Leviticus 242020

1USimakade wakhuluma kuMose, wathi:

2“Yala abantu bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo acwengekileyo, agxotshelwe ukukhanyisa, ukuze izibani zivuthe njalonjalo,

3ngaphandle kwesihenqo sobufakazi, ethendeni lokuhlangana. U-Aroni uyakuzilungisa njalo phambi kukaSimakade, kusukela kusihlwa kuze kuse. Lokhu kuyoba yisimiso saphakade ezizukulwaneni zenu.

4Uyakulungisa njalo izibani othini olucwengekileyo, phambi kukaSimakade.

5“Uyothatha impuphu ecolisekileyo upheke ngayo amaqebelengwane ali-12, iqebelengwane ngalinye libe okubili eshumini.

6Uyowabeka abe yimigqa emibili, abe yisithupha kulowo nalowo mugqa etafuleni elicwengekileyo, phambi kukaSimakade.

7Uyakubeka inhlaka ecwengekileyo kuyo yomibili imigqa, ibe yisikhumbuzo somnikelo wesinkwa, umnikelo womlilo kuSimakade.

8Amasabatha ngamasabatha, uyakuzihlela njalo phambi kukaSimakade, njengokuzinikela kwabantu bakwa-Israyeli, nanjengesivumelwano esiphakade.

9Ziyakuba ngezika-Aroni namadodana akhe, bayozidlela endaweni engcwele, ngoba zingcwelengcwele, zingezakhe phakathi kweminikelo yomlilo kaSimakade; ngokwesimiso esiphakade.”

10Indodana yowesifazane wakwa-Israyeli noyise ongowaseGibhithe yaphuma yaya phakathi kwabakwa-Israyeli. Indodana yowesifazane wakwa-Israyeli yaxabana nomuntu wakwa-Israyeli enkanjini.

11Yahlambalaza igama likaSimakade, yaliqalekisa; yalethwa kuMose. Unina waleyo ndodana kwakunguShelomithi, indodakazi kaDibhiri, wesizwana sakwaDani.

12Bayifaka ejele kuze kuphume isinqumo sikaSimakade ukuthi benzenjani ngayo.

13USimakade wakhuluma kuMose, wathi:

14“Mkhiphele ngaphandle kwenkambu lowo muntu othukile. Bonke abamuzwa mababeke izandla zabo ekhanda lakhe, inhlangano yonke imkhande ngamatshe.

15Uyokhuluma nabantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Yilowo nalowo oyakuthuka uNkulunkulu wakhe uyakujeziswa ngenxa yesono sakhe.

16Ohlambalaza igama likaSimakade uyokufa nokufa. Impela inhlangano yonke iyomkhanda ngamatshe. Umfokazi noma umnsinsi wokuzimilela uyobulawa, uma ehlambalaza igama likaSimakade.

17“ ‘Umuntu oshaya omunye aze afe, impela uyobulawa.

18Oshaya inkomo ize ife uyoyikhokha, kube ngukuphila ngokuphila.

19Umuntu olimaza omunye, kuyokwenziwa kuye njengalokho naye enzile,

20kube ngukwaphuka ngokwaphuka, iso ngeso, izinyo ngezinyo; njengalokho elimazile umuntu, kuyokwenziwa kanjalo nakuye.

21Obulala inkomo, uyoyikhokha; obulala umuntu, uyobulawa.

22Niyoba nesehlulelo esifanayo kumfokazi nakowozalo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.’ ”

23UMose wakhuluma nabantu bakwa-Israyeli; bamkhiphela ngaphandle kwenkambu lowo othukileyo, bamkhanda ngamatshe. Abakwa-Israyeli benza njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Leviticus 24.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.