1UBheli uyaguqa, uNebho uyakhothama; izithombe zabo ezibaziweyo zingezezilwane nezezinkomo; lezi zinto enizithweleyo zingumthwalo onzima ezilwaneni ezikhatheleyo.
2Bayazikhothamela, baguqe kanyekanye; azinakuwukhulula umthwalo, kodwa nabo luqobo baya ekuthunjweni.
3“Ngilalele, wena ndlu kaJakobe, yonke insali yabendlu ka-Israyeli engayimitha ngaze ngayizala, ngayithwala esibelethweni.
4Niyoze niguge nginguye, yebo, niyoze nibe yizimpunga, ngiyakunithwala; ngikwenzile lokhu, futhi ngiyakunetshatha, yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.
5“Niyongifanisa nobani, niyongilinganisa nobani, ningiqhathanise nobani ukuba sifane na?
6Abathulula igolide esikhwameni, balinganise isiliva esilinganisweni, baqashe umkhandisiliva ukuba enze unkulunkulu, bese bekhothama, bakhuleke.
7Bamthwala ehlombe, bametshathe, bambeke endaweni yakhe ukuba ame lapho, angabe esasuka endaweni yakhe; kodwa uma umuntu ekhala kuye, akayukumphendula, akanakumsindisa osizini lwakhe.
8“Khumbulani lokhu, nime isibindi, cabangani futhi ezinhliziyweni zenu, nina benzi bokubi.
9Khumbulani izinto zakuqala, zasemandulo, ngokuba nginguNkulunkulu, akekho omunye, nginguNkulunkulu, akekho onjengami,
10owamemezela phambilini okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ethi: ‘Icebo lami liyakuma, ngiphumelelise yonke intando yami, ngifeze zonke izimfiso zami,
11obiza inqe empumalanga nomuntu engizofeza ngaye icebo lami ezweni elikude; ngikhulumile, ngiyokukwenza lokhu; nginqumile, ngiyakukufeza.
12Ngilaleleni nina abanhliziyo zilukhuni, nina enikude nokulunga.
13Ngikusondezile ukulunga kwami, akukho kude, insindiso yami ayiyukulibala. Ngiyonika iZiyoni insindiso, nodumo lwami ku-Israyeli.’ ”