Bible

Say Goodbye

To Clunky Software & Sunday Tech Stress!

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Numbers 13

:
Zulu - 2020
1 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
2 “Thumela amadoda ukuba ayohlola iKhanani engizakulinika abantu bakwa-Israyeli. Uthumele umuntu abe munye kuleso naleso sizwana sokhokho babo, yilowo nalowo abe ngumholi phakathi kwaso.”
3 UMose wawathuma amadodana esuka ehlane iPharanu ngesiyalezo sikaSimakade. Wonke lawo madoda ayeyizinhloko zabantu bakwa-Israyeli.
4 Lawa ngamagama awo: Owesizwana sakwaRubeni: nguShamuwa, indodana kaZakhuri.
5 Owesizwana sakwaSimeyoni: nguShafathi, indodana kaHori.
6 Owesizwana sakwaJuda: nguKhalebhi, indodana kaJefune.
7 Owesizwana sakwa-Isakhare: ngu-Igali, indodana kaJosefa.
8 Owesizwana sakwa-Efrayimi: nguHosheya, indodana kaNuni.
9 Owesizwana sakwaBhenjamini: nguPhaliti, indodana kaRafu.
10 Owesizwana sakwaZebuloni: nguGadiyeli, indodana kaSodi.
11 Owesizwana sakwaJosefa, owesizwana sakwaManase: nguGadi, indodana kaSusi.
12 Owesizwana sakwaDani: ngu-Amiyeli, indodana kaGemali.
13 Owesizwana sakwa-Asheri: nguSethuru, indodana kaMikhayeli.
14 Owesizwana sakwaNafethali: nguNabi, indodana kaVofisi.
15 Owesizwana sakwaGadi: nguGewuweli, indodana kaMakhi.
16 Yilawo amagama amadoda athunywa nguMose ukuyohlola izwe. UMose waqamba uHosheya, indodana kaNuni, ngokuthi nguJoshuwa.
17 Lapho uMose ebathuma ukuyohlola iKhanani, wathi kubo: “Yenyukani ngaseningizimu, nikhuphukele ezintabeni,
18 nihlole ukuthi izwe linjani, nabantu abakhe kulo ukuthi banamandla noma bantekenteke, bayingcosana noma baningi yini,
19 nokuthi izwe abakhe kulo linjani; ngabe lihle noma libi, nokuthi imizi abahlala kuyo injani, iyizinkambu noma iyizinqaba,
20 nokuthi izwe linjani, livundile noma limpofu, linezinkuni noma qha. Yibani nesibindi, nibuye nezithelo zezwe.” Kwase kuyisikhathi sezithelo zokuqala zomvini.
21 Bahamba-ke, balihlola izwe kusukela ehlane iSini kuze kube seRehobhe ngasekungeneni eHamathi.
22 Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebhroni; lapho kwakukhona u-Ahimani, uSheshayi, uThalimayi, nalabo abayizizukulwane zika-Anaki. IHebhroni lalakhiwe iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kokwakhiwa kweZowani, eGibhithe.
23 Bafika esigodini i-Eshikholi, banquma lapho igatsha elinehlukuzo lamagilebhisi, balithwala ngogongolo phakathi kwababili, namahananadi namakhiwane.
24 Leyo ndawo yabizwa ngokuthi yisigodi i-Eshikholi ngenxa yehlukuzo abantu bakwa-Israyeli abalinquma lapho.
25 Babuya ekulihloleni izwe sekuzophela izinsuku ezingama-40.
26 Bahamba, bafika kuMose no-Aroni nalo lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli ehlane iPharanu, eKadeshi. Bethula umbiko ngababekubonile, babakhombisa nezithelo zalelo lizwe.
27 Bambikela bathi: “Siyile ezweni obusithume kulo salihlola; ngempela lichichima ubisi noju; nazi izithelo zalo.
28 Kodwa-ke abantu abakhe ezweni banamandla, imizi ibiyelwe, mikhulu kakhulu, futhi sibone nokuthi bayizizukulwane zika-Anaki.
29 Ama-Amaleki ahlala ngaseningizimu; amaHithi, amaJebusi nama-Amori akhe kwelezintaba; kuthi amaKhanani ahlale ngasolwandle olukhulu, agudle iJordani.”
30 UKhalebhu wabathulisa abantu, wathi kuMose: “Siyakwenyuka impela, silidle; akungabazeki ukuthi sizakulinqoba.”
31 Kepha amadoda ayenyuke naye athi: “Asinakwenyuka sihlasele laba bantu, ngokuba banamandla kunathi.”
32 Abethulela umbiko omubi abantu bakwa-Israyeli ngezwe ayelihlolile, athi: “Izwe esidabule kulo ukuyolihlola, liyizwe elidla abakhileyo kulo, nabo bonke abantu esibabone kulo bayimidondoshiya.
33 Sibone futhi laphaya neziqhwaga zozalo luka-Anaki. Thina sazibona sibancane njengezintethe phambi kwazo, saba njalo emehlweni azo.”