Isaiah 10
1 Maye, kulabo abashaya imithetho engalungile, nababhala izimiso ezikhathazayo,
2 ukuhlanekezela ubulungiswa kwabantulayo, nokuqola abantu bami abampofu amalungelo abo, ukuze abafelokazi babe yimpango yabo, nezintandane zibe yisisulu sabo.
3 Niyokwenzenjani ngosuku lokwehlulela, lapho nehlelwa yinhlekelele evela kude na? Niyobalekela kubani ukuba anisize na? Niyowushiya kuphi umcebo wenu na?
4 Maningacashi phakathi kwabathunjiweyo, noma phakathi kwababuleweyo, ngoba kukho konke lokhu, ulaka lukaSimakade alukabohli, nangesandla sakhe usashaya.
5 “Maye, kulo i-Asiriya, intonga yentukuthelo yami, induku esesandleni salo iyintukuthelo yami.
6 Ngiyithuma esizweni esingenabunkulunkulu, ngiyijube ukubhekana nabantu engibathukuthelele ukuba ibaphange impango, iqhwage impahla, ibaxove njengodaka emigwaqweni.
7 Kodwa akusikho lokho ama-Asiriya akuhlosile, futhi akukhona lokhu akucabangayo. Okusenhliziyweni yawo ukubhubhisa nokushabalalisa izizwe eziningi.
8 Ngokuba azishaya isifuba, ethi: ‘Ngabe bonke abakhuzi bempi bami abasiwo amakhosi na?
9 IKhalino alinjengeKharikhemishi na? IHamathi alinjenge-Ariphadi na? ISamariya alinjengeDamaseku na?
10 Njengoba isandla sami sifinyelele emibusweni yezithombe, ezithombe zayo zazingaphezu kwalezo eziseJerusalema naseSamariya.
11 Angiyukwenza yini kulo iJerusalema nezithombe zalo, lokho engikwenzile kulo iSamariya nezithombe zalo na?’ ”
12 Kuyothi lapho iNkosi isiwuqedile wonke umsebenzi wayo entabeni iZiyoni naseJerusalema, ijezise inkosi yase-Asiriya ngenxa yokukhuluma kwayo ngokuziqhayisa, nangokuziphakamisa kwayo.
13 Ngokuba ithi: “Zonke lezi zinto ngizenze ngamandla ami, nangokuhlakanipha kwami, ngokuba nginokuqonda; ngiyisusile imingcele yezizwe, ngaphanga ingcebo yazo; njengesiqhwaga ngiziqumbe phansi izakhamuzi.
14 Isandla sami sithole umcebo wezizwe; njengomuntu ebutha amaqanda ashiywe esidlekeni senyoni, nami ngiwubuthe kanjalo-ke umhlaba wonke. Akubangabikho lutho olwake lwathi nyaka, nolwathi nkente, nolwake lwathi tshiyo.”
15 Izembe lingaziqhayisa yini kuye ogawula ngalo, nesaha lingazikhukhumeza yini kosaha ngalo na? Induku ingamphakamisa yini oyiphakamisayo, nentonga lokho okungesilo ukhuni na?
16 Ngakho iNkosi uSimakade Wamabandla izothumela isifo esincunzayo phakathi kwamabutho akhe akhulupheleyo, iphembe umlilo ngaphansi kwenkazimulo yayo umlilo uvuthe.
17 Ukukhanya kuka-Israyeli kuyakuba ngumlilo, kuthi oNgcwele ka-Israyeli abe yilangabi; kuyakushisa kuqothule ameva namakhakhasi akhe ngalusuku lunye.
18 Iyoqeda ubuhle behlathi lakhe nensimu yakhe, njengomzimba wogulayo uncunzwa wukufa.
19 Insali yemithi yehlathi lakhe iyokuba yingcosana, ukuze ibalwe nangumntwana omncane.
20 Kuyothi ngalolo lusuku, insali yabakwa-Israyeli nabasindileyo bendlu kaJakobe, bangabe besathembela kulowo obashayileyo, kodwa bayokwethemba ngeqiniso uSimakade oNgcwele ka-Israyeli.
21 Insali iyobuya: insali kaJakobe, ibuyele kuNkulunkulu uSomandla.
22 Ngisho noma abantu bakho, Israyeli, bebengangesihlabathi solwandle, kuyobuya imithonseyana phakathi kwabo, ngoba ukubhujiswa kubahlalele; nokulunga kuyachichima.
23 Ngokuba iNkosi uSimakade Wamabandla uyokuphelelisa ukubhujiswa osekunqunywe emhlabeni wonke.
24 Ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade Wamabandla, ithi: “Bantu bami, enihlala eZiyoni, ningabesabi abase-Asiriya lapho benishaya ngentonga yabo, bephakamisa induku yabo ukumelana nani, njengoba kwenza abaseGibhithe.
25 Ngokuba ngesikhashana nje izokwehla intukuthelo yami, ulaka lwami kube ngolokubhujiswa kwabo.”
26 USimakade Wamabandla uzobaxebula ngenkalivasi njengoba enza mhla eshaya abakwaMidiyani ngasedwaleni i-Orebhi, nentonga yakhe iyakuba phezu kolwandle; uyakuyiphakamisa njengoba enza eGibhithe.
27 Kuyothi ngalolo lusuku umthwalo wabo uyakususwa emahlombe akho, nejoka labo entanyeni yakho, ijoka liyonqamuka ngenxa yokunona.
28 Liyeza i-Ayi, ledlula eMigroni; lethula impahla yalo eMikhimashi,
29 badlula entubeni, ebusuku bahlala eGebha; iRama liyathuthumela, iGibheya likaSawule lithi galo yephuka.
30 Khamuluka ndodakazi yaseGalimi; qaphela Layishi, yiphendule Anathothi.
31 IMadimena selibalekile, izakhamuzi zaseGebhimi sezibhacile.
32 Namuhla izokanisa eNobhi, izakuzivocavocela intaba yendodakazi yaseZiyoni negquma eJerusalema, isibhakela sayo.
33 INkosi uSimakade Wamabandla iyonquma amagatsha ngesihluku, kudicilelwe phansi abaphakemeyo, nabazikhukhumezayo behliswe.
34 Ihlozi lehlathi liyogencwa ngembazo, neLebhanoni liyowa ngenxa yoNamandla.