Bible

Connect

With Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Hosea 3

:
Zulu - 2020
1 USimakade wathi kimi: “Hamba futhi, umthande owesifazane osethandwa ngomunye, nakuba ephingile. Mthande njengalokhu uSimakade ethanda abantu bakwa-Israyeli, noma sebephendukele kwabanye onkulunkulu, bathanda amakhekhe anamagilebhisi omisiwe.”
2 Ngazithengela yena ngezinhlamvu ezili-15 zesiliva kanye nengxenye yehomere lebhali.
3 Ngase ngithi kuye: “Uyakuhlala nami izinsuku eziningi, ungafebi, ungabi ngowenye indoda, nami ngiyakwenza kanjalo kuwe.”
4 Ngokuba abantu bakwa-Israyeli bayakuhlala izinsuku eziningi bengenankosi, benganasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.
5 Kuyakuthi emveni kwalokho abantu bakwa-Israyeli baphenduke, bafune uSimakade uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, bayakuzithoba kuSimakade nasebuhleni bakhe ekupheleni kwezinsuku.