lami,” kusho uSimakade ozakukwenza lokhu.
13 “Bhekani-ke, ziyeza izinsuku, lapho olimayo eyakuficwa ovunayo, onyathela amagilebhisi aficwe ngohlwanyela imbewu; izintaba ziyakuconsa iwayini elimnandi, ligeleze emagqumeni wonke.
14 Ngiyakuguqula ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli, bakhe kabusha imizi ebiyincithakalo, bahlale kuyo; bayakutshala izivini, baphuze iwayini lazo, balime izivande, badle izithelo zazo.
15 Ngiyakubatshala ezweni labo, bangabe besasishulwa futhi kwelabo izwe engibanike lona,” kusho uSimakade uNkulunkulu wakho.