Genesis 36
1 Nanku umlando wezizukulwane zika-Esawu obuye abizwe ngo-Edomi.
2 U-Esawu wathatha abafazi emadodakazini amaKhanani: u-Ada, indodakazi ka-Eloni, umHithi, no-Oholibhama, indodakazi ka-Ana, indodakazi kaZibhiyoni, umHivi.
3 Wabuye waganwa nguBhasematha indodakazi ka-Ishmayeli, udadewabo kaNebhayothi.
4 U-Ada wamzalela u-Esawu u-Elifazi, uBhasematha wamzalela uRuweli,
5 u-Oholibhama wamzalela uJewushi, uJalamu noKhora. Yilawo-ke amadodana ka-Esawu awazalelwa eseseKhanani.
6 U-Esawu wathatha abafazi bakhe, amadodana akhe, amadodakazi akhe, nabo bonke ayenabo, izinkomo zakhe, yonke imfuyo yakhe, nempahla yonke ayeyithole eKhanani, wathuthela ezweni elaliqhelelene nomfowabo uJakobe.
7 Impahla yabo yayisiningi kakhulu ukuthi babengakwazi ukuqhubeka bahlale ndawonye. Izwe ababehlezi kulo lalingasabeneli bobabili ngenxa yemfuyo ababenayo.
8 U-Esawu owayaziwa ngokuthi ngu-Edomi wazinza kwelezintaba eSeyiri.
9 Nantu uhla lwezizukulwane zika-Esawu, ukhokho wabakwa-Edomi, ababehlala kwelezintaba eSeyiri.
10 Nanka amagama amadodana akhe: u-Elifazi owayezalwa ngu-Ada, noRuweli owayezalwa nguBhasematha.
11 Amadodana ka-Elifazi kwakunguThemane, u-Omari, uZefo, uGathamu noKhenazi.
12 UThimna owayeyisancinza sika-Elifazi, wamzalela indodana okuthiwa ngu-Amaleki. Laba babeyisizukulwane sika-Ada, umka-Esawu.
13 Amadodana kaRuweli, kwakunguNahathi, uZera, uShama, noMiza. Laba babeyisizukulwane sikaBhasemathi.
14 Lawa kwakungamadodana ka-Oholibhama indodakazi ka-Ana, engumzukulu kaZibhiyoni, umka-Esawu, kwakunguJewushi, uJalamu, noKhora.
15 Nazi izikhulu ezavela emadodaneni ka-Esawu: amadodana ka-Elifazi, izibulo lika-Esawu, kwakunguThemani, u-Omari, uZefo, uKhenazi,
16 uKhora, uGathamu, no-Amaleki. Yilezi-ke izikhulu ezavela ku-Elifazi kwa-Edomi zingamadodana ka-Ada.
17 Lawa ngamadodana kaRuweli, indodana ka-Esawu, isikhulu uNahathi, uZera, uShama, nesikhulu uMiza. Yilezo-ke izikhulu ezazalwa nguRuweli kwa-Edomi. Zaziyizizukulwane zika-Bhasematha.
18 Lawa ngamadodana ka-Oholibhama, umka-Esawu: kwakuyizikhulu uJewushi, uJalamu, noKhora. Yilazo-ke izikhulu ezazizalwa ngu-Oholibhama, indodakazi ka-Ana, umka-Esawu.
19 Yilolo-ke uhla lwamadodana nezikhulu ababezalwa ngu-Esawu ongu-Edomi.
20 Lawa ngamadodana kaSeyiri umHori ayehlala eSeyiri: kwakunguLothani, uShobhali, uZibhiyoni, u-Ana,
21 uDishoni, u-Ezeri, noDishani. Laba babengamadodana kaSeyiri ayebusa amaHori kwa-Edomi.
22 Amadodana kaLothani kwakunguHori noHomamu, udadewabo kaLothani kwakunguThimna.
23 Amadodana kaShobhali kwakungu-Alvani, uManahathi, u-Ebhali, uShefo, no-Onamu.
24 Amadodana kaZibhiyoni kwakungu-Ayiya no-Ana. U-Ana nguye owathola iziphethu zamanzi ashisayo ehlane, mhla eluse izimbongolo zikayise, u-Zibhiyoni.
25 Laba ngabantwana baka-Ana: uDishoni, no-Oholibhama owayeyintombazana.
26 Amadodana kaDishoni kwakunguHemidani, u-Eshibhani, u-Ithirani noKherani.
27 Amadodana ka-Ezeri, kwakunguBhilihani, uZavani, no-Akhani.
28 Amadodana kaDishani kwakungu-Uzi no-Arani.
29 Izikhulu zamaHori, kwakunguLothani, uShobhali, uZibhiyoni, u-Ana,
30 uDishoni, u-Ezeri, noDishani. Babebusa amaHori ngokwezigaba zabo eSeyiri.
31 Lawa ngamakhosi ayebusa kwa-Edomi kungakabi bikho nkosi kwa-Israyeli:
32 uBhela, indodana kaBheyori, wabusa kwa-Edomi, emzini owawubizwa ngokuthi yiDinihabha.
33 Kuthe ukuba akhothame uBhela, ubukhosi bathathwa uJobhabhu, indodana kaZera waseBhozira.
34 Wakhothama uJobhabhu, ubukhosi bathathwa uHushama waseThemane.
35 Wakhothama uHushama, ubukhosi bedlulela kuHadada, indodana kaBhedada owanqoba abakwaMidiyani esifundeni kwaMowabi. Igama lomuzi ayebusa kuwo kwakuthiwa yi-Avithi.
36 Wakhothama uHadada, kwabusa uSamila waseMasireka.
37 Wakhothama uSamila, kwathatha uShawuli waseRehobhothi ngasemfuleni.
38 Wakhothama noShawuli, kwabusa uBhali Hanana, indodana ka-Akhibhori.
39 Wakhothama noBhali Hanana, indodana ka-Akhibhori, kwase kubusa uHadari. Igama lomuzi ayebusa kuwo kwakuthiwa yiPhawu; igama lendlovukazi kunguMehethabheli, indodakazi kaMathiredi, owayeyindodakazi kaMezahabhi.
40 Lawa ngamagama ezkhulu ezadabuka ku-Esawu ngemindeni nangezifunda zawo: nguThimna, u-Alva, uJethethi,
41 u-Oholibhama, u-Ela, uPhinoni,
42 uKhenazi, uThemane, uMibhizari,
43 uMagidiyeli no-Iramu. Laba babeyizikhulu kwa-Edomi ezifundeni ababakhe kuzo, ezweni elaliyifa lazo. U-Esawu ngukhokho wabakwa-Edomi.