Joshua 19
1 Unkatho lwesibili lwadla uSimeyoni. Isizwana sabozalo lukaSimeyoni ngemindeni yaso ifa laso laliphakathi kwefa labozalo lukaJuda.
2 Ifa laso kwaba yiBheri Sheba, iShebha, iMolada,
3 iHazari Shuwali, iBhala, i-Ezeme,
4 i-Elitholadi, iBhethuli, iHorma,
5 iZikilagi, iBhethi Marikabhothi, iHazari Susa,
6 iBhethi Lebhawothi, neSharuheni. Isiyonke kuyimizi eli-13 nemizana yayo.
7 I-Ayini, iRimoni, i-Ethere, ne-Ashani, kuyimizi emine nemizana yayo,
8 nayo yonke imizana eyayizungeze le mizi kuze kuyofika eBhalathi Bheri, iRama eningizimu. Lokho kwakuyifa lesizwe sakwaSimeyoni ngokwemindeni yaso.
9 Ifa labozalo lukaSimeyoni laliyingxenye yendawo yabozalo lukaJuda, ngokuba ingxenye yabozalo lukaJuda yayinkulu kunaso, ngalokho-ke abozalo lukaSimeyoni bathola ifa labo phakathi kwelabakwaJuda.
10 Unkatho lwesithathu lwadla abozalo lukaZebuloni ngokwemindeni yabo. Umngcele wesabelo sabo wawufinyelela eSaridi;
11 wenyukele ngasentshonalanga kuze kube seMarala, eDabheshethi, nasemfuleni ongasempumalanga eJokhineyamu,
12 ujike eSaridi, ubheke ngasempumalanga lapho kuphuma khona ilanga, uze uyofika emngceleni eKhisilothi Thabhori, usuke lapho ubheke eDabherathi, bese wenyukela eJafiya;
13 usuke lapho wedlule ngasempumalanga yeGathi Heferi, uye e-Ethi Khazini, uqhubekele eRimoni, ujikele eNeya.
14 Ngasenyakatho, umngcele uyajika ubheke eHanathoni uze uyophelela esigodini i-Ifita Eli;
15 naseKhatha, eNahalali, eShimroni, eJidala, naseBhethlehema, leyo mizi ili-12 nemizana yayo.
16 Yileso-ke isabelo sabozalo lukaZebuloni ngokwemindeni yabo, leyo mizi nemizana yayo.
17 Unkatho lwesine lwadla u-Isakhare, abozalo luka-Isakhare ngemindeni yabo.
18 Indawo yabo kwakuyiJizreyeli, iKhesulothi, iShunemi,
19 iHafarayimi, iShiyoni, i-Anaharathi,
20 iRabhithi, iKhishiyoni, i-Ebhezi,
21 iRemethi, i-Eni Ganimi, i-Eni Hada, iBhethi Phazezi;
22 umngcele wabo uze ufinyelele eThabhori, eShahazuma, naseBhethi Shemeshi; uze uphele eJordani, imizi eli-16 nemizana yayo.
23 Yileso-ke isabelo sesizwe sabozalo luka-Isakhare ngemindeni yabo, le mizi nemizana yayo.
24 Unkatho lwesihlanu lwadla abozalo luka-Asheri ngemindeni yabo.
25 Umngcele wabo kwakuyiHelikhathi, iHali, iBhetheni, i-Akhishafu,
26 i-Alamelekhi, i-Amadi, neMishali; ngasentshonalanga uze ufinyelele eKharimeli naseShihori Libhinathi;
27 ujike ubheke empumalanga uye eBhethi Dagoni, uze ufike kwaZebuloni nasesigodini i-Ifitha Eli enyakatho ukuya eBhethi Emekhi naseNeyiyeli, uqhubeke ngasenyakatho ubheke eKhabhuli;
28 e-Ebhironi, eRehobhi, eHamoni, eKhana, uze uyofika eSidoni Elikhulu,
29 bese umngcele ujika uya eRama, uze uyofinyelela emzini obiyelweyo eThire; umngcele bese ujika uye eHosa, uze uyophela olwandle e-Akhizibhi;
30 e-Uma, e-Afekhi, naseRehobhi, imizi enga-20 nemizana yayo.
31 Yileso-ke isabelo sesizwana sabozalo luka-Asheri ngemindeni yaso, nemizi nemizana yayo.
32 Unkatho lwesithupha lwadla abozalo lukaNafethali ngemindeni yabo.
33 Umngcele wabo wawusuka eHelefi kulo i-okhi eZahananimi, e-Adamu Nekhebhi, naseJabhineyeli, uze uyofika eLakhumi; uphele eJordani,
34 bese uyajika umngcele ubheke ngasentshonalanga e-Azinothi Thabhori; udlule lapho uye eHukhokhi, uze uyofika kwaZebuloni ngaseningizimu, nakwa-Asheri ngasentshonalanga, nakwaJuda ngaseJordani ngasempumalanga.
35 Imizi ebiyelwe kwakuyiZidimi, iZeri, iHamathi, iRakhathi, iKhinerethi,
36 i-Adama, iRama, iHazori,
37 iKedeshi, i-Edireyi, i-Eni Hazori,
38 iJireyoni, iMigidaliyeli, iHoremi, iBhethi Anathi, iBhethi Shemeshi, nemizi eli-19 nemizana yayo.
39 Yileso-ke isabelo sesizwana sabozalo lukaNafethali ngemindeni yaso, imizi nemizana yayo.
40 Unkatho lwesikhombisa lwadla isizwana sabozalo lukaDani ngemindeni yaso.
41 Indawo eyayiyifa laso kwakuyiZora, i-Eshithawoli, i-Iri Shemeshi,
42 iShahalabhini, i-Ajaloni, iJithila,
43 i-Eloni, iThimna, i-Ekhroni,
44 i-Elithekhe, iGibhethoni, iBhalathi,
45 iJehudi, iBhene Bherakhi, iGathi Rimoni,
46 iMe Jarikhoni, iRakhoni esemngceleni obhekene neJopha.
47 Kwathi ukuba abozalo lukaDani balahlekelwe ngumngcele wabo, bakhuphuka balwa neLeshemu, balidla, balibhubhisa ngenkemba, balithatha, bakha kulo, base belibiza iLeshemu ngokuthi yiDani, beliqamba ngegama likaDani uyise.
48 Yileso-ke isabelo sesizwana sabozalo lukaDani ngemindeni yaso, imizi nemizana yayo.
49 Sebeqedile ukwaba izwe ngokwezizwe, nangokwemingcele yalo, abakwa-Israyeli banika uJoshuwa, indodana kaNuni, ifa lakhe phakathi kwabo.
50 Ngokomyalo kaSimakade bamnika umuzi ayewucelile, iThiminathi Sera kwelezintaba kwa-Efrayimi; wawakha kabusha umuzi, wahlala kuwo.
51 Yilawo-ke amafa abiwa ngonkatho ngu-Eleyazare, umphristi, uJoshuwa, indodana kaNuni nezinhloko zoyise bezizwana zabantu bakwa-Israyeli eShilo, phambi kukaSimakade, emnyango wethende lokuhlangana. Ngakho-ke baqeda ukwehlukanisa izwe.