Hosea 2
1 “Bizani abafowenu ngokuthi: ‘u-Ami,’ nawodadewenu ngokuthi: ‘uRuhama.’
2 “Phikisanani nonyoko, nimmangalele, ngokuba akayena umkami, nami angiyona indoda yakhe. Makasuse ubufebe bakhe ebusweni bakhe, nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe,
3 funa ngimhlubule abe nqunu, ngimbhushuzelise njengosuku azalwa ngalo, ngimenze afane nehlane, abe njengezwe eligagadekile, bese ngimbulala fi ngokoma.
4 Angiyukubazwela abantwana bakhe, ngokuba bangabantwana bobufebe.
5 Unina wazifebela, wabakhulelwa ngokwenza ihlazo, ngokuba wathi ngizakuhamba ngilandele izithandwa zami, ezingipha isinkwa sami namanzi ami, uboya bami bezimvu nefilakisi lami, amafutha ami nokuphuzwayo kwami.
6 Ngakho-ke bhekani, ngizoyivala indlela yakho, ngakhe ugange ngameva oluzomvimbela nendlela yakhe angayitholi.
7 Uyakulandela izithandwa zakhe, kodwa akayukuzifica, uyakuzifuna kepha akayukuzifumana, bese ethi: “Ngiyakuhamba ngibuyele endodeni yami yokuqala, ngokuba kwakukuhle kimi ngalezo zinsuku kunamanje.”
8 Kepha ubengazi ukuthi yiMina obemhlinzeka ngokusanhlamvu, ngewayini elisha, ngesiliva, ngamandisela negolide, abakusebenzisa kuBhali.
9 “Ngakho-ke ngiyakubuya ngithathe okwami okusanhlamvu ngesikhathi sakho newayini lami elisha ngesikhathi salo, ngithathe uboya bami bezimvu nefilakisi lami lokwemboza ubunqunu bakhe.
10 Manje-ke sengizokwembula ihlazo lakhe zizibonela ngawazo amehlo izithandwa zakhe, futhi akukho namunye oyakumhlenga esandleni sami.
11 Ngiyakuyiqeda nya yonke imigubho yakhe yentokozo, eyokwethwasa kwenyanga, amasabatha akhe, nawo wonke amadili akhe anqunyiweyo.
12 Ngiyakucekela phansi imivini yakhe nemikhiwane yakhe, athe ngakho: ‘Kuyinkokhelo yami ezinginike yona izithandwa zami;’ ngizokwenza kube yihlozi, izilwane zasendle zikudle.
13 Ngiyakumjezisela izinsuku zoBhali lezo ayebashisela ngazo impepho, ezihlobisa ngezindandatho zakhe nangobucwebecwebe bakhe, elandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa Mina,” kusho uSimakade.
14 “Ngakho-ke bhekani, ngiyakumyenga, ngimholele ehlane, ngikhulume enhliziyweni yakhe.
15 Kulapho-ke ngiyakumnika izivini zakhe, nesigodi i-Akhori sibe ngumnyango wethemba. Uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe, nanjengosuku lokukhuphuka kwakhe eGibhithe.
16 “Kuyakuthi ngalolo lusuku ungibize uthi: ‘Myeni wami,’ ungaphinde ungibize futhi ngokuthi: ‘Bhali wami,’ kusho uSimakade.
17 “Ngiyakususa amagama oBhali emlonyeni wakhe, abasayukukhunjulwa ngamagama abo.
18 Ngalolo lusuku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle, nezinyoni zezulu, nokuhuquzelayo emhlabathini. Ngiyakunqamula umnsalo, inkemba nempi ezweni, ngibalalise phansi bephephile.
19 Ngiyakuzithathela wena ube ngumkami kwaphakade, ngizithathele wena ngokulunga, ngobulungiswa, ngomusa nangesihawu.
20 Ngiyakuzithathela wena ngokwethembeka, futhi uyakumazi uSimakade.
21 Kuyakuthi ngalolo lusuku ngiphendule, ngiyakuphendula amazulu, wona aphendule umhlaba,” kusho uSimakade.
22 “Umhlaba uyakuphendula okusanhlamvu, iwayini elisha namafutha amasha, khona kuyakuphendula iJezreyeli.
23 Ngiyakuzitshalela yena ezweni, ngihawukele ongahawukelwanga, ngithi kwabangesibo abantu bami: ‘Ningabantu bami,’ bona bayakuthi: ‘UnguNkulunkulu wethu.’ ”