Luke 12
1 Ngaleso sikhathi kwabuthana izindimbane zabantu, zaze zanyathelana; uJesu wayeseqala ukukhuluma kubafundi bakhe, ethi: “Xwayani imvubelo yabaFarisi engukuzenzisa.
2 Akukho okusitshekelweyo okungayukwambulwa, nokufihliweyo okungayukwaziwa.
3 Ngakho-ke konke enikukhuluma ebumnyameni, kuyakuzwakala ekukhanyeni; nalokho enikukhuluma nikuhleba emakamelweni, kuyakumenyezelwa phezu kwezindlu.
4 “Kepha ngithi kini, bangani bami: ningabesabi ababulala umzimba, bengenakwenza lutho okunye emva kwalokho.
5 Kepha-ke ngizakunitshengisa okufanele nimesabe. Mesabeni lo othi esebulele, abuye abe namandla okuphonsa esihogweni. Impela, ngithi kini: mesabeni lowo.
6 Akuthengiswa yini imizwilili emihlanu ngezindibilishi ezimbili na? Nokho akukho namunye awukhohlwayo uNkulunkulu.
7 Phela ngisho izinwele ezisekhanda lakho uyazazi, zonke uzibalile. Ningesabi, ngokuba nina niyayedlula imizwilili.”
8 “Ngithi kini, yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, neNdodana yomuntu iyakumvuma phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu.
9 Kepha ongiphikayo phambi kwabantu, uyakuphikwa phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu.
10 Noma ngubani okhuluma kabi ngeNdodana yomuntu, uyakuthethelelwa; kodwa ohlambalaza uMoya oNgcwele, akayukuthethelelwa.
11 “Uma benihudulela emasinagogweni nakubabusi neziphathimandla ukuba nehlulelwe, ningakhathazeki ukuthi niyakuphendula kanjani, nokuthi niyakuthini.
12 Ngokuba uMoya oNgcwele uyakunifundisa ngaleso sikhathi okufanele nikusho.”
13 Omunye esixukwini wathi kuye: “Mfundisi, tshela umfowethu ukuba angabele nami ifa lakwethu.”
14 Kepha uJesu wathi kuye: “Mngani, ngubani ongibeke ukuba ngibe ngumehluleli noma ngumabi wefa lakwenu na?”
15 UJesu wayesethi kubo: “Qaphelani, nilwexwaye lonke uhlobo lokuhaha, ngokuba ukuphila komuntu akumisiwe ngubuningi bomcebo wakhe.”
16 Wabalandisa umzekeliso, wathi: “Amasimu omuntu othile owayeyisicebi ayekhiqiza isivuno esihle.
17 Wazindla wathi: ‘Ngizokwenzenjani, ngokuba anginandawo engizofaka kuyo isivuno sami na?’
18 “Wayesethi: ‘Nakhu engizakukwenza: ngizakuzidiliza izinqolobane zami, ngakhe ezinkulu, ngibuthele kuzo sonke isivuno sokusanhlamvu, nempahla yami.
19 Bese ngithi emphefumulweni wami: “Mphefumulo, usunezimpahla eziningi ezilondolozelwe wena iminyaka eminingi. Ngakho-ke phumula, udle, uphuze, futhi ujabule.”’
20 “Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Siwula ndini, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakuthathwa kuwe. Pho-ke ziyakuba ngezikabani lezi zinto ozilungisileyo na?’
21 “Kubanjalo-ke kumuntu ozibekelela ingcebo ebe engacebile ngokukaNkulunkulu.”
22 Wayesethi kubafundi bakhe: “Ngakho-ke ngithi kini: ningakhathazeki ngokuphila kwenu nangemizimba yenu ukuthi niyakudlani, nanokuthi niyakwembathani.
23 Ngokuba ukuphila kubalulekile kunokudla, nomzimba kunesembatho.
24 Ake nibheke nje amagwababa; awalimi, awavuni, futhi awanazilulu nazinqolobane, kepha uNkulunkulu uyawondla. Kakhulu kangakanani-ke nina eniyigugu ukwedlula izinyoni!
25 Ngubani kini okuthi ngenxa yokukhathazeka, athasisele usuku olulodwa nje eminyakeni yokuphila kwakhe na?
26 Ngakho-ke njengokuba ningenamandla okwenza nokuncane nje, pho nizikhathazelani ngalokhu okunye na?
27 “Bhekani nje, nansi iminduze yasendle, ukuthi ikhula kanjani. Ayizikhandli, ayizithungeli zembatho, kodwa ngithi kini: ngisho noSolomoni, ebukhazikhazini bakhe bonke, wayengavunulisile okomunye wayo.
28 Uma-ke uNkulunkulu embathisa utshani basendle obukhona namuhla, kuthi ngakusasa buphonswe eziko, kakhulu kangakanani nina eninokukholwa okuncane.
29 Ningafuni ukuthi niyakudlani nokuthi niyakuphuzani; ningakhathazeki ngalokho.
30 Ngokuba konke lokhu kufunwa ngabezizwe baleli lizwe; kodwa uYihlo uyazi ukuthi niyakudinga lokhu.
31 Kepha funani umbuso kaNkulunkulu, yikhona konke lokhu kuyakwenezelwa kini.
32 “Ungesabi, mhlambi omncane, ngokuba kuyintando kaYihlo ukuba aninike umbuso.
33 Thengisani ngeninakho, nabele abampofu, nizenzele izikhwama zemali ezingagugiyo, ingcebo engapheliyo ezulwini; lapho kungasondeli khona sela nanundu, ukuba yone.
34 Ngokuba lapho ingcebo yenu ikhona, nenhliziyo yenu iyakuba khona lapho.”
35 “Izinkalo zenu mazihlale ziboshiwe, nezibani zenu zivutha.
36 Yibani njengezinceku ezilindele inkosi yazo ezobuya emshadweni, ukuze kuthi lapho ifika, ingqongqoza, ziyivulele masinyane.
37 Zibusisiwe lezo zinceku okuyakuthi lapho inkosi yazo ifika, izifice zilindile. Ngiqinisile ngithi kini: inkosi yazo iyakubopha ibhande okhalo, izihlalise phansi, ize yona uqobo iziphe ukudla.
38 Zibusisiwe lezo zinceku okuyakuthi noma inkosi yazo ifika kwesikabhadakazi noma entathakusa, izifumane zilindile.
39 Kepha-ke yazini lokhu, ukuthi uma umninindlu ebesazi isikhathi isela eliyakufika ngaso, ubengayukuvuma ukuba indlu yakhe igqekezwe.
40 Nani-ke hlalani nilindile, ngokuba anilazi ihora iNdodana yomuntu eyakufika ngalo.”
41 UPhethro wayesethi: “Nkosi, ngabe lo mzekeliso uwuqondise kithi noma kubantu bonke na?”
42 INkosi yaphendula yathi: “Iyiphi inceku ethembekileyo nehlakaniphileyo, inkosi yayo eyakuyibeka ukuba yengamele abendlu yayo, ibabele isabelo sokudla ngesikhathi esifaneleyo na?
43 Ibusisiwe leyo nceku okuyakuthi lapho inkosi yayo ifika, iyifumane yenza kanjalo.
44 Ngiqinisile, ngithi: iyakuyibeka phezu kwakho konke enakho ukuba ikwengamele.
45 Kepha uma leyo nceku ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami isalibele ukuba ifike,’ bese iqala ukushaya izisebenzi zesilisa nezesifazane, idle, iphuze, idakwe,
46 inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayilindele ngalo, nangomzuzu engawaziyo, iyijezise ngokuyibulala kabuhlungu, bese iyilahla nabangakholwayo.
47 “Inceku eyaziyo ukuthi inkosi ifunani, kodwa ingazilungiseleli ukwenza lokho okufunwa yinkosi, iyakushaywa imivimbo eminingi.
48 Kepha leyo eyenze okungafanele ngenxa yokungazi, iyakushaywa imivimbo embalwa. Yilowo nalowo ophiwe okuningi, kuyakufunwa okuningi kuye, nophathiswe okuningi, kuyakubizwa okuningi kakhulu kuye.”
49 “Ngize ukuphonsa umlilo emhlabeni; ngifisa kakhulu kangakanani ukuba ngabe sewokhelekile!
50 Nginombhabhadiso engizakubhabhadiswa ngawo; ngikhathazekile kakhulu, uze ufezeke.
51 Nicabanga ukuthi ngilethe ukuthula emhlabeni na? Phinde! Kepha ngithi kini: ngilethe ukwehlukana.
52 Ngokuba kusukela manje kuyakuba khona abayisihlanu endlini, abathathu bamelane nababili, nababili bamelane nabathathu.
53 Kuyokuba khona ukwehlukana: uyise amelane nendodana, nendodana imelane noyise, unina amelane nendodakazi, nendodakazi nonina, uninazala amelane nomalokazana, nomalokazana amelane noninazala.”
54 Wayesethi nakuzo izixuku: “Uma nibona kukhuphuka ifu entshonalanga, nisheshe nithi: ‘Kuza isiphepho,’ kube njalo.
55 Uma kuvunguza umoya weningizimu, nithi: ‘Lizakushisa likhiphe umkhovu etsheni,’ kube njalo nempela.
56 Bazenzisi, niyakwazi ukubona okwenzeka emhlabeni nasesibhakabhakeni, pho kungani ningakwazi ukuqonda okwalesi sikhathi na?
57 “Yini ningakwazi ukubona okufanele nikwenze na?
58 Uma uhambisana nesitha sakho, niya kumehluleli, sincenge nisesendleleni, nibuyisane, funa nifike kumehluleli, umehluleli akwedlulisele ephoyiseni, bese iphoyisa likuphonsa ejele.
59 Ngithi kuwe: awusoze waphuma ejele, uyoze ukhiphe ifadingi lokugcina.”