Isaiah 46
1 UBheli uyaguqa, uNebho uyakhothama; izithombe zabo ezibaziweyo zingezezilwane nezezinkomo; lezi zinto enizithweleyo zingumthwalo onzima ezilwaneni ezikhatheleyo.
2 Bayazikhothamela, baguqe kanyekanye; azinakuwukhulula umthwalo, kodwa nabo luqobo baya ekuthunjweni.
3 “Ngilalele, wena ndlu kaJakobe, yonke insali yabendlu ka-Israyeli engayimitha ngaze ngayizala, ngayithwala esibelethweni.
4 Niyoze niguge nginguye, yebo, niyoze nibe yizimpunga, ngiyakunithwala; ngikwenzile lokhu, futhi ngiyakunetshatha, yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.
5 “Niyongifanisa nobani, niyongilinganisa nobani, ningiqhathanise nobani ukuba sifane na?
6 Abathulula igolide esikhwameni, balinganise isiliva esilinganisweni, baqashe umkhandisiliva ukuba enze unkulunkulu, bese bekhothama, bakhuleke.
7 Bamthwala ehlombe, bametshathe, bambeke endaweni yakhe ukuba ame lapho, angabe esasuka endaweni yakhe; kodwa uma umuntu ekhala kuye, akayukumphendula, akanakumsindisa osizini lwakhe.
8 “Khumbulani lokhu, nime isibindi, cabangani futhi ezinhliziyweni zenu, nina benzi bokubi.
9 Khumbulani izinto zakuqala, zasemandulo, ngokuba nginguNkulunkulu, akekho omunye, nginguNkulunkulu, akekho onjengami,
10 owamemezela phambilini okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ethi: ‘Icebo lami liyakuma, ngiphumelelise yonke intando yami, ngifeze zonke izimfiso zami,
11 obiza inqe empumalanga nomuntu engizofeza ngaye icebo lami ezweni elikude; ngikhulumile, ngiyokukwenza lokhu; nginqumile, ngiyakukufeza.
12 Ngilaleleni nina abanhliziyo zilukhuni, nina enikude nokulunga.
13 Ngikusondezile ukulunga kwami, akukho kude, insindiso yami ayiyukulibala. Ngiyonika iZiyoni insindiso, nodumo lwami ku-Israyeli.’ ”