Bible

Focus

On Your Ministry and Not Your Media

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Luke 13

:
Zulu - 2020
1 Kwakukhona ngaleso sikhathi abathile ababikela uJesu ngabaseGalile, abagazi labo uPilatu ayelixube nelemihlatshelo yabo.
2 Waphendula wathi kubo: “Nicabanga ukuthi labo bantu baseGalile babeyizoni kunabo bonke yini abanye baseGalile, ngokuba behlelwa yilowo mshophi na?
3 Ngithi kini: akunjalo, kodwa uma ningaphenduki, niyakubhubha nonke njengabo.
4 Nalabo abali-18 okwawela kubo umbhoshongo eSilowama, wababulala, nisho ukuthi babeyizoni ukwedlula bonke abantu ababehlala eJerusalema na?
5 Ngithi akunjalo: kodwa uma ningaphenduki niyakubhubha nonke njengabo.”
6 Wayesebalandisa lo mzekeliso wathi: “Umuntu othile wayetshale umkhiwane esivinini sakhe. Waya kuwo efuna isithelo sawo, kepha akafumananga lutho.
7 Wayesethi kosebenza esivinini: ‘Phela sekuyiminyaka emithathu ngifika ngizofuna amakhiwane kulo mkhiwane, kodwa ngingatholi lutho. Ngakho-ke wunqume: kungani ulokhu ugugisa umhlabathi na?’
8 “Kepha waphendula, wathi: ‘Nkosi, ake uwuyeke nakulo nyaka, ngize ngimbe umhlabathi emaceleni awo, ngithele umquba;
9 mhlawumbe ungase uthele ngonyaka ozayo, kodwa-ke uma kungenjalo, uyowunquma.’
10 UJesu wayefundisa kwelinye lamasinagoge ngesabatha.
11 Lapho kwakukhona owesifazane owayenomoya omubi usumgulise iminyaka eli-18; wayeseze waqhotha, engasakwazi ukuma aqonde.
12 UJesu embona, wambiza, wathi kuye: “Mame, usuphilisiwe ekuguleni obunakho.”
13 Wabeka izandla phezu kwakhe, wayeselulama khona manjalo, wamdumisa uNkulunkulu.
14 Umphathi wesinagoge wacasuka ngokuba uJesu esindise umuntu ngesabatha, wayesekhuluma esixukwini ethi: “Kunezinsuku eziyisithupha okufanele ukuba kusetshenzwe ngazo. Ngakho-ke wozani ngalezo zinsuku ukuze niphiliswe, hhayi ngosuku lwesabatha.”
15 Kepha iNkosi yamphendula, yathi: “Bazenzisi, yilowo nalowo kini kayikhiphi yini ngesabatha inkabi yakhe noma imbongolo yakhe esibayeni, ayiqhube ukuba iyophuza na?
16 Bekungafanele yini-ke lo oyindodakazi ka-Abhrahama, obeboshwe nguSathane, iminyaka eli-18, ukuba akhululwe kulokho kuboshwa ngosuku lwesabatha na?”
17 Wathi ukuba asho lokho, bajabha bonke ababemelene naye, kepha isixuku sonke sathokoza ngenxa yemisebenzi yonke emangalisayo ayenzileyo.
18 Ngakho-ke uJesu wathi: “Umbuso kaNkulunkulu ufana nani na? Ungafaniswa nani na?
19 Ufana nohlamvu lwesinaphi aluthatha umuntu, waluhlwanyela ensimini yakhe; lwamila, lwaba yisihlahla; izinyoni zezulu zakhela emagatsheni aso.”
20 Wabuye wathi: “Umbuso kaNkulunkulu ungafaniswa nani na?
21 Ufana nemvubelo eyathathwa ngowesifazane, wayifaka emaqomeni amathathu empuphu, kwaze kwabila konke.”
22 UJesu wahamba phakathi kwemizi nemizana efundisa, esendleleni, elibhekise eJerusalema.
23 Umuntu othile wayesethi kuye: “Nkosi, bayingcosana yini abasindiswayo na?” UJesu wathi kubo:
24 “Phikelelani ukungena ngomnyango omncane. Ngokuba ngithi kini: baningi abayakufuna ukungena, kodwa behluleke.
25 Uma umninindlu esesukumile wavala umnyango, niyakuma ngaphandle, ningqongqoze emnyango, nithi: ‘Nkosi, sivulele,’ yena uyakuphendula, athi: ‘Anginazi ukuthi nivela kuphi.’
26 “Kulapho niyakuqala khona, nithi: ‘Sasidla, siphuza nawe, wawufundisa emigwaqweni yakithi.’
27 “Kepha yena uyakuthi: ‘Ngithi kini: anginazi ukuthi nivela kuphi. Sukani kimi nina nonke, benzi bobubi.’
28 “Lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo, uma senibona u-Abhrahama, u-Isaka, uJakobe, nabaphrofethi bonke embusweni kaNkulunkulu, kodwa nina nikhishelwe phandle.
29 Bayakufika bevela empumalanga, entshonalanga, enyakatho, naseningizimu; bonke bahlale esidlweni embusweni kaNkulunkulu.
30 Bakhona abokugcina abayakuba ngabokuqala, bakhona nabokuqala abayakuba ngabokugcina.”
31 Ngaleso sikhathi kweza kuJesu, abanye babaFarisi bathi kuye: “Suka, uhambe lapha, ngokuba uHerode ufuna ukukubulala.”
32 UJesu wathi kubo: “Hambani nitshele leyo mpungushe nithi: ‘Ngikhipha amadimoni, ngiphilise abagulayo, namuhla nakusasa, kuthi ngosuku lwesithathu ngipheleliswe.’
33 Nokho kumele ukuba namuhla nakusasa nangomhlomunye ngihambe, ngokuba akunakwenzeka ukuba umphrofethi afele ngaphandle kwaseJerusalema.
34 “Jerusalema! Jerusalema! Wena obulala abaphrofethi, ukhande ngamatshe labo abathunyelwe kuwe, kukaningi ngilangazelela ukuqoqa abantu bakho njengesikhukhukazi sikhoselise amachwane aso phansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga.
35 Indlu yenu isele iyinxiwa kini, kodwa ngithi kini: anisoze nangibona, kuze kube mhla nithi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’