Bible

Upgrade

Your Church Presentations in Minutes

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Joshua 20

:
Zulu - 2020
1 USimakade wakhuluma kuJoshuwa, wathi:
2 “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Misani imizi yokuphephela engakhuluma ngayo kini ngoMose
3 ukuze lowo obulala umuntu ngephutha engahlosile abalekele kuyo; iyokuba kini yindawo yokuphephela kumphindiseli wegazi.
4 Umbulali uyakubalekela komunye wayo afike ame esikhaleni sesango lomuzi, achazele amalunga alowo muzi indaba yakhe, bese emthatha amngenise emzini, amnike indawo ahlale phakathi kwawo.
5 Uma umphindiseli wegazi emlandela, ngeke neze amnikele kuye umbulali, ngokuba wambulala umakhelwane wakhe ngephutha, kwakungekho nzondo phakathi kwabo ngaphambilini.
6 Umbulali uyohlala kulowo muzi kuze kuthethwe icala lakhe ebandla, kuze kufe umphristi omkhulu wangaleso sikhathi, ngaphambi kokuba umbulali abuyele ekhaya, emzini ayebaleke kuwo.’
7 Behlukanisa iKadeshi eGalile ezintabeni kwaNafethali, iShekhemi ezintabeni kwa-Efrayimi, iKiriyathi Arbha eliyiHebhroni ezintabeni kwaJuda.
8 Phesheya kweJordani ngasempumalanga yeJerikho, behlukanisa iBhezeri esehlane lethafa lesizwana sakwaRubeni, iRamothi kwaGileyadi esizwaneni sakwaGadi, neGolamu eBhashani esizwaneni sakwaManase.
9 Lena kwakuyimizi eyehlukaniselwa bonke abantu bakwa-Israyeli nabafokazi ababegogobele phakathi kwabo, ukuze yilowo nalowo obulele umuntu ngephutha abalekele khona, angabulawa ngumphindiseli wegazi, aze ame phambi kwebandla kuthethwe icala lakhe.