1Maye, kulabo abashaya imithetho engalungile, nababhala izimiso ezikhathazayo,
2ukuhlanekezela ubulungiswa kwabantulayo, nokuqola abantu bami abampofu amalungelo abo, ukuze abafelokazi babe yimpango yabo, nezintandane zibe yisisulu sabo.
3Niyokwenzenjani ngosuku lokwehlulela, lapho nehlelwa yinhlekelele evela kude na? Niyobalekela kubani ukuba anisize na? Niyowushiya kuphi umcebo wenu na?
4Maningacashi phakathi kwabathunjiweyo, noma phakathi kwababuleweyo, ngoba kukho konke lokhu, ulaka lukaSimakade alukabohli, nangesandla sakhe usashaya.
5“Maye, kulo i-Asiriya, intonga yentukuthelo yami, induku esesandleni salo iyintukuthelo yami.
6Ngiyithuma esizweni esingenabunkulunkulu, ngiyijube ukubhekana nabantu engibathukuthelele ukuba ibaphange impango, iqhwage impahla, ibaxove njengodaka emigwaqweni.
7Kodwa akusikho lokho ama-Asiriya akuhlosile, futhi akukhona lokhu akucabangayo. Okusenhliziyweni yawo ukubhubhisa nokushabalalisa izizwe eziningi.
8Ngokuba azishaya isifuba, ethi: ‘Ngabe bonke abakhuzi bempi bami abasiwo amakhosi na?
9IKhalino alinjengeKharikhemishi na? IHamathi alinjenge-Ariphadi na? ISamariya alinjengeDamaseku na?
10Njengoba isandla sami sifinyelele emibusweni yezithombe, ezithombe zayo zazingaphezu kwalezo eziseJerusalema naseSamariya.
11Angiyukwenza yini kulo iJerusalema nezithombe zalo, lokho engikwenzile kulo iSamariya nezithombe zalo na?’ ”
12Kuyothi lapho iNkosi isiwuqedile wonke umsebenzi wayo entabeni iZiyoni naseJerusalema, ijezise inkosi yase-Asiriya ngenxa yokukhuluma kwayo ngokuziqhayisa, nangokuziphakamisa kwayo.
13Ngokuba ithi: “Zonke lezi zinto ngizenze ngamandla ami, nangokuhlakanipha kwami, ngokuba nginokuqonda; ngiyisusile imingcele yezizwe, ngaphanga ingcebo yazo; njengesiqhwaga ngiziqumbe phansi izakhamuzi.
14Isandla sami sithole umcebo wezizwe; njengomuntu ebutha amaqanda ashiywe esidlekeni senyoni, nami ngiwubuthe kanjalo-ke umhlaba wonke. Akubangabikho lutho olwake lwathi nyaka, nolwathi nkente, nolwake lwathi tshiyo.”
15Izembe lingaziqhayisa yini kuye ogawula ngalo, nesaha lingazikhukhumeza yini kosaha ngalo na? Induku ingamphakamisa yini oyiphakamisayo, nentonga lokho okungesilo ukhuni na?
16Ngakho iNkosi uSimakade Wamabandla izothumela isifo esincunzayo phakathi kwamabutho akhe akhulupheleyo, iphembe umlilo ngaphansi kwenkazimulo yayo umlilo uvuthe.
17Ukukhanya kuka-Israyeli kuyakuba ngumlilo, kuthi oNgcwele ka-Israyeli abe yilangabi; kuyakushisa kuqothule ameva namakhakhasi akhe ngalusuku lunye.
18Iyoqeda ubuhle behlathi lakhe nensimu yakhe, njengomzimba wogulayo uncunzwa wukufa.
19Insali yemithi yehlathi lakhe iyokuba yingcosana, ukuze ibalwe nangumntwana omncane.
20Kuyothi ngalolo lusuku, insali yabakwa-Israyeli nabasindileyo bendlu kaJakobe, bangabe besathembela kulowo obashayileyo, kodwa bayokwethemba ngeqiniso uSimakade oNgcwele ka-Israyeli.
21Insali iyobuya: insali kaJakobe, ibuyele kuNkulunkulu uSomandla.
22Ngisho noma abantu bakho, Israyeli, bebengangesihlabathi solwandle, kuyobuya imithonseyana phakathi kwabo, ngoba ukubhujiswa kubahlalele; nokulunga kuyachichima.
23Ngokuba iNkosi uSimakade Wamabandla uyokuphelelisa ukubhujiswa osekunqunywe emhlabeni wonke.
24Ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade Wamabandla, ithi: “Bantu bami, enihlala eZiyoni, ningabesabi abase-Asiriya lapho benishaya ngentonga yabo, bephakamisa induku yabo ukumelana nani, njengoba kwenza abaseGibhithe.
25Ngokuba ngesikhashana nje izokwehla intukuthelo yami, ulaka lwami kube ngolokubhujiswa kwabo.”
26USimakade Wamabandla uzobaxebula ngenkalivasi njengoba enza mhla eshaya abakwaMidiyani ngasedwaleni i-Orebhi, nentonga yakhe iyakuba phezu kolwandle; uyakuyiphakamisa njengoba enza eGibhithe.
27Kuyothi ngalolo lusuku umthwalo wabo uyakususwa emahlombe akho, nejoka labo entanyeni yakho, ijoka liyonqamuka ngenxa yokunona.
28Liyeza i-Ayi, ledlula eMigroni; lethula impahla yalo eMikhimashi,
29badlula entubeni, ebusuku bahlala eGebha; iRama liyathuthumela, iGibheya likaSawule lithi galo yephuka.
30Khamuluka ndodakazi yaseGalimi; qaphela Layishi, yiphendule Anathothi.
31IMadimena selibalekile, izakhamuzi zaseGebhimi sezibhacile.
32Namuhla izokanisa eNobhi, izakuzivocavocela intaba yendodakazi yaseZiyoni negquma eJerusalema, isibhakela sayo.
33INkosi uSimakade Wamabandla iyonquma amagatsha ngesihluku, kudicilelwe phansi abaphakemeyo, nabazikhukhumezayo behliswe.
34Ihlozi lehlathi liyogencwa ngembazo, neLebhanoni liyowa ngenxa yoNamandla.