Hosea 132020

1Bekuthi uma u-Efrayimi ekhuluma, kube nokuthuthumela, wayephakanyisiwe kwa-Israyeli, kodwa waba necala ngokukhonza uBhali, wayesefa.

2Manje bayaqhubeka nokona, bazenzele imifanekiso ebunjiweyo ngesiliva labo, nezithombe ezibaziweyo ngobungcweti babo, konke lokhu kungumsebenzi wezingcweti, bakhuluma kubo, bathi: “Abenza umhlatshelo kumele bange amathole.”

3Ngakho-ke bayakuba njengofasimba, bafane namazolo asekuseni eshabalala, nanjengamakhoba epheshulwa ngumoya esibuyeni nentuntu ephuma ngoshimula.

4Kepha Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho selokhu kwaba seGibhithe; awuyukumazi omunye uNkulunkulu ngaphandle kwami, akekho futhi omunye uMsindisi ngaphandle kwami.

5Mina ngakwazi ehlane ezweni lesomiso.

6Basutha ngokwamadlelo abo, kuthe sebesuthi bazigqaja, base bengikhohlwa Mina.

7Ngase ngiba njengebhubesi kubo, ngacutha endleleni njengengwe.

8Ngiyakubathelekela njengebhele eliphucwe amazinyane alo, ngibadabule isifuba esivikele inhliziyo yabo, ngibashwabadele lapho njengebhubesi, isilwane sasendle sibanephunephule.

9Uzakubhujiswa, Israyeli, ngokuba umelene nami, umsizi wakho.

10Iphi inkosi yakho manje ukuze ikusindise kuyo yonke imizi yakho, na? Baphi abaholi bakho, wena owathi ngabo: “Nginike inkosi nabaholi” na?

11Ngakunika inkosi ngentukuthelo yami, ngayithatha ngolaka lwami.

12Ububi buka-Efrayimi bulondoloziwe, isono sakhe siqoshiwe.

13Imihelo yobelethayo iyakumfikela, uyindodana engahlakaniphile, ngokuba kuthi sekuyisikhathi sokuba azalwe angezi emnyango wesibeletho.

14Ngiyakubahlawulela yini esandleni sendawo yabafileyo, ngibahlenge yini ekufeni na? Kufa, luphi ubhubhane lwakho na? Ndawo yabafileyo, kuphi ukubhubhisa kwakho na? uzwelo lufihlakele emehlweni ami.

15“Noma angaba yindodana enempumelelo kubafowabo, kuyakufika umoya wasempumalanga, umoya kaSimakade ovela ehlane; umthombo wakhe uyakuba namahloni, isiphethu sakhe sishe; uyakuphanga ingcebo yakhe, nazo zonke izinto eziyigugu.

16ISamariya liyakuba necala, ngokuba limhlubukile uNkulunkulu walo; bayakufa ngenkemba, izingane zabo ziphahlazwe, abakhulelweyo baqaqwe.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Hosea 13.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.