Jeremiah 122020

1Wena, Simakade, ulungile, noma ngikumangalela. Nokho ngiyakukhuluma nawe ngokwehlulela: kungani indlela yezikhohlakali ichuma na? Kungani banethezeke abakhohlisi boqobo na?

2Ubatshalile, futhi bagxila; bayakhula, futhi bathela izithelo; igama lakho lisezindebeni zemilomo yabo, kodwa izinhliziyo zabo zikude nawe.

3Kepha Wena Simakade uyangazi, futhi uyangibona, uhlola inhliziyo yami ukuthi injani kuwe. Bahudule njengezimvu ziyokuhlatshwa, ubalungisele usuku lokuhlatshwa.

4Kuyoze kube nini izwe ligagadekile, nemifino yonke yasendle ibuna na? Ngobubi babakhileyo kulo; izilwane nezinyoni kuyashabalala, ngokuba bathi: “Akayukusibona isiphetho sethu.”

5“Ugijime nemigundatshani, yakukhathaza, pho ungancintisana kanjani namahhashi na? Uma ukhubeka ezweni eliphephile, uyakwenzenjani ehlozini eJordani na?

6Abafowenu nabendlu kayihlo nabo bakukhohlisile, bamemeza bekhala emva kwakho; ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”

7“Ngiyishiyile indlu yami, ngalilahla ifa lami, nginikele ngothandiweyo womphefumulo wami, esandleni sezitha zakhe.

8Ifa lami selingiphendukele lanjengebhubesi ehlathini, liyangibhongela, ngalokho-ke ngiyalizonda.

9Ngabe ifa lami liyinqe elimanakanaka kimi na? Ngabe amanqe alihaqe nxazonke na? Hambani, nibuthe zonke izilwane zasendle, nizilethe, zidle.

10Abelusi abaningi basicekele phansi isivini sami, basinyathela isabelo sami, ifa lami elinxanelekayo balenze ihlane eliyincithakalo.

11Basenze incithakalo, siyincithakalo, siyalila phambi kwami. Izwe lonke liyincithakalo, kepha akekho onendaba ngalokho.

12Ababhubhisi batheleke bevela kuzo zonke izindawo eziphakemeyo, ezingamaqwaqwasi ehlane; inkemba kaSimakade iyabhubhisa, kusukela kulo mkhawulo womhlaba kuya komunye, akukho ukuthula kubantu.

13Bahlwanyela ukolo, bavune ameva; bazikhandlile, kodwa abazuzanga lutho. Yebo, dumalani ngenxa yezithelo zenu ngenxa yokuvutha kolaka lukaSimakade.”

14Usho kanje uSimakade ngabo bonke omakhelwane bami abakhohlakele, abaqhwaga ifa engabanika lona abantu bami u-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubasiphula ezweni lakubo, nendlu kaJuda ngiyisiphule phakathi kwabo.

15Kuyakuthi uma sengibasiphulile, ngibuye ngibahawukele, ngibabuyise, kube yilowo nalowo efeni lakhe nasezweni lakhe.

16Kuyakuthi uma bezifunda nokuzifunda izindlela zabantu bami, ukuba bafunge igama lami, bathi: ‘Kuphila kukaSimakade,’ njengalokhu befundise abantu bami ukufunga uBhali, bayakuzinziswa phakathi kwabantu bami.

17Kepha uma isizwe singalaleli, ngiyakusisiphula nokusisiphula, ngisibhubhise,” kusho uSimakade.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Jeremiah 12.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.