Bible

Simplify

Your Church Tech & Streamline Your Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Jeremiah 20

:
Zulu - 2020
1 UPhashuri, indodana ka-Imeri umphristi owayeyisikhulu esengamele indlu kaSimakade, wamuzwa uJeremiya ephrofetha ngalezo zinto.
2 UPhashuri wamshaya uJeremiya, umphrofethi, wamfaka ejele elalingasesangweni elingenhla kwakwaBhenjamini, ngasendlini kaSimakade.
3 Ngakusasa uPhashuri wamkhipha uJeremiya ejele. UJeremiya wathi kuye: “USimakade akakubizanga ngokuthi unguPhashuri, kodwa unguMagori Misabibi.
4 Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: ‘Ngizokwenza uzesabe wena luqobo, wesatshwe nayibona bonke abangani bakho. Bayokuwa ngenkemba yezitha zabo, ubuka ngawakho amehlo, uJuda wonke ngiyakumnikela esandleni senkosi yaseBhabhele; iyobathumbela eBhabhele, ibabulale ngenkemba.
5 Futhi ngiyakunikela yonke ingcebo yalo muzi, yonke impahla yawo, nazo zonke izinto zawo eziyigugu, yebo, yonke ingcebo yamakhosi akwaJuda ngiyoyinikela esandleni sezitha zabo, ziyiphange, ziyithathe, ziyiyise eBhabhele.
6 Wena, Phashuri, nabo bonke abahlala endlini yakho, niyakuthunjwa. Uyakuya eBhabhele, kodwa uyofela khona, ungcwatshwe khona, wena nabo bonke abangani bakho ophrofethe kubo amanga.’
7 Simakade, wangiyenga, ngayengeka; ube namandla kunami, wangehlula. Ngibe yinhlekisa usuku lonke, ngaklolodelwa yibo bonke.
8 Njalo uma ngikhuluma, ngiyakhala, ngimemeza ngobudlova nokubhujiswa; impela izwi likaNkulunkulu seliphenduke ihlazo kimi, nenhlekisa usuku lonke.
9 Lapho ngithi: “Angisayukumkhumbula, angisayukukhuluma egameni lakhe,” izwi lakhe linjengomlilo ovuthayo enhliziyweni yami, ovalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukulibamba, angikwazi.
10 Ngizwile ukuhleba kwabaningi, bethi: “Luvalo nxazonke. Mmangalele! Masimmangalele!” Bonke abangani bami sebelinde ukuwa kwami. “Mhlawumbe uyakuyengeka, simehlule, siziphindisele kuye.”
11 Kepha uSimakade unami njengeqhawe elinamandla, ngakho-ke abangizingelayo bayakukhubeka, abayukungehlula; bayakuba namahloni amakhulu, ngokuba abayukuphumelela, nehlazo labo eliphakade aliyukulibaleka.
12 Simakade Wamabandla, ovivinya olungileyo, obona izinso nenhliziyo, mangibone ukuphindisela kwakho kubo, ngokuba indaba yami ngiyibeke phambi kwakho.
13 Hlabelelani kuSimakade, mdumiseni uSimakade, ngokuba uwuhlengile umphefumulo wompofu esandleni sababi.
14 Luqalekisiwe usuku engazalwa ngalo; usuku umame angibeletha ngalo malungabusiswa.
15 Uqalekisiwe nomuntu owabika kubaba, ethi: “Uzalelwe umntwana wesilisa,” wamthokozisa kakhulu.
16 Lo muntu makabe njengemizi uSimakade ayigumbuqela ngokungenasihawu, makezwe ukukhala ekuseni, nokumemeza kokwethuka ngesikhathi sasemini,
17 ngokuba akangibulalanga ngisesiswini, umame abe yithuna lami, nesisu sakhe sahlala singikhulelwe njalo.
18 Ngaphumelani esibelethweni ukuba ngibone ukuhlupheka nosizi, nezinsuku zami ziphelele ehlazweni na?