Genesis 41
1 Emva kweminyaka emibili, uFaro waphupha emi ngasemfuleni.
2 Kwase kwenyuka emfuleni izinkomazi eziyisikhombisa ezibukeka kahle, zikhuluphele, zadla emhlangeni.
3 Kwaphinde kwenyuka emfuleni ezinye izinkomazi eziyisikhombisa, ezazibukeka kabi, zondile, zema eduze kwalezo ezazisosebeni lomfula.
4 Kwathi lezo ezibukeka kabi ezondileyo zadla lezo ezibukeka kahle ezondlekileyo. Wayesephaphama uFaro.
5 Walala, wabuye waphupha okwesibili. Bheka, kwahluma izikhwebu eziyisikhombisa ohlangeni olulodwa, zizinhle, futhi sezivuthiwe.
6 Wabona kuhluma ezinye izikhwebu eziyisikhombisa eziyiminconco, zizacile, futhi zishiswe ngumoya weshisandlu wasempumalanga.
7 Izikhwebu eziyisikhombisa ezizacileyo zagwinya izikhwebu eziyisikhombisa ezinhle nezivuthiweyo. Wayesephaphama uFaro; bheka, kwakuyiphupho.
8 Ekuseni uFaro wakhathazeka emoyeni wakhe, wathumela ukuba kubizwe zonke izanusi, nazo zonke izihlakaniphi zaseGibhithe, wabatshela ngamaphupho akhe, kodwa akekho namunye owakwazi ukumchazela wona.
9 Induna yabaphathindebe kaFaro yathi kuye: “Namhlanje ngiyawakhumbula amacala ami.
10 UFaro wayezithukuthelele izinceku zakhe, mina nenduna yababhakizinkwa wasigquma ejele, endlini yomphathi wabaqaphi.
11 Ngabusuku bunye saphupha, yilowo nalowo iphupho elinencazelo eyehlukile kwelomunye.
12 Kwakukhona lapho kanye nathi ibhungu lomHebheru, isigqila senduna yabalindi benkosi. Salilandisa ngamaphupho ethu, lawachaza, yilelo ngokwencazelo yalo,
13 kwaba njengoba lalishilo, mina ngabuyiselwa esikhundleni sami, kwathi induna yababhakizinkwa yaphanyekwa.”
14 UFaro wathumela ukuba kubizwe uJosefa, bashesha bamkhipha emgodini, wagunda, wagqoka izingubo ezihlanzekileyo, wayeseya kuFaro.
15 UFaro wathi kuJosefa: “Ngiphuphile, kodwa akekho umuntu okwazi ukungichazela. Ngizwile ngawe ukuthi kuyothi uma ulizwa leli phupho bese ungichazela.”
16 UJosefa wamphendula uFaro, wathi: “Angikwazi ukukwenza lokho; nguNkulunkulu ozochazela uFaro ngendlela egculisayo.”
17 UFaro wayesethi kuJosefa: “Ngiphuphe ngimi osebeni lomfula iNayili;
18 kwakhuphuka emfuleni izinkomazi eziyisikhombisa ezibukeka kahle ezikhulupheleyo, zaklaba emhlangeni.
19 Emva kwazo kwase kukhuphuka ezinye izinkomazi eziyisikhombisa ezondileyo zibukeka kabi. Angikaze ngizibone izinkomazi ezimbi ngale ndlela kulo lonke iGibhithe.
20 Izinkomazi ezondileyo, ezibukeka kabi, zadla lezi zokuqala ezikhulupheleyo.
21 Kuthe sezizidlile, akwabonakala mehluko wokuthi kukhona ezikudlileyo, zazibukeka zizimbi njengakuqala. Ngase ngiphaphama.”
22 “Ngabuye ngabona ephusheni izikhwebu eziyisikhombisa zibelethwe wuhlanga olulodwa, ziphelele, zizinhle.
23 Ngabuye ngabona kuhluma ezinye izikhwebu eziyisikhombisa emva kwazo, zizacile, zishiswe ngumoya weshisandlu wasempumalanga.
24 Izikhwebu eziyisikhombisa ezizacileyo zagwinya lezo ezinhle. Ngizazisile izanusi ngalawa maphupho, kodwa asikho esingichazele wona.”
25 UJosefa wayesethi kuFaro: “Iphupho likaFaro lilodwa. UNkulunkulu umambulele uFaro ngezinto azozenza.
26 Izinkomazi eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa, nezikhwebu eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa. Yiphupho elilodwa lelo.
27 Izinkomazi eziyisikhombisa ezondileyo nezibukeka kabi ezakhuphuka emva kwezinye, ziyiminyaka eyisikhombisa, kanjalo nezikhwebu eziyisikhombisa ezizacileyo, zashiswa ngumoya weshisandlu wasempumalanga, ziyiminyaka eyisikhombisa yendlala.
28 Lokhu engikushilo kuFaro, yilokho uNkulunkulu azokwenza, futhi umembulele khona uFaro.
29 Uyabona-ke, kuzoba khona iminyaka eyisikhombisa yenala kulo lonke iGibhithe.
30 Kuyolandela iminyaka eyisikhombisa yendlala, eyokwenza iminyaka yenala ikhohlweke eGibhithe, iyolikhahlameza kakhulu lonke izwe.
31 Akusayukukhumbuleka ukuthi kwake kwaba khona inala ngenxa yendlala elandelayo, eyoba nzima kakhulu ezweni.
32 Isizathu sokuba liphindwe kabili iphupho kuFaro ngukuthi uNkulunkulu usekunqumile lokhu, futhi uzosheshe akwenze.
33 Ngakho-ke uFaro makafune umuntu okhaliphileyo, nokwazi ukuhluza izinto, ambeke phezu kwalo lonke iGibhithe.
34 UFaro makenze kanjalo, aqoke izibonda zengamele lonke iGibhithe, ukuze ziqokelele ingxenye eyodwa kweziyisihlanu yesivuno esizotholakala kule minyaka eyisikhombisa yenala.
35 Mabaqokelele konke ukudla kule minyaka emihle yenala, bakugcine ezinqolobaneni phansi kwesandla sikaFaro, bakulondoloze emizini.
36 Lokhu kudla kufanele kulondolozelwe izwe lonke ukuze likwazi ukubhekana neminyaka eyisikhombisa yendlala, ezokhungatha iGibhithe, ngaleyo ndlela izwe lingashatshalaliswa yindlala.”
37 Lezwakala liphusile lelo qhinga kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe.
38 UFaro wazibuza izinceku wathi: “Singamtholaphi umuntu onjalo, onoMoya kaNkulunkulu na?”
39 UFaro wayesethi kuJosefa: “Njengalokhu uNkulunkulu ekwambulele konke lokhu, akekho omunye okwazi ukuhlaziya izinto nohlakaniphe njengawe.
40 Uzokwengamela isigodlo sami, nesizwe sami sonke siyokwenza njengoba usiyala; yimi kuphela ngokwesikhundla sami sobukhosi engizoba mkhulu kunawe.”
41 UFaro wathi kuJosefa: “Uyabona-ke, ngikubeka phezu kwalo lonke iGibhithe.”
42 UFaro wakhumula indandatho yakhe yokusicilela esandleni sakhe, wayifaka esandleni sikaJosefa, wamembathisa izembatho zelineni elicolekileyo, wamfaka nomgexo wegolide entanyeni.
43 Wamgibelisa enqoleni yempi egitshelwa yilowo ongowesibili emva kwakhe, bamemeza phambi kwakhe, bathi: “Guqani!” UFaro wambeka ngaleyo ndlela-ke uJosefa, ukuba abe ngumbusi walo lonke iGibhithe.
44 UFaro wathi kuJosefa: “Mina nginguFaro, kodwa ngaphandle kwemvume yakho akukho muntu oyophakamisa isandla, noma unyawo kulo lonke iGibhithe.”
45 UFaro wamqamba uJosefa ngokuthi unguZafenathi Phaneya, wayesemganisela u-Asenathi indodakazi kaPotifera, umphristi wase-Oni. UJosefa walithola kanjalo igunya phezu kwalo lonke iGibhithe.
46 UJosefa wayeneminyaka engama-30 ngesikhathi eqala ukusebenzela uFaro inkosi yaseGibhithe. UJosefa waphuma phambi kukaFaro, wahamba kulo lonke iGibhithe.
47 Ngaleyo minyaka eyisikhombisa yenala izwe lathela ukudla okuningi kakhulu.
48 UJosefa wakuqoqa konke ukudla okwatholakala ngaleyo minyaka eyisikhombisa yenala, wakulondoloza emizini: kwakungukudla okwakuvunwe emasimini azungeze yilowo nalowo muzi.
49 UJosefa waqoqa ukudla okusanhlamvu okwaba kuningi njengesihlabathi ogwini lolwandle, wayeka ukukubala, ngokuba kwakungasenakubalwa.
50 U-Asenathi, indodakazi kaPotifera, umphristi wase-Oni, wamzalela uJosefa amadodana amabili, ingakaqali iminyaka eyisikhombisa yendlala.
51 UJosefa waliqamba izibulo lakhe wathi nguManase, ngokuba ethi: “UNkulunkulu ungenze ngakukhohlwa ukuhlupheka kwami nendlu yonke kababa.”
52 Eyesibili indodana wayiqamba wathi ngu-Efrayimi, ngokuba ethi: “UNkulunkulu ungandisile ezweni lokuhlupheka kwami.”
53 Yaphela iminyaka eyisikhombisa yenala eyayikhona eGibhithe.
54 Iminyaka eyisikhombisa yendlala yaqala njengoba uJosefa ayeshilo. Kwaba nendlala kulo lonke izwe, kodwa eGibhithe kwakukhona ukudla.
55 Kwathi lapho indlala isiqala ukuzwela naseGibhithe, abantu bakhala kuFaro becela ukudla. UFaro wabatshela bonke abaseGibhithe wathi: “Hambani niye kuJosefa, nikwenze konke anitshela khona.”
56 Indlala yayisezweni lonke, ngakho-ke uJosefa wazivula zonke izinqolobane, wathengisela abaseGibhithe, ngokuba indlala yayisidlangile naseGibhithe.
57 Amazwe onke aya eGibhithe ukuyothenga ukudla kuJosefa, ngokuba indlala yayisinzima emhlabeni wonke.