Bible

Connect

With Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Jeremiah 10

:
Zulu - 2020
1 Yizwani izwi uSimakade alikhuluma kini, nina ndlu ka-Israyeli.
2 Usho kanje uSimakade, uthi: “Ningayifundi indlela yabezizwe, ningashaywa wuvalo ngezibonakaliso esibhakabhakeni, ngokuba abezizwe bayazesaba.
3 Imikhuba yabantu iyize; ngokuba umuntu ugawula isihlahla ehlathini, asixhoze ngembazo; umsebenzi wombazi, osibaza ngembazo.
4 Abantu bawuhlobise ngesiliva nangegolide, bawuqongqothele ngesando nangezipikili ukuze ungawi.
5 Njengesichuse ensimini yamakhukhamba, awukhulumi, impela uyathwalwa; ngokuba awuzihambeli. Ungawesabi, ngokuba awukwazi ukukulimaza, futhi awukwazi ukwenza okuhle.”
6 Akekho onjengawe Simakade; umkhulu, igama lakho likhulu emandleni.
7 Ngubani ongayukukwesaba Nkosi yezizwe na? Ngokuba kuyimfanelo yakho, akekho onjengawe phakathi kwabo bonke abahlakaniphileyo bezizwe, nakuyo yonke imibuso yabo; akekho onjengawe.
8 Bonke bayiziphukuphuku neziwula. Ukuyala kwezithombe kufana nokhuni nje,
9 nesiliva elicangcathiweyo elilethwa lisuka eTharishishi, negolide lase-Ufazi, kungumsebenzi wezandla zomcangcathi; kugqokiswe okuluhlaza nokubukhwebezane, konke kungumsebenzi wezingcweti.
10 Kepha uSimakade unguNkulunkulu weqiniso, uNkulunkulu ophilayo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe, umhlaba uyazamazama; izizwe azinakumelana nolaka lwakhe.
11 “Uyakukhuluma kanje kubo: ‘Onkulunkulu abangalenzanga izulu nomhlaba, bayakubhubha emhlabeni naphansi kwezulu.’
12 Umhlaba wawenza ngamandla akhe, izwe walimisa ngokuhlakanipha kwakhe, izulu walendlala ngokuqonda kwakhe.
13 Lapho eduma ngezwi lakhe, kuhlokoma amanzi ezulwini; ukhuphula inkungu emikhawulweni yomhlaba, athumele umbani nemvula, akhiphe umoya ezinqolobaneni zakhe.
14 Bonke abantu bayiziphukuphuku, abanalwazi; bonke ababumbi bathelwe ngehlazo nezithombe zabo ezibunjiweyo ziyinkohliso, azinamphefumulo.
15 Ziyize, umsebenzi wokuhlekwa, ngesikhathi abayojeziswa ngaso, ziyakushabalala.
16 Isabelo sikaJakobe asifani nalaba, ngokuba nguye okubumbileyo konke; u-Israyeli uyisizwe nefa lakhe; nguSimakade Wamabandla igama lakhe.
17 Qoqa umshuqulo wakho emhlabathini, wena ohlezi ekuvinjezelweni.
18 Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, ngalowo mzuzu ngiyozijwiba izakhamuzi zezwe, ngibacindezele ukuze bakuzwe lokho.”
19 Maye kimi ngenxa yokulimala kwami! Isilonda sami sibi. Kepha mina ngithi: “Impela lokhu yisifo, ngizosibekezelela.”
20 Ithende lami libhidliziwe, izintambo zalo zonke zigqatshuliwe; abantwana bami bangishiyile, abasekho, akasekho ongangigxumekela ithende lami futhi, nongigaxela amakhethini ami.
21 Abelusi bayiziphukuphuku, abazange bamfune uSimakade; ngakho-ke abaphumelelanga, nomhlambi wabo wonke uhlakazekile.
22 Izwi lombiko liyasondela, nokuzamazama okukhulu okuvela ezweni enyakatho, ukuba kwenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo, indawo ehlala amakhanka.
23 Simakade, ngiyazi ukuthi indlela yomuntu ayikho ezandleni zakhe ukuba aqondise izinyathelo zakhe uma ehamba.
24 Simakade, ngiqondise ngobulungiswa, kungabi ngentukuthelo yakho, funa ungiphendule into engelutho.
25 Thululela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo, naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho, ngokuba bamdlile uJakobe; yebo, bamdlile bamqeda nya, balenza incithakalo ikhaya lakhe.