Bible

Engage

Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Numbers 34

:
Zulu - 2020
1 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
2 “Yala abantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Senizofika eKhanani, leli yizwe elizokuba yifa lenu, izwe lamaKhanani nemingcele yalo.
3 Uhlangothi lwaseningizimu luyosuka ehlane iZini, lugudle kwa-Edomi. Umngcele wenu waseningizimu uyosuka ekugcineni koLwandle Lukasawoti, ngasempumalanga.
4 Umngcele wenu ujike ngaseningizimu yoKhalo Lwezitha, uze wedlule eZini, uphume eningizimu eKadeshi Bharineya, uye eHazari Adari, uze ufike e-Azimoni.
5 Kusuka e-Asimoni, umngcele uyojika ubheke ngasemfuleni eGibhithe, uphumele olwandle.
6 ‘Umngcele wasentshonalanga kuyoba wuLwandle Olukhulu, lube ngumngcele wenu entshonalanga.
7 ‘Umngcele wenu enyakatho uyoma kanje: kusukela oLwandle Olukhulu anomisa intaba iHori ibe wumngcele.
8 Ukusuka entabeni iHori anoziphawulela indlela eya eHamathi, umngcele uphume eZedadi,
9 bese uphumela eZifroni, wedlulele eHazari Enani; uyoma kanjalo-ke umngcele wenu enyakatho.
10 ‘Umngcele wenu empumalanga uyoma kanje: niyoziklamela umngcele empumalanga usuke eHazari Enani uze ufike eShefamu;
11 wehle eShefamu, uye eRibhila empumalanga e-Ayini, wehle njalo uze ufinyelele emmangweni ongasolwandle iKhinerethi, empumalanga.
12 Umngcele wehlele eJordani, uphume ngasoLwandle Lukasawoti. Yilelo-ke izwe lenu ngokwemingcele yalo, nxazonke.’
13 UMose wabayala abakwa-Israyeli, wathi: “Leli yizwe eniyolaba ngonkatho, uSimakade ayale ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nengxenye,
14 ngokuba isizwana sabozalo lukaRubeni ngokwezindlu zokhokho babo nesizwana sabozalo lukaGadi ngokwezindlu zokhokho babo sezilitholile ifa lazo, kanjalo nengxenye yesizwana sakwaManase.
15 Lezi zizwe ezimbili nengxenye zalithola ifa lazo phesheya kweJordani ngasempumalanga yeJerikho, lapho kuphuma khona ilanga.”
16 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
17 “Nanka amagama amadoda ayoklama izwe eliyifa lenu: u-Eleyazare, umphristi noJoshuwa, indodana kaNuni.
18 Niyothatha umholi ngamunye kuleso naleso sizwana ukuba abe izwe libe yifa lenu.
19 Nanka amagama amadoda aqokwa: esizwaneni sakwaJuda: nguKhalebhu indodana kaJefune.
20 “Esizwaneni sabozalo lukaSimeyoni: nguShemuweli, indodana ka-Amihudi.
21 Esizwaneni sakwaBhenjamini: ngu-Elidadi, indodana kaKhisiloni.
22 Esizwaneni sabozalo lukaDani: ngumholi uBhuki, indodana kaJogili.
23 Emadodaneni kaJosefa: esizwaneni sabozalo lukaManase: ngumholi uHaniyeli, indodana ka-Efodi.
24 Esizwaneni sabozalo luka-Efrayimi: ngumholi uKemuweli, indodana kaShifethani.
25 Esizwaneni sabozalo lukaZebuloni: ngumholi u-Elizafani, indodana kaPharinakhi.
26 Esizwaneni sabozalo luka-Isakhare: ngumholi uPhalithiyeli, indodana ka-Azani.
27 Esizwaneni sabozalo luka-Asheri: ngumholi u-Ahihudi, indodana kaShelomi.
28 Esizwaneni sabozalo lukaNafethali: ngumholi uPhedaheli, indodana ka-Amihudi.”
29 Yilabo uSimakade abayala ukuba behlukanisele abantu bakwa-Israyeli ifa, eKhanani.