Bible

Upgrade

Your Church Presentations in Minutes

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Malachi 4

:
Zulu - 2020
1 “Phela bhekani nje, luyeza usuku, luvutha njengeziko. Bonke abazigqajayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi. Lolo lusuku oluzayo luyakubashisa, aluyukubashiyela mpande nagatsha,” kusho uSimakade Wamabandla.
2 “Kodwa kini enilesabayo iGama lami, kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo. Niyakuphuma, nitshakadule njengamathole esibayeni.
3 Niyakugxoba abangalungile, ngokuba bayakuba wuthuli phansi kwezinyawo zenu ngosuku engiyakukwenza ngalo,” kusho uSimakade Wamabandla.
4 “Khumbulani umthetho kaMose inceku yami engamyala ngawo eHorebhe mayelana no-Israyeli wonkana, oyizimiso nezehlulelo.”
5 “Niyabona-ke, ngiyakunithumelela u-Eliya umphrofethi, lungakafiki usuku lukaSimakade olukhulu nolwesabekayo.
6 Uyophendula izinhliziyo zoyise kubantwana nezinhliziyo zabantwana koyise; funa ngifike ngishaye izwe ngiliqothule.”