Jeremiah 13
1 USimakade washo kanje kimi, wathi: “Hamba uzithengele indwangu yelineni yasokhalo, uyibhince okhalo lwakho, ungayihlanzi ngamanzi.”
2 Ngayithenga indwangu yasokhalo njengokusho kwezwi likaSimakade, ngayibhinca okhalo lwami.
3 Izwi likaSimakade lafika kimi ngokwesibili, lathi:
4 “Thatha indwangu yasokhalo oyithengile, esokhalo lwakho, usuke uhambe, uye ePheratha, uyifihle lapho emfantwini wedwala.”
5 Ngahamba, ngayifihla ePheratha njengalokhu uSimakade ayengiyalile.
6 Kwathi ngasekupheleni kwezinsuku eziningi, uSimakade wathi kimi: “Suka uye ePheratha, uthathe lapho indwangu yasokhalo engakuyala ukuba uyifihle lapho.”
7 Ngaya ePheratha, ngemba, ngayithatha indwangu yasokhalo lapho ngangiyifihle khona, bheka, indwangu yasokhalo yayonakele, ingasenamsebenzi walutho.
8 Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:
9 “Usho kanje uSimakade: ‘Ngiyakukubhubhisa kanjalo ukuziqhenya kukaJuda, nokuzigqaja kweJerusalema.
10 Laba bantu ababi bayenqaba ukulalela amazwi ami, bahamba ngobulukhuni benhliziyo yabo, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, nokuba bakhuleke kubo, bazofana nale ndwangu yasokhalo, engasenamsebenzi walutho.
11 Njengalokhu indwangu yasokhalo inamathela okhalo lomuntu, kanjalo ngiyenze indlu yonke yakwa-Israyeli, nayo yonke indlu yakwaJuda ukuba zinamathele kimi,’ kusho uSimakade, ‘ukuba babe ngabantu bami, ngizenzele ngabo igama, nodumo, nendumiso, kodwa kabalalelanga.’
12 “Uyakubatshela leli lizwi, uthi: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Zonke izimvaba ziyakugcwaliswa ngewayini.’ Bayakuthi kuwe: ‘Impela asazi yini ukuthi kungani zonke izimvaba zigcwaliswe ngewayini na?’
13 Uyokuthi kubo: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: Bheka, ngizakuzigcwalisa ngokudakwa, zonke izakhamuzi zakuleli lizwe; amakhosi ahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide, abaphristi, abaphrofethi, nabo bonke abakhileyo eJerusalema.
14 Ngiyobaphahlaza; omunye kumfowabo, oyise nezingane kanyekanye,’ ” kusho uSimakade. “Angiyukubahawukela, angiyukuba nasisa, angiyukuba nasihe kubo, ukuba ngingababhubhisi.”
15 Yizwani, nibeke indlebe, ningaziqhenyi, ngokuba uSimakade ukhulumile.
16 Mnikeni uSimakade uNkulunkulu wenu udumo, engakabulethi ubumnyama, zingakakhubeki izinyawo zenu ezintabeni zokuhwalala, niyokuthi nisabheke ukukhanya akuphendule ithunzi lokufa, akwenze kube yisigayegaye sobumnyama.
17 Kepha uma ningalaleli; umphefumulo wami uyakukhala ngasese, ngenxa yokuzigqaja kwenu; iso lami liyakukhala kalusizi, liphophoze izinyembezi; ngokuba umhlambi kaSimakade uthunjiwe.
18 Yisho enkosini nasendlovukazini eyizalayo, uthi: “Yehlani ezihlalweni zenu zobukhosi, ngokuba umqhele wenu wodumo ekhanda uwile.”
19 Imizi eNegevu ivaliwe, akekho oyivulayo. UJuda wonkana uthunjiwe, uthunjwe ngokupheleleyo.
20 Phakamisani amehlo enu, nibone abavela enyakatho; uphi umhlambi enaphiwa wona, izimvu zakho ezinhle na?
21 Uyakuthini lapho emisa phezu kwakho labo okade ubafundisile ukuba babe ngabangani bakho, babe ngumholi na? Awuyukukhungathwa yini yimihelo njengowesifazane obelethayo na?
22 Uyakuthi enhliziyweni yakho: “Zingehleleleni lezi zinto na?” Ngobukhulu bokona kwakho, isidwaba sakho siphenyiwe, nomzimba wakho wahlukunyezwa.
23 UmKhushe angasiguqula yini isikhumba sakhe, nengwe amabala ayo na? Nani-ke ningekwenze okuhle, nina eniqeqeshelwe ukwenza okubi.
24 “Ngakho-ke ngiyakubasakaza njengamakhoba epheshulwa ngumoya wasehlane.
25 Lokhu kuyisabelo sakho, isabelo engikulinganisele sona,” kusho uSimakade, “ngokuba wangikhohlwa wethembela emangeni.
26 Ngizakuphenya isidwaba sibe sebusweni bakho, bubonakale ubunqunu bakho.
27 Ukuphinga kwakho, nomsindo wokushabashabeka kwakho ukhanukela ukufeba, nezinengiso zakho; ngikubonile emagqumeni asendle. Maye, kuwe Jerusalema! Awuhlambulukile. Kuyoze kube nini na?”