Jeremiah 12
1 Wena, Simakade, ulungile, noma ngikumangalela. Nokho ngiyakukhuluma nawe ngokwehlulela: kungani indlela yezikhohlakali ichuma na? Kungani banethezeke abakhohlisi boqobo na?
2 Ubatshalile, futhi bagxila; bayakhula, futhi bathela izithelo; igama lakho lisezindebeni zemilomo yabo, kodwa izinhliziyo zabo zikude nawe.
3 Kepha Wena Simakade uyangazi, futhi uyangibona, uhlola inhliziyo yami ukuthi injani kuwe. Bahudule njengezimvu ziyokuhlatshwa, ubalungisele usuku lokuhlatshwa.
4 Kuyoze kube nini izwe ligagadekile, nemifino yonke yasendle ibuna na? Ngobubi babakhileyo kulo; izilwane nezinyoni kuyashabalala, ngokuba bathi: “Akayukusibona isiphetho sethu.”
5 “Ugijime nemigundatshani, yakukhathaza, pho ungancintisana kanjani namahhashi na? Uma ukhubeka ezweni eliphephile, uyakwenzenjani ehlozini eJordani na?
6 Abafowenu nabendlu kayihlo nabo bakukhohlisile, bamemeza bekhala emva kwakho; ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”
7 “Ngiyishiyile indlu yami, ngalilahla ifa lami, nginikele ngothandiweyo womphefumulo wami, esandleni sezitha zakhe.
8 Ifa lami selingiphendukele lanjengebhubesi ehlathini, liyangibhongela, ngalokho-ke ngiyalizonda.
9 Ngabe ifa lami liyinqe elimanakanaka kimi na? Ngabe amanqe alihaqe nxazonke na? Hambani, nibuthe zonke izilwane zasendle, nizilethe, zidle.
10 Abelusi abaningi basicekele phansi isivini sami, basinyathela isabelo sami, ifa lami elinxanelekayo balenze ihlane eliyincithakalo.
11 Basenze incithakalo, siyincithakalo, siyalila phambi kwami. Izwe lonke liyincithakalo, kepha akekho onendaba ngalokho.
12 Ababhubhisi batheleke bevela kuzo zonke izindawo eziphakemeyo, ezingamaqwaqwasi ehlane; inkemba kaSimakade iyabhubhisa, kusukela kulo mkhawulo womhlaba kuya komunye, akukho ukuthula kubantu.
13 Bahlwanyela ukolo, bavune ameva; bazikhandlile, kodwa abazuzanga lutho. Yebo, dumalani ngenxa yezithelo zenu ngenxa yokuvutha kolaka lukaSimakade.”
14 Usho kanje uSimakade ngabo bonke omakhelwane bami abakhohlakele, abaqhwaga ifa engabanika lona abantu bami u-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubasiphula ezweni lakubo, nendlu kaJuda ngiyisiphule phakathi kwabo.
15 Kuyakuthi uma sengibasiphulile, ngibuye ngibahawukele, ngibabuyise, kube yilowo nalowo efeni lakhe nasezweni lakhe.
16 Kuyakuthi uma bezifunda nokuzifunda izindlela zabantu bami, ukuba bafunge igama lami, bathi: ‘Kuphila kukaSimakade,’ njengalokhu befundise abantu bami ukufunga uBhali, bayakuzinziswa phakathi kwabantu bami.
17 Kepha uma isizwe singalaleli, ngiyakusisiphula nokusisiphula, ngisibhubhise,” kusho uSimakade.