Jeremiah 50
1 Izwi uSimakade alikhuluma ngeBhabhele, nangezwe lamaKhaledi, ngomlomo kaJeremiya, umphrofethi, lithi:
2 “Memezelani, nihlabe umkhosi phakathi kwezizwe, niphakamise ibhanela, nikumemezele lokhu ningakufihli, nithi: ‘IBhabhele liyakunqotshwa, uBheli athelwe ngehlazo, uMerodakhi abhujiswe, izithombe zalo zithelwe ngehlazo, imifanekiso yalo ibhujiswe.’
3 Ngokuba liyakuhlaselwa yisizwe esivela enyakatho, esiyakwenza izwe lalo libe yincithakalo, kungabi bikho ohlala kulo; abantu nezilwane kuyakubaleka, kuhambe.”
4 “Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” kusho uSimakade, “abakwa-Israyeli, nabakwaJuda bayakuza behamba kanyekanye, bayakuhamba bekhala, befuna uSimakade uNkulunkulu wabo.
5 Bayakubuza indlela eya eZiyoni, bebhekise amabombo abo kulo, bethi: wozani nizihlanganise noSimakade ngesivumelwano saphakade esingenakulibaleka.
6 “Abantu bami babe yizimvu ezilahlekileyo; baphambukiswe ngabelusi babo, babazulazulisa ezintabeni, basuka entabeni, baya egqumeni, bayikhohlwa indawo yabo yokuphumula.
7 Bonke ababafumanayo babashwabadela; abamelene nabo bathi: ‘Asinacala, ngokuba yibo abonile kuSimakade; ikhaya labo lokulunga, uSimakade, ithemba lokhokho babo.’
8 “Balekani eBhabhele, niphume ezweni lamaKhaledi, hambani, nifane nezimpongo zihola umhlambi.
9 Ngokuba bheka, ngiyakuvusa, ngiwukhuphule umfelandawonye wezizwe ezinamandla, zivela ezweni enyakatho, ngizilethe eBhabhele; ziyakuzihlela kahle, zilinqobe, lapho imicibisholo yalo iyofana neyengwazi engabuyi ilambatha.
10 IKhalideya liyakuba yimpango; bonke abaliphangayo bayokweneliswa,” kusho uSimakade.
11 “Noma ningathokoza, niqhoshe, nina baphangi befa lami; noma ningagxumagxuma njengesithokazi otshanini obuluhlaza, nikhalise okwamahhashi anamandla;
12 kodwa unyoko owakuzalayo uyakujabha kakhulu, ayangaze. Bheka, uyakuba yisizwe sokugcina, ihlane, umhlabathi owomileyo, nogwadule.
13 Ngenxa yentukuthelo kaSimakade aliyukuhlalwa muntu, kodwa lonke liyakuba yincithakalo. Bonke abadlula eBhabhele bayakumangala, banximfe ngenxa yazo zonke izinhlekelele zalo.
14 “Nina nonke eninsala imicibisholo, manini ngomumo, nimelane neBhabhele, nilicibe, ningayigodli imicibisholo, ngokuba lonile kuSimakade.
15 Khuzani iziqubulo zempi nxazonke; lize liphakamise izandla lithi: maluju! Imibhoshongo yalo iyakuwa, izingange zalo ziyakudilizwa, ngokuba lokho kuyimpindiselo kaSimakade; phindiselani kulo, njengokuba lenzile, yenzani kanjalo kulo.
16 Nqumani umhlwanyeli eBhabhele nophethe isikela ngesikhathi sokuvuna; ngenxa yenkemba yomcindezeli, yilowo nalowo abuyele kubantu bakubo, abalekele ezweni lakubo.
17 “U-Israyeli ungumhlambi ohlakazekile; izingonyama zimxoshile. Eyokuqala emudlile, yinkosi yase-Asiriya, eyokugcina eqhoboze amathambo akhe, yinkosi yaseBhabhele.”
18 Ngalokho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakuyijezisa inkosi yaseBhabhele nezwe layo, njengalokhu ngayijezisa inkosi yase-Asiriya.
19 Ngiyakumbuyisela u-Israyeli emadlelweni akhe, aklabe eKharmeli naseBhashani, adle, asuthe ezintabeni zakwa-Efrayimi nezakwaGileyadi.
20 Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” kusho uSimakade, “kuyakuphenywa ngecala lika-Israyeli, kodwa aliyukutholakala, nangezono zakwaJuda, kepha aziyukufunyanwa, ngokuba ngiyakubathethelela engiyakubashiya ukuba babe yinsali.
21 “Hlasela izwe eMerathayimi, nalabo abakhileyo ePhekodi, babulale, ubaqede nya, ungashiyi lutho, ukwenze konke engikuyale ngakho,” kusho uSimakade.
22 Kuzwakala iziqubulo zempi ezweni nezembumbiso enkulu.
23 Yeka ukunqunywa nokwephulwa kwesando somhlaba wonke, yeka ukwenziwa kweBhabhele incithakalo ezizweni!
24 Ngakucupha, wabanjwa, Bhabhele, ungakazi ngalokho; wafunyanwa, wabanjwa, ngokuba ulwile noNkulunkulu.
25 USimakade uyivulile indlu yakhe yezikhali, uzikhiphile izikhali zentukuthelo yakhe, ngokuba iNkosi uSimakade Wamabandla inomsebenzi ezweni lamaKhaledi.
26 Lithelekeleni nilihlasele; niqhamuka emingceleni, nivule izinqolobane zalo, nilinqwabele libe njengezindunduma, niliqede nya, kungasali lutho kulo.
27 Hlabani zonke izinkunzi zalo; mazehle ziyohlatshwa. Maye kuzo! Ngokuba usuku lwazo selufikile; isikhathi sokujeziswa kwazo.
28 Ngumsindo wababalekayo nabaphunyuka eBhabhele, bamemezela eZiyoni impindiselo kaSimakade uNkulunkulu wethu, impindiselo ngethempeli lakhe!
29 “Bizani abemicibisholo, balwe neBhabhele; bonke abansala umnsalo, nikanise nxazonke zalo, kungaphunyuki namunye; niliphindisele njengezenzo zalo, nenze kulo njengoba nalo lenzile, ngokuba lizikhukhumezile, ladelela uSimakade oNgcwele ka-Israyeli.
30 Ngalokho izinsizwa zalo ziyakuwa emigwaqweni yalo, nawo wonke amabutho alo ayakubhujiswa ngalolo lusuku,” kusho uSimakade.
31 “Bheka, ngimelene nawe ozikhukhumezileyo, ngokuba usuku lwakho selufikile, isikhathi sokujeziswa kwakho,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.
32 “Ozikhukhumezayo uyakukhubeka, awe, angabi naye omvusayo. Ngiyakuphemba umlilo emizini yakhe, udle konke okumzungezayo.”
33 Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Abantu bakwa-Israyeli nabakwaJuda bacindezelwe kanyekanye; bonke ababathumbileyo bababamba; ababavumeli ukuba bahambe.
34 Kepha umkhululi wabo unamandla, nguSimakade Wamabandla igama lakhe; uyakuyimela nokuyimela indaba yabo, ukuba aphumuze umhlaba, kodwa bangabi nakuthula abakhileyo eBhabhele.
35 “Mawadliwe yinkemba amaKhaledi, abakhileyo eBhabhele, izikhulu zalo, nezihlakaniphi zalo.
36 Inkemba ifike phezu kwabaphrofethi bamanga, babe yiziwula; inkemba ifike phezu kwamaqhawe alo, aphele amandla.
37 Inkemba ifike phezu kwamahhashi alo, izinqola zalo, naphezu kwayo yonke ingxubevange yabantu ekulo, babe njengabesifazane; inkemba ifike phezu kwengcebo yalo, ize iphangwe.
38 Makufike isomiso emanzini alo, aze ashe, ngokuba yizwe elinezithombe ezibaziweyo, bahlanyiswa yizithombe zabo ezibaziweyo, ezesabekayo.
39 “Ngalokho izilwane zasehlane ziyakuhlala nezimpungushe, kuhlale khona nezintshe; alisayukuhlalwa kuze kube phakade, lingabe lisakhiwa izizukulwane ngezizukulwane.
40 Njengalokho uNkulunkulu wabhubhisa iSodoma neGomora, nemizi yawo eyakhelene, kanjalo akuyukuhlala muntu khona, kungagogobali lapho indodana yomuntu,” kusho uSimakade.
41 “Bheka, kuqhamuka abantu enyakatho, isizwe esikhulu namakhosi amaningi, kuvuswe ekugcineni komhlaba.
42 Babamba umnsalo nomkhonto; banonya, abanamusa; umsindo wabo uzwakala njengokuduma kolwandle; bagibele amahhashi, bahlelwe njengamabutho eyohlasela indodakazi yaseBhabhele.
43 Inkosi yaseBhabhele izwile ngodumo lwabo, izandla zayo zaba buthakathaka; usizi luyibambile, nemihelo njengeyobelethayo.
44 Bheka, njengengonyama ephuma ehlozini eJordani, iya emadlelweni aluhlaza; ngiyakubazuma kanjalo abaseBhabhele, ngibaxoshe ezweni labo. Noma ngubani okhethiweyo, ngiyombeka ababuse. Ngokuba ngubani onjengami na? Ngubani ongangiphosela inselelo na? Yimuphi umelusi ongamelana nami na?”
45 Ngakho-ke yizwani amasu uSimakade awacebele iBhabhele nakuhlose ngezwe lamaKhaledi: impela abancinyane emhlanjini bayohudulwa, basuswe, indawo abakuyo ayenze ibe yincithakalo ngenxa yabo.
46 Ngomsindo wokuthunjwa kweBhabhele, umhlaba uyakuthuthumela, umsindo wokukhala kwabo kalusizi, uyozwakala ezizweni.