Hosea 22020

1“Bizani abafowenu ngokuthi: ‘u-Ami,’ nawodadewenu ngokuthi: ‘uRuhama.’

2“Phikisanani nonyoko, nimmangalele, ngokuba akayena umkami, nami angiyona indoda yakhe. Makasuse ubufebe bakhe ebusweni bakhe, nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe,

3funa ngimhlubule abe nqunu, ngimbhushuzelise njengosuku azalwa ngalo, ngimenze afane nehlane, abe njengezwe eligagadekile, bese ngimbulala fi ngokoma.

4Angiyukubazwela abantwana bakhe, ngokuba bangabantwana bobufebe.

5Unina wazifebela, wabakhulelwa ngokwenza ihlazo, ngokuba wathi ngizakuhamba ngilandele izithandwa zami, ezingipha isinkwa sami namanzi ami, uboya bami bezimvu nefilakisi lami, amafutha ami nokuphuzwayo kwami.

6Ngakho-ke bhekani, ngizoyivala indlela yakho, ngakhe ugange ngameva oluzomvimbela nendlela yakhe angayitholi.

7Uyakulandela izithandwa zakhe, kodwa akayukuzifica, uyakuzifuna kepha akayukuzifumana, bese ethi: “Ngiyakuhamba ngibuyele endodeni yami yokuqala, ngokuba kwakukuhle kimi ngalezo zinsuku kunamanje.”

8Kepha ubengazi ukuthi yiMina obemhlinzeka ngokusanhlamvu, ngewayini elisha, ngesiliva, ngamandisela negolide, abakusebenzisa kuBhali.

9“Ngakho-ke ngiyakubuya ngithathe okwami okusanhlamvu ngesikhathi sakho newayini lami elisha ngesikhathi salo, ngithathe uboya bami bezimvu nefilakisi lami lokwemboza ubunqunu bakhe.

10Manje-ke sengizokwembula ihlazo lakhe zizibonela ngawazo amehlo izithandwa zakhe, futhi akukho namunye oyakumhlenga esandleni sami.

11Ngiyakuyiqeda nya yonke imigubho yakhe yentokozo, eyokwethwasa kwenyanga, amasabatha akhe, nawo wonke amadili akhe anqunyiweyo.

12Ngiyakucekela phansi imivini yakhe nemikhiwane yakhe, athe ngakho: ‘Kuyinkokhelo yami ezinginike yona izithandwa zami;’ ngizokwenza kube yihlozi, izilwane zasendle zikudle.

13Ngiyakumjezisela izinsuku zoBhali lezo ayebashisela ngazo impepho, ezihlobisa ngezindandatho zakhe nangobucwebecwebe bakhe, elandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa Mina,” kusho uSimakade.

14“Ngakho-ke bhekani, ngiyakumyenga, ngimholele ehlane, ngikhulume enhliziyweni yakhe.

15Kulapho-ke ngiyakumnika izivini zakhe, nesigodi i-Akhori sibe ngumnyango wethemba. Uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe, nanjengosuku lokukhuphuka kwakhe eGibhithe.

16“Kuyakuthi ngalolo lusuku ungibize uthi: ‘Myeni wami,’ ungaphinde ungibize futhi ngokuthi: ‘Bhali wami,’ kusho uSimakade.

17“Ngiyakususa amagama oBhali emlonyeni wakhe, abasayukukhunjulwa ngamagama abo.

18Ngalolo lusuku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle, nezinyoni zezulu, nokuhuquzelayo emhlabathini. Ngiyakunqamula umnsalo, inkemba nempi ezweni, ngibalalise phansi bephephile.

19Ngiyakuzithathela wena ube ngumkami kwaphakade, ngizithathele wena ngokulunga, ngobulungiswa, ngomusa nangesihawu.

20Ngiyakuzithathela wena ngokwethembeka, futhi uyakumazi uSimakade.

21Kuyakuthi ngalolo lusuku ngiphendule, ngiyakuphendula amazulu, wona aphendule umhlaba,” kusho uSimakade.

22“Umhlaba uyakuphendula okusanhlamvu, iwayini elisha namafutha amasha, khona kuyakuphendula iJezreyeli.

23Ngiyakuzitshalela yena ezweni, ngihawukele ongahawukelwanga, ngithi kwabangesibo abantu bami: ‘Ningabantu bami,’ bona bayakuthi: ‘UnguNkulunkulu wethu.’ ”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Hosea 2.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.