Jeremiah 92020

1Sengathi ikhanda lami lingamanzi, namehlo ami ngumthombo wezinyembezi, ukuba ngikhalele ababuleweyo babantu bami imini nobusuku.

2Sengathi ngabe nginendawo yokulala izihambi ehlane, ukuze ngibashiye abantu bami, ngisuke kubo, ngokuba bonke bayiziphingi, iqembu lamaqili.

3“Bagobisele umnsalo wolimi emangeni, abaqinanga eqinisweni ezweni, ngokuba basuka kulobu bubi bedlulele kobunye; abangazi Mina,” kusho uSimakade.

4“Yilowo nalowo makaxwaye umakhelwane wakhe, ningethembeli nakubafowenu, ngokuba abafowenu bonke bagebenga, bonke omakhelwane behla benyuka, behleba.

5Yilowo nalowo ukhohlisa umakhelwane wakhe, abalikhulumi iqiniso; ulimi lwabo balufundise ukukhuluma inkohliso, bazikhathaza ngokwenza okubi.

6Bahlala phakathi kwenkohliso; ngenkohliso bayenqaba ukungazi Mina,” kusho uSimakade.

7Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ngiyakubancibilikisa, ngibavivinye, ngokuba ngizokwenza kanjani ngenxa yesono sabantu bami na?

8Ulimi lwabo lungumcibisholo obulalayo, lukhuluma inkohliso; bakhuluma kahle ngomlomo wabo komakhelwane babo, kepha ezinhliziyweni bayamqamekela.

9Angizukubajezisa yini ngalokho na?” kusho uSimakade. “Umphefumulo wami awuyukuziphindiselela yini esizweni esinjengalesi na?”

10Ngiyakukhala, ngilile ezintabeni, nasemadlelweni asehlane, ngikhihle isililo; ngokuba aqothuliwe, akukho muntu owedlula kuwo, akuzwakali nakukhala kwemfuyo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.

11“Ngizakulenza iJerusalema libe yindunduma yamatshe, nendawo yamakhanka; imizi yakwaJuda ngiyenze ibe yincithakalo, kungahlali muntu kuyo.”

12Ngubani umuntu ohlakaniphileyo, ongaqonda okukhulunywe kuye ngumlomo kaSimakade, ukuze akumemezele na? Izwe libhujiselweni, lishiselweni lanjengehlane, kwangaba bikho odabula kulo na?

13USimakade wathi: “Kungenxa yokuba bawushiyile umthetho wami engawubeka phambi kwabo. Abalilalelanga izwi lami futhi abahambanga ngalo.

14Kepha bahambe balandela inkani yenhliziyo yabo, balandela oBhali ababafundiswa ngokhokho babo.”

15Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngiyakubondla laba bantu ngemifino ebabayo, ngibaphuzise amanzi anobuthi.

16Ngiyakubahlakaza phakathi kwezizwe abangazazi, bona nokhokho babo, ngibalandelise ngenkemba, ngize ngibaqede nya.”

17Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Qaphelani, nibize abesifazane besililo ukuba beze; thumelani kwabesifazane abahlakaniphileyo ukuba bafike,

18mabasheshe basikhihlele isililo, ukuze amehlo ethu agobhoze izinyembezi, izinkophe zethu ziphophoze amanzi.

19Ngokuba izwi lesililo lizwakele livela eZiyoni, lithi: ‘Yeka ukubhujiswa kwethu! Sithelwe ngehlazo kakhulu; silishiyile izwe, ngokuba bazidilizile izindlu zethu.’ ”

20Yizwani izwi likaSimakade nina besifazane, izindlebe zenu zilamukele izwi eliphuma emlonyeni wakhe, nifundise amadodakazi enu iculo lesililo, kube yilowo nalowo afundise umakhelwane wakhe ukukhihla isililo.

21Ngokuba ukufa kwenyukele emafasiteleni ethu, kungene ezinqabeni zethu, kubulala izingane emigwaqweni, nezinsizwa ezigcawini.

22Khuluma uthi: “Usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Izidumbu zabantu ziyakusabalala njengendle emasimini, nanjengokusanhlamvu okunqunyiwe okusala emva komvini, kungekho okubuthayo.’ ”

23Usho kanje uSimakade, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazishayi isifuba ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe.

24Kepha ozibongayo makazibonge ngalokhu, ukuthi uyangiqonda, futhi uyangazi ukuthi nginguSimakade owenza umusa, ubulungiswa nokulunga emhlabeni, ngokuba ngiyathokoza ngalezi zinto,” kusho uSimakade.

25“Bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho ngiyakujezisa bonke abasoke enyameni kuphela,

26iGibhithe, uJuda, u-Edomi, abantu bakwa-Amoni, uMowabi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo, abakhe ehlane. Ngokuba zonke izizwe azisokile, nendlu yonke yakwa-Israyeli ayisokile enhliziyweni.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Jeremiah 9.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.