Genesis 40
1 Emveni kwalezo zinto umphathindebe wenkosi yaseGibhithe nombhakizinkwa bona enkosini yabo, inkosi yaseGibhithe.
2 UFaro wazithukuthelela zombili lezi zikhulu, induna yabaphathindebe nenduna yababhakizinkwa.
3 Wazivalela endlini yenduna yabalindi benkosi, zafakwa ejele, lapho kwakuvalelwe khona uJosefa.
4 Induna yabalindi benkosi yamqoka uJosefa ukuba azibheke, nokuba abhekane nezidingo zazo, kwaba yisikhashana zivalelwe.
5 Ngobunye ubusuku bobabili, umphathindebe nombhakizinkwa benkosi yaseGibhithe, ababevalelwe ejele, yilowo nalowo waphupha; yilelo nalelo phupho lalichaza okuthile.
6 Ngakusasa ekuseni lapho uJosefa efika kubo, wabona ukuthi bakhathazekile.
7 Ngakho-ke wazibuza izinceku zikaFaro ezazinaye, zivalelwe endlini yomphathi wakhe, wathi: “Yini namuhla nibukeke nidangele na?”
8 Bathi kuye: “Sibe namaphupho sobabili, akukho muntu ongasichazela wona.” UJosefa wathi kubo: “Ngabe incazelo ayiveli yini kuNkulunkulu na? Ngitsheleni amaphupho enu.”
9 Ngakho-ke induna yabaphathindebe yamtshela uJosefa iphupho layo. Yathi kuye: “Ephusheni lami bekunesihlahla somvini phambi kwami,
10 emvinini kukhona amagatsha amathathu. Kwathi eqeda nje ukubumba ayeseqhakaza, kwavela amahlukuzo amagilebhisi avuthiweyo kuwo.
11 Indebe kaFaro ibisesandleni sami; ngawathatha amagilebhisi ngawakhamela endebeni kaFaro, ngase ngimnika esandleni uFaro.”
12 UJosefa wathi kuye: “Nansi-ke incazelo yalo: amagatsha amathathu ayizinsuku ezintathu;
13 zingakapheli izinsuku ezintathu uFaro uzokuphakamisa, akubuyisele esikhundleni sakho, uzomnika indebe yakhe esandleni, njengoba wawenza ngesikhathi usengumphathindebe.
14 Uze ungikhumbule uma izinto sezikuhambela kahle, ungenzele umusa, uliphathe igama lami kuFaro, ukuze ngiphume kule ndawo.
15 Ngokuba empeleni ngathunjwa ezweni lamaHebheru, nalapha angenzanga lutho olufanele ukuba bangifake kulo mgodi.”
16 Lapho induna yababhakizinkwa ibona ukuthi incazelo ibe yinhle, yathi kuJosefa: “Nami ephusheni lami bekunamaqoma amathathu ezinkwa ezimhlophe ekhanda lami.
17 Eqomeni elingaphezulu bekukhona yonke inhlobo yokudla kukaFaro, kodwa izinyoni bezikudla kuleli qoma ebelisekhanda lami.”
18 UJosefa waphendula wathi: “Nansi incazelo yalo: amaqoma amathathu ayizinsuku ezintathu;
19 ezinsukwini ezintathu uFaro uzokunquma ikhanda, akuphanyeke esigxotsheni, izinyoni zezulu zidle inyama yakho.”
20 Kwathi ngosuku lwesithathu, okwakulusuku lokuzalwa kukaFaro, uFaro wenzela zonke izinceku zakhe idili. Waphakamisa phambi kwazo izikhulu zakhe, induna yabaphathindebe, nenduna yababhakizinkwa.
21 Wayibuyisela induna yabaphathindebe esikhundleni sayo, yabuye yanika uFaro indebe esandleni,
22 kodwa induna yababhakizinkwa wayiphanyeka, njengoba uJosefa ayebachazele amaphupho abo.
23 Nokho induna yabaphathindebe ayimkhumbulanga uJosefa; yamkhohlwa.