1UMiriyamu no-Aroni bamelena noMose ngenxa yowesifazane waseKhushe ayemthathile. Nembala wayeganwe ngowesifazane waseKhushe.
2Bathi: “Ngabe uSimakade ukhuluma ngoMose kuphela na? Akakhulumile yini nangathi na?” USimakade wakuzwa lokho.
3Kepha uMose wayengumuntu omnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.
4Ngokushesha uSimakade wakhuluma noMose no-Aroni noMiriyamu, wathi: “Wozani nobathathu ethendeni lokuhlangana.” Bahamba bobathathu.
5USimakade wehla ngensika yefu, wema ngasemnyango wethende, wabiza u-Aroni noMiriyamu; baphuma bobabili baya kuye.
6Wayesethi: “Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umphrofethi phakathi kwenu, Mina Simakade ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume naye ngephupho.
7Kodwa akunjalo ngenceku yami uMose; uthembekile kuyo yonke indlu yami.
8Yena, ngikhuluma ngokusobala umlomo nomlomo, hhayi ngombono noma ngamazwi ayimfumbe, futhi uyasibona isimo sikaSimakade. Kungani ningesabanga ukukhuluma ngenceku yami uMose na?”
9Intukuthelo kaSimakade yabavuthela; wayesehamba.
10Ifu laphakama phezu kwethende. Bheka, uMiriyamu wayesenochoko, emhlophe njengeqhwa. U-Aroni waphendukela ngakuMiriyamu, wabona ukuthi usenochoko.
11U-Aroni wathi kuMose: “O Nkosi, ngixolele, ngiyakuncenga, ungabeki phezu kwethu isono esisenze ngobuwula.
12Ngiyakuncenga, makangabi njengophume esibelethweni sikanina esefile, nesidumbu sakhe sidliwe ingxenye yaso.”
13UMose wakhala kuSimakade, wathi: “Nkulunkulu, ngiyakuncenga, mphulukise!”
14USimakade wathi kuMose: “Uma uyise ebemkhafulele ngamathe ebusweni, ubengelithwale yini ihlazo lakhe izinsuku eziyisikhombisa na? Makavalelwe ngaphandle kwenkambu izinsuku eziyisikhombisa; emveni kwalokho uyakubuye angeniswe.”
15UMiriyamu wavalelwa ngaphandle kwenkambu izinsuku eziyisikhombisa. Abantu abazange bahambe, waze wabuyiswa uMiriyamu.
16Emveni kwalokho abantu basuka eHazerothi bakanisa ehlane iPharanu.