1“Yehla, uhlale othulini, ntombi eyindodakazi yaseBhabhele. Hlala phansi emhlabathini ngaphandle kwesihlalo sobukhosi, ndodakazi yamaKhaledi! Ngokuba awusayukuphinde ubizwe ngothambileyo nontengantengayo.
2Thatha amatshe okusila, ugaye impuphu, susa imvakazi yakho, ukhumule ingubo yakho, wembule imilenze, uwele imifula.
3Ubunqunu bakho mabuvele obala libonakale ihlazo lakho, ngiyoziphindiselela, angiyukushiya noyedwa.
4UMhlengi wethu igama lakhe nguSimakade Wamabandla oNgcwele ka-Israyeli.
5“Hlala uthule, uhambe ebumnyameni, ndodakazi yamaKhaledi, ngokuba awusayukuphinde ubizwe ngendlovukazi yemibuso.
6Ngangibathukuthelele abantu bami, ngangcolisa ifa lami, ngalinikela esandleni sakho; awubahawukelanga, walenza ijoka lakho ukuba lisinde kakhulu phezu kwabadala.
7Wathi wena: ‘Ngiyohlala ngiyindlovukazi, kuze kube phakade.’ Ngalokho awubekanga lezi zinto enhliziyweni yakho, awukhumbulanga isiphetho sazo.
8“Manje yizwa lokhu, wena ozijabulisayo, ohlala ulondekile, othi enhliziweni yakho: yimi, akekho omunye; angiyukuhlalisa okomfelokazi, futhi angiyukukwazi ukufelwa ngabantwana.
9Kodwa kokubili lokhu kuyokwehlela ngokuphazima kweso ngalusuku lunye, ukufelwa ngabantwana nokuba ngumfelokazi kuyokwehlela ngokupheleleyo, phezu kobuningi babalumbi bakho, namalumbo akho edlula ukwenza.
10Ubuzizwa uvikelekile ebubini bakho, waze wathi: ‘Akekho ongibonayo.’ Ukuhlakanipha nokwazi kwakho kukudukisile; wathi enhliziyweni yakho: ‘Yimi, yimi kuphela, akekho omunye.’
11Kodwa ububi buyakukwehlela, awuyukwazi lapho buvela khona; nengozi iyakuwela phezu kwakho, awuyukuba namandla okuyivika; incithakalo iyokwehlela phezu kwakho ngokuzumayo, ungazi.
12“Yima uqine ebuthakathini bakho, nasemalumbeni akho amaningi obukusebenza kusukela ebusheni bakho, mhlawumbe uzosizakala, mhlawumbe uyokwazi ukudala uvalo.
13Ukhathele ngenxa yobuningi bamacebo akho; mabasukume, bakusindise abadabula izulu, nababheka izinkanyezi, nabazisa ngezinyanga ezintsha, ukuthi kukuphi lapho kuzovela khona lokhu okuzokwehlela.
14Bheka, sebefana namabibi eshiswa ngumlilo, abakwazi ukuzisindisa emandleni elangabi, akusilo ilahle lokuba lothiwe, akusiwo nomlilo wokuba uwothe.
15Zinjalo-ke kuwe lezo zinto obuzikhandlekela, ebezihambisana nawe kwasebusheni bakho, yileyo naleyo iyazulazula endleleni yayo, ayisekho engakusiza.”