Hosea 14
1 Israyeli, buyela kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba ukhubekile ngenxa yobubi bakho.
2 Thathani amazwi, nibuyele kuSimakade, nithi kuye: “Thethelela zonke iziphambeko, uthathe amazwi ethu, ukuze sinikele ngemilomo yethu ibe njengemihlatshelo yezinkunzi.
3 I-Asiriya aliyukusisindisa, ngeke siwagibele amahhashi, asisayukusho futhi kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi onkulunkulu bethu, ngokuba nguwe ohawukela intandane.”
4 Ngiyakwelapha ukuhlubuka kwabo, ngibathande ngokukhululeka, ngokuba intukuthelo yami isukile kubo.
5 Ngiyakuba njengamazolo ku-Israyeli, uyakuqhakaza njengomnduze, agxilise izimpande zakhe njengeLebhanoni.
6 Amahlumela akhe ayokwenaba, ubuhle bakhe bube njengomnqumo, iphunga lakhe liyakuba njengemisedari yaseLebhanoni.
7 Bayakubuya, bahlale emthunzini wakhe, bachume njengokusanhlamvu, baqhakaze njengomvini, udumo lwabo lube njengewayini laseLebhanoni.
8 U-Efrayimi uyakuthi: “Zizongenzelani nje izithombe ezibaziweyo na? Mina ngiyakuphendula, ngimnakekele. Mina nginjengomsayiphuresi oluhlaza, izithelo zakho zifunyanwa kimi.”
9 Ngubani ohlakaniphileyo na? Uyakuziqonda lezi zinto. Ngubani onengqondo na? Uyakuzazi lezi zinto. Ngokuba izindlela zikaSimakade zilungile; abalungileyo bahamba ngazo, kodwa abaphambukayo bayakhubeka kuzo.