Jeremiah 19
1 Usho kanje uSimakade, uthi: “Hamba uthenge uphiso lobumba lombumbi, uthathe amanye amalunga abantu namanye amalunga abaphristi,
2 uphume, uye esigodini sendodana kaHinomu, esingasesikhaleni seSango Lezindengezi, umemezele khona amazwi engiyakuwasho kuwe.
3 Uyakuthi: ‘Yizwani izwi likaSimakade, nina makhosi akwaJuda, nani zakhamuzi zaseJerusalema. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela inhlekelele kule ndawo, bonke abayokuzwa ngayo, izindlebe zabo ziyonkeneneza.
4 Ngokuba bangihlubukile, baphatha le ndawo njengeyabezizwe, bashisela abanye onkulunkulu impepho kuyo, ababengabazi, bona nokhokho babo, namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala.
5 Bakha izindawo eziphakemeyo zikaBhali, ukuze bashise ngomlilo amadodana abo, abe yiminikelo yokushiswa kuBhali, engingakuyalanga, engingakhulumanga ngakho nokungangenanga enhliziyweni yami.
6 Ngakho-ke ziyeza izinsuku, kusho uSimakade, lapho le ndawo ingasayukubizwa ngokuthi iThofethi, noma yisigodi sendodana kaHinomu, kepha yiSigodi Sokubulala.
7 “ ‘Ngiyakuliphunzisa icebo likaJuda neJerusalema kule ndawo, ngibaqumbe phansi ngenkemba phambi kwezitha zabo, nangesandla sabafuna ukuphila kwabo. Izidumbu zabo ziyokuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasendle.
8 Lo muzi ngiyakuwenza ube yincithakalo nento enximfelwayo; bonke abadlula kuwo bayakumangala, banximfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zawo.
9 Ngiyakubenza badle inyama yamadodana neyamadodakazi abo, kube yilowo nalowo adle inyama kamakhelwane wakhe, ngesikhathi bevinjezelwe, bexinwe yizitha zabo nalabo abafuna ukuphila kwabo.’
10 “Uyakuphihliza uphiso phambi kwamadoda ohambe nawo,
11 uthi kuwo: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: Ngiyakubaphihliza kanjalo laba bantu nalo muzi, njengokuphihlizwa kwesitsha sombumbi esingayukubuye sihlanganiseke; bayakumbelwa eThofethi, ngokuba akuyukuba bikho ndawo yokungcwaba.
12 Ngiyokwenza kanjalo nakule ndawo, kusho uSimakade, nakuzo izakhamuzi, ukuwenza lo muzi ube njengeThofethi.
13 Izindlu eJerusalema nezigodlo zamakhosi akwaJuda, ziyakungcola njengeThofethi, yebo, nakuzo zonke izindlu abashisele ibandla lasezulwini impepho, phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwayo.’ ”
14 UJeremiya wayesebuya eThofethi lapho uSimakade ayemthume khona ukuba ayophrofetha; wema egcekeni lendlu kaSimakade, wathi kubantu bonke:
15 “Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngiyakwehlisela phezu kwalo muzi nemizana yawo, yonke inhlekelele engikhulume ngayo, ngokuba benze lukhuni intamo yabo, bangawalalela amazwi ami.’ ”