Bible

Say Goodbye

To Clunky Software & Sunday Tech Stress!

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Jeremiah 49

:
Zulu - 2020
1 Kubantu bakwa-Amoni. Usho kanje uSimakade, uthi: “Kanti u-Israyeli akanamadodana, akanandlalifa na? Kungani inkosi yabo idle elakwaGadi, nabantu bayo bahlala emizini yakhona na?
2 Ngakho-ke bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho ngiyakwenza ukuba kuhlatshwe umkhosi wempi eRabha labakwa-Amoni. Liyophenduka indunduma yencithakalo, imizana yalo ishiswe ngomlilo; u-Israyeli uyokwephuca labo ababedle ifa lakhe,” kusho uSimakade.
3 “Khihla isililo, Heshibhoni, ngokuba i-Ayi ibhujisiwe, khalani, madodakazi aseRabha, nibhince indwangu eyisaka; nilile, nigijime phakathi kwezingange, ngokuba inkosi yalo izothunjwa, nabaphristi balo nezikhulu zalo, kanyekanye.
4 Uzigqajelani ngezigodi, ngesigodi sakho esivundileyo, wena ndodakazi ehlubukayo, othembele engcebeni yakho, uthi: ‘Ngubani ongangihlasela na?’
5 Bheka, ngizokwehlisela ukwesaba phezu kwakho,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla, “kuvela kubo bonke abakuzungezileyo; niyakuxoshwa; kube yilowo nalowo abambe eyakhe indlela, kungabi bikho oqoqa ababalekileyo.
6 “Kepha emveni kwalokho ngiyakuguqula ukuthunjwa kwabakwa-Amoni,” kusho uSimakade.
7 Mayelana no-Edomi. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Akusekho yini ukuhlakanipha eThemani na? Sekuphelile yini ukweluleka kwabanokuqonda na? Ngabe ukuhlakanipha kwabo sekushabalele na?
8 Phendukani, nibaleke, nibhace emigedeni ejulileyo; nina zakhamuzi zaseDedani, ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwakhe inhlekelele ka-Esawu, ngesikhathi engiyomjezisa ngaso.
9 Uma kufika kuwe abavuni bamagilebhisi, abayukushiya mkhothozo yini na? Uma kutheleka amasela ebusuku, awayukuntshontsha yini lokho akudingayo na?
10 Kepha Mina, ngizomhlubula u-Esawu, ngambule izindawo zakhe ezifihlekile akayukukwazi ukucasha; izizukulwane zakhe, izihlobo zakhe, nomakhelwane bakhe bayakubhujiswa, baphele nya.
11 Zishiye izintandane zakho, Mina ngizozigcina ziphilile; abafelokazi bakho mabethembele kimi.”
12 Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Uma labo okungafanele baphuze endebeni, bephuzile kuyo, pho kungani wena ungenakujeziswa na? Ngeke uyekwe ungajeziswa, impela nawe uyophuza kuyo.
13 Ngizifunge Mina uqobo, kusho uSimakade, ukuthi iBhozira liyakuba yincithakalo, ihlazo, into esabekayo, nesiqalekiso, nayo yonke imizi yalo iyakuba yincithakalo yaphakade,” kusho uSimakade.
14 Ngiwuzwile umbiko ovela kuSimakade, kuthunywe isithunywa ezizweni sayokuthi: “Qoqanani, nimelane nalo; sukumani, nilungele ukulwa.”
15 “Ngokuba bheka, ngizakukwenza ube mncane phakathi kwezizwe, udelelwe phakathi kwabantu.
16 Ukwesabeka kwakho nokuziqhenya kwenhliziyo yakho kukudukisile, wena ohleli emifantwini yamadwala, esicongweni segquma. Noma isidleke sakho ungasakha phezulu njengokhozi; ngiyakwehlisa khona lapho,” kusho uSimakade.
17 “U-Edomi uyakuba yinto esabekayo, kuthi bonke abedlulayo bamangale, banximfe ngenxa yezinhlupheko zakhe.
18 Njengokuchithwa kweSodoma neGomora, nemizi eyakhe ngakhona; akuyukuhlala muntu lapho, nendodana yomuntu ayiyukugogobala khona,” kusho uSimakade.
19 “Bheka, njengengonyama iphuma ehlozini eJordani, iya emadlelweni aluhlaza, ngiyakubazuma kanjalo abakwa-Edomi, ngibaxoshe ezweni labo. Noma ngubani okhethiweyo ngiyombeka ababuse. Ngokuba ngubani onjengami na? Ngubani ongangiphosela inselelo na? Yimuphi umelusi ongama phambi kwami na?”
20 Ngakho-ke yizwani ngecebo likaSimakade; ngo-Edomi nalokho akuhlosile ngabakhileyo eThemani: impela abancinyane emhlanjini bayohudulwa basuswe, abhubhise amadlelo abo ngenxa yabo.
21 Umhlaba uyakuzamazama ngomsindo wokuwa kwabo; umsindo wokukhala kwabo kalusizi, uzwakale oLwandle Lomhlanga.
22 Bheka, uyakukhuphuka ashwize njengokhozi, ehle, elulele amaphiko akhe phezu kweBhozira. Izinhliziyo zamaqhawe akwa-Edomi ziyakufana nenhliziyo yowesifazane ohelelwayo.
23 Mayelana neDamaseku. “IHamathi ne-Ariphadi kujabhile, kwaphela amandla, ngokuba kuzwe izindaba ezimbi, kukhathazekile njengolwandle, olungenakuthula.
24 IDamaseku lidikibele, laphenduka labaleka; ingebhe ilibambile, ukudabuka nobuhlungu kulikhungethe njengowesifazane obelethayo.
25 Yeka ukushiywa komuzi odumileyo, umuzi wokuthokoza kwami!
26 Ngakho-ke izinsizwa zakhona ziyakuwa ezindaweni ezivulekileyo, nawo wonke amaqhawe empi abulawe ngalolo lusuku,” kusho uSimakade Wamabandla.
27 “Ngiyakuphemba umlilo ogangeni lwaseDamaseku, ungqongqise izinqaba zikaBheni Hadadi.”
28 Mayelana neKhedari, nangemibuso yaseHazori, eyayinqotshwe nguNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele. Usho kanje uSimakade, uthi: “Khuphukelani eKhedari, nibhubhise abantu basempumalanga.
29 Niyothatha, nithwale amathende abo, imihlambi yabo, amakhethini abo, nazo zonke izimpahla zabo, amakameli abo, nimemeze kubo nithi: ‘Kugcwele ukwesabeka nxazonke.’
30 “Bhembulukani nibaleke, nizulazule kude, nicashe emigedeni, nina zakhamuzi zaseHazori, kusho uSimakade; ngokuba uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, wenze icebo ngani; unakhele uzungu, waceba icebo,” kusho uSimakade.
31 “Sukani, nikhuphukele esizweni esizinzileyo, esihlala ngokuvikeleka, esingenamasango namigoqo, esakhe sodwa,” kusho uSimakade.
32 “Amakamela aso ayakuba yimpango, nemfuyo yaso eningi iyakuphangwa. Ngiyakubahlakazela ezindaweni zonke, bonke abadilingwe emaceleni amakhanda abo, ngehlisele phezu kwabo inhlekelele evela nxazonke,” kusho uSimakade.
33 “IHazori liyakuba yindawo ehlala amakhanka nencithakalo, kuze kube phakade. Akuyukuhlala muntu khona, nendodana yomuntu ayiyukugogobala khona.”
34 Izwi elafika kuJeremiya, umphrofethi, mayelana ne-Elami ekuqaleni kokubusa kukaZedekiya, inkosi yakwaJuda, lathi:
35 usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Bheka, ngiyakuwephula umnsalo we-Elamu, isiqalo samandla abo.
36 Ngiyakwehlisela phezu kwe-Elamu imimoya emine evela emkhawulweni yomine yezulu, ngibahlakazele kuyo yonke leyo mimoya, akuyukuba bikho sizwe lapho abaxoshiweyo base-Elamu bengayikufika khona.
37 Ngiyakuyivithiza i-Elamu phambi kwezitha zalo, naphambi kwalabo abafuna ukuphila kwabo; ngibehlisele inhlekelele, nentukuthelo yami evuthayo,” kusho uSimakade. “Ngiyothumela emva kwabo inkemba, ngize ngibaqothule baphele nya.
38 Ngiyakubeka isihlalo sami sobukhosi e-Elamu, ngibhubhise lapho inkosi nezikhulu,” kusho uSimakade.
39 “Kepha kuyakuthi ngezinsuku zokugcina ngikuguqule ukuthunjwa kwe-Elamu,” kusho uSimakade.