Bible

Focus

On Your Ministry and Not Your Media

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Isaiah 9

:
Zulu - 2020
1 Akuyukubabikho bumnyama kulabo ababehlupheka. Ngesikhathi esedlule uSimakade wathobisa elakwaZebuloni nelakwaNafethali, kodwa ngomuso uyokwenza ihlonipheke indlela eya olwandle, ezweni elingaphesheya kweJordani, eGalile labezizwe.
2 Abantu ababehamba ebumnyameni, babonile ukukhanya okukhulu. Labo abahlala ezweni elimnyama bhuqe, ukukhanya kuyakubakhanyisela.
3 Uyokwandisa isizwe, usenze siphuphume injabulo; siyothokoza phambi kwakho njengokujabula ngesikhathi sokuvuna, njengoba abantu bejabula lapho babelana impango.
4 Ngokuba uyakunqamula ijoka lomthwalo wabo, nenduku esemahlombe abo, nentonga yocindezelayo, njengosuku mhla kunqotshwa abakwaMidiyani.
5 Wonke amabhuzu amabutho abefakwe empini, nezingubo ezazicwiliswe egazini, kuyoshiswa, kudliwe ngumlilo.
6 Ngokuba sizalelwe uMntwana, siphiwe iNdodana; umbuso uyokuba semahlombe akhe. IGama lakhe kuyothiwa nguMeluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, uMbusi wokuthula.
7 Umbuso wakhe uyokwanda njalo, ukuthula kungaze kwaphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze usekelwe, umiswe ngobulungiswa nangobuqotho, kusukela manje kuze kube phakade. Intshisekelo kaSimakade Wamabandla iyokwenza lokho.
8 INkosi ithumele izwi kwaJakobe, lehlela nakwa-Israyeli.
9 Bonke abantu bayazi ngalo, u-Efrayimi nezakhamuzi zaseSamariya, kodwa okwathi ngokuqhosha nangokuzidla kwabo, bathi:
10 “Izitini ziwele phansi, kodwa sizokwakha kabusha ngamatshe abaziweyo; izihlahla zomkhiwane zigawuliwe, kodwa sizotshala ezomsedari esikhundleni sazo.”
11 USimakade ubavusele izitha zivela kuRezini, ukuze zimelane nabo. Wazigqugquzela izitha zabo,
12 ama-Aramu ngasempumalanga, namaFilisti ngasentshonalanga, bamsobozela u-Israyeli ngemilomo yabo. Phezu kwakho konke lokho, ulaka lukaSimakade alukabohli, isandla sakhe sisashaya.
13 Abantu ababuyelanga kulowo obashayayo, abamfunanga uSimakade Wamabandla.
14 Ngakho-ke ngalusuku lunye uSimakade uyanquma kwa-Israyeli: ikhanda nomsila, igatsha lesundu nomhlanga.
15 Impunga nophakemeyo bayikhanda, umphrofethi ofundisa ngamanga ungumsila.
16 Labo abahola laba bantu bayabadukisa, nalabo abaholwayo badidekile.
17 Ngalokho-ke iNkosi ayithokozi ngezinsizwa zabo, ayinasihawu ezintandaneni nakubafelokazi bakhona. Ngokuba yilowo nalowo kubo engenabuNkulunkulu, abenzi bokubi, bonke bakhuluma ubuwula ngemilomo yabo; kukho konke lokhu intukuthelo kaSimakade ayibohli, nesandla sakhe sisashaya.
18 Ngokuba inkohlakalo ivutha njengomlilo, iqothula ameva namakhakhasi, yokhele ihlozi lehlathi, kwenyuka isikhatha sentuthu sibheke phezulu.
19 Ngentukuthelo kaSimakade Wamabandla, izwe lashiswa; abantu bafana nenswani, badliwe ngumlilo, akwababikho ophephisa umakhelwane wakhe.
20 Badla okungakwesokunene, basala belambile, badla okungakwesokhohlo, kabaze beneliswa; yilowo nalowo wadla inyama yengalo yakhe,
21 uManase uphendukele u-Efrayimi, u-Efrayimi waphendukela uManase, bobabili baphendukele uJuda. Kukho konke lokho ulaka lukaSimakade alubohlanga, nesandla sakhe usashaya ngaso.