Bible

Say Goodbye

To Clunky Software & Sunday Tech Stress!

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Malachi 3

:
Zulu - 2020
1 “Niyabona-ke, sengizakuthumela isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ethempelini layo ngokuphazima kweso; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bhekani, siyeza,” kusho uSimakade Wamabandla.
2 “Ngubani ongamela usuku lokufika kwaso na? Ngubani oyakuma lapho sibonakala na? Ngokuba sinjengomlilo womcwengi nanjengensipho yomhlanzi.
3 Siyakuhlala sicwengisise, sihlanze isiliva. Siyakuhlanza abaLevi sibacwenge njengegolide nesiliva, ukuze banikele iminikelo kuSimakade ngokulunga.
4 Iyakumthokozisa uSimakade iminikelo yakwaJuda neyaseJerusalema njengasezinsukwini zasemandulo naseminyakeni esiyadlula.
5 “Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.
6 “Ngokuba Mina Simakade angiguquki, nani madodana kaJakobe anikapheli nya.
7 Kusukela ezinsukwini zokhokho benu niphambukile ezimisweni zami, nangazigcina. Buyelani kimi, nami ngizobuyela kini,” kusho uSimakade Wamabandla. Kodwa niyabuza nithi: “Sizobuyela kanjani na?”
8 “Umuntu angamqola yini uNkulunkulu na? Nokho niyangiqola. “Bese nibuza nithi: ‘Sikuqole kanjani na?’ “Ngokweshumi nangeminikelo.
9 Niqalekisiwe ngesiqalekiso, niyangiqola sizwe ngothi lwenu.
10 Lethani konke okweshumi endlini yengcebo, ukuze kube nokudla endlini yami, ake ningivivinye ngalokhu, ukuthi ngeke yini nginivulele amafasitela asezulwini, nginithululele isibusiso kuze kungabi bikho ndawo eyanele,” kusho uSimakade Wamabandla.
11 “Ngiyakunivimbela isikhonyane ukuba singaziqothuli izitshalo zenu ezivela emhlabathini, nemivini yenu ingabi ngengatheliyo emasimini,” kusho uSimakade Wamabandla.
12 “Zonke izizwe ziyakuthi kini nibusisiwe, ngokuba nina niyakuba yizwe elithokozisayo,” kusho uSimakade Wamabandla.
13 “Amazwi enu angigxekile,” kusho uSimakade. “Kodwa niyabuza nithi: ‘Sikhulume sathini ngawe na?’
14 “Nithe: ‘Akusizi ngalutho ukukhonza uNkulunkulu; sizuzeni ngokugcina imiyalo yakhe nokuthi sihambe silila phambi kukaSimakade Wamabandla na?
15 Kodwa manje sesithi babusisiwe abaziqhenyayo, impela labo abenza okubi bayaphumelela; nalabo abalinga uNkulunkulu bayaphunyuka.’
16 Kuthi lapho abamesabayo uSimakade uma bekhuluma bodwa omunye nomunye; uSimakade akulalelisise, akuzwe lokho, bese kubhalwa phambi kwakhe encwadini yokukhumbula abamesabayo uSimakade, labo abalihloniphayo iGama lakhe.
17 USimakade Wamabandla uthi: “Bayakuba ngabami, ngosuku engiyakwenza ngalo ifa lami, ngiyakubazwela, njengomuntu ezwela indodana yakhe emsebenzelayo.
18 Niyakubuye futhi nehlukanise kahle phakathi kolungileyo nongalungile, phakathi kokhonza uNkulunkulu nongamkhonzi.”