Bible

Designed

For Churches, Made for Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Leviticus 25

:
Zulu - 2020
1 USimakade wakhuluma kuMose entabeni iSinayi, wathi:
2 “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Lapho senifikile ezweni engininika lona, izwe liyogcina isabatha kuSimakade.
3 Uyakulima insimu yakho iminyaka eyisithupha, iminyaka eyisithupha uthene isivini sakho, ubuthe izithelo zaso,
4 kodwa ngonyaka wesikhombisa kuyakuba khona isabatha lokuphumula kwezwe, isabatha kuSimakade. Awuyukulima insimu yakho, futhi awuyukusithena nesivini sakho.
5 Amakhikhizela esivuno sakho awuyukuwavuna, nezithelo zomvini wakho ongatheniwe awuyukuzikha; kuyakuba ngunyaka wokuphumula kwezwe.
6 Okuyozimilela ngonyaka wesabatha kuyoba ngukudla kwenu: okwakho nenceku yakho, nencekukazi yakho, nesisebenzi sakho, nomfokazi ogogobele kwakho,
7 ngisho nemfuyo yakho nezilwane zasendle, konke okuzimilele ezweni kuyakuba ngukudla kwenu.
8 ‘Uyozibalela amasabatha ayisikhombisa eminyaka, iminyaka eyisikhombisa iphindwe kasikhombisa, izinsuku eziyisikhombisa zamasabatha ayisikhombisa ngonyaka, okwenza iminyaka engama-49.
9 Uyoshaya icilongo limpompoloze kuzwakale kulo lonke izwe lakini, ngosuku lweshumi lwenyanga yesikhombisa, okuwusuku lokubuyisana.
10 Unyaka wama-50 niyakuwungcwelisa, nimemezele ukukhululeka kwazo zonke izakhamuzi. Kuyakuba ngunyaka wejubhili kini, niyakubuyela, kube yilowo nalowo efeni lakhe, yilowo nalowo abuyele emndenini wakubo.
11 Unyaka wama-50 uyoba yijubhili kini; aniyukulima, aniyukuwavuna amakhikhizela awo, aniyukuzikha izithelo zomvini ongatheniwe.
12 Uyijubhili, ngakho-ke uyakuba ngcwele kini, niyodla okuvela emasimini.
13 ‘Ngonyaka wejubhili, yilowo nalowo uyobuyela efeni lakhe.
14 ‘Lapho uthengisela owezwe lakini okuthile noma ukuthenga kuye, aniyukuqolana;
15 niyakuthengiselana nomakhelwane wakho kuye ngenani leminyaka emva kwejubhili nangenani leminyaka yomkhiqizo.
16 Uyakuyikhuphula intengo kuye ngobuningi beminyaka, kodwa uma iminyaka imincane, uyakuyinciphisa intengo, ngokuba yinani leminyaka yesivuno enithengiselana ngayo.
17 Ningaqolani, kepha uyomesaba uNkulunkulu wakho, ngokuba nginguSimakade uNkulunkulu wakho.
18 ‘Niyogcina zonke izimiso zami, nezehlulelo zami nizenze, ukuze nihlale nivikelekile ezweni.
19 Izwe liyakuthela izithelo zalo ngobuningi bazo, nidle nisuthe, nihlale kulo nivikelekile.
20 Uma nithi: “Siyakudlani ngonyaka wesikhombisa na? Bheka, asiyukulima, asiyukuvuna kudla;”
21 khona ngiyakuyala isibusiso sami sehlele phezu kwenu ngonyaka wesithupha, ukuze uthele ukudla kweminyaka emithathu.
22 Niyolima ngonyaka wesishiyagalombili, nibe nisadla izithelo enizigcinile; kuze kufike unyaka wesishiyagalolunye, kungene izithelo zawo, niyakudla okugcinwe ezinqolobaneni.
23 ‘Izwe aniyukulithengisa kuze kube phakade, ngokuba izwe lingelami, nina-ke ningabafokazi abagogobeleyo nami.
24 Izwe lonke eliyifa lenu niyakuba nelungelo lokulihlenga.
25 ‘Uma umfowenu eba mpofu, bese ethengisa ngefa lakhe, kuyofika umhlengi oyisihlobo sakhe esisondele silihlenge ifa umfowabo athengise ngalo.
26 Uma umuntu engenaye umhlengi oyisihlobo sakhe, kodwa bese eba ngocebileyo, athole okwanele ukulihlenga,
27 uyobala iminyaka selokhu alithengisa, bese kuthi okuseleyo akudlulisele kulowo muntu ayemthengisele lona, yena abuyele efeni lakhe.
28 Uma engawatholi amandla okulibuyisela kuye, lelo ayelithengisile liyakusala esandleni sowalithengayo, kuze kufike unyaka wejubhili. Liyokhululeka ngejubhili, bese ebuyela efeni lakhe.
29 ‘Uma umuntu ethengisa ngendlu yokuhlala emzini onogange, angayihlenga uma unyaka ungakapheli ithengisiwe, ngokuba unyaka wonke uyakuba nalo ilungelo lokuyihlenga.
30 Uma engayihlenganga kwaze kwaphela unyaka, leyo ndlu esemzini onogange isiyohlala ingeyalowo oyithengileyo kuze kube phakade ezizukulwaneni zakhe. Ayiyukubuyiselwa koyithengisileyo ngejubhili.
31 Kepha izindlu zemizana engenalo ugange macala wonke ziyakubalwa namasimu; zinokuhlengwa, zibuyiselwe kubaninizo ngejubhili.
32 ‘Kepha imizi yabaLevi, izindlu zemizi eyifa labo, abaLevi bayoba nelungelo lokuzihlenga noma nini izindlu ezisemizini eyifa labo.
33 Uma umLevi engeke akwazi ukuyihlenga indlu eyayithengisiwe, izindlu okwathengiselwana ngazo emizini eyifa labo, ziyobuyiselwa kuye ngejubhili, ngokuba izindlu zemizi yabaLevi ziyifa labo phakathi kwabantu bakwa-Israyeli.
34 Amasimu namadlelo omuzi wabo akunakuthengiswa, ngokuba kuyifa labo, kuze kube phakade.
35 ‘Uma umfowenu eba mpofu, bese encika kuwe, uyakumsekela, ahlale nawe njengomfokazi nogogobele kwakho.
36 Awuyukuthatha kuye inzalo nenzuzo, kodwa uyomesaba uNkulunkulu wakho, ukuze umfowenu ahlale nawe.
37 Awuyukumboleka imali ukuze uthole inzalo, awuyukumnika ukudla kwakho bese umfuna inzuzo.
38 NginguSimakade uNkulunkulu wenu, owanikhipha eGibhithe ukuninika iKhanani, ukuze ngibe nguNkulunkulu wenu.
39 ‘Uma umfowenu eba mpofu ehlala nawe, azithengise kuwe, awuyukumsebenzisa njengesigqila.
40 Kepha uyokuba njengesisebenzi nogogobele kwakho; uyokusebenzela kuze kufike unyaka wejubhili,
41 bese eyasuka angabe esahlala nawe. Uyobuyela nabantwana bakhe emndenini wakubo nasefeni lokhokho bakhe.
42 Bayizinceku zami engazikhipha eGibhithe, akuyukuthengiswa ngabo babe yizigqila.
43 Awuyukumphatha ngesihluku, kodwa uyomesaba uNkulunkulu wakho.
44 ‘Izigqila zakho zesilisa nezesifazane oyokuba nazo, uyakuzithenga kwabezizwe abanizungezileyo.
45 Uyakuzithenga emadodaneni abafokazi abagogobele phakathi kwenu. Nalezi zingane ezizalelwe ezweni lakini ziyoba yifa lenu, niyozithenga kwabomndeni wakubo.
46 Niyakuzishiyela amadodana enu zibe yifa lawo kuze kube phakade. Kepha makungabi bikho muntu oyophatha ngesihluku umfowabo kubantu bakwa-Israyeli.
47 ‘Uma umfokazi ogogobele kwakho eba nengcebo, omunye kubafowenu abe mpofu, bese ezithengisa kumfokazi noma kwenye ingxenye yomndeni wabafokazi,
48 uma esezithengisile unelungelo lokuhlengwa. Omunye wabafowabo angamhlenga;
49 kungaba nguyisekazi noma indodana kayisekazi engamhlenga, noma omunye oyisihlobo sakhe segazi angamhlenga, kodwa uma eba ngocebileyo angazihlenga yena.
50 Uyokhuluma nalowo omthengileyo babalelane inani leminyaka esasele kuze kufike unyaka wejubhili. Intengo okumele ayikhokhe iyoba ngangenani leminyaka; isikhathi abe naso phansi komthengi wakhe siyolingana neminyaka yokuqashwa kwakhe.
51 Uma kusasele iminyaka eminingi, uyakukhokha komthengileyo imali elingana naleyo athengwa ngayo.
52 Uma sekusele iminyaka emincane kufike unyaka wejubhili, uyobalisana naye imali njengeminyaka yakhe yokuhlengwa.
53 Njengesisebenzi esiqashwa iminyaka ngeminyaka, uyakuba ngaphansi kwesandla sakhe, kodwa akayukumphatha ngesihluku emehlweni akho.
54 ‘Uma engahlengwanga ngalezi zindlela, ngonyaka wejubhili uyokhululeka nabantwana bakhe.
55 Abantu bakwa-Israyeli bayizinceku, izinceku zami engazikhipha eGibhithe; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.